UNtshingila uhlaba ikhefu ekubeni wusihlalo wePurple Group
INTATHELI YOMBELE
USULILE esikhundleni sokubawusihlalo wePurple Group uMnu uHappy Ntshingila kusukela ngomhlaka-9 kule nyanga.
Loku kungenxa yokuthi usanda kuphothula izuqu zomthetho i-LLB kanti manje umatasa nomsebenzi wokuba lommeli oyithwasa nokuvimba ukuthi abewumqondisi webhodi lenkampani ngoba kuphambene ne-Legal Practice Act.
Uzobuyela ebhodini ngoSepthemba emva kokubhala izivivinyo zokugcina. Ozobamba kulesi sikhundla wuMnu uCraig Carter.
Khonamanjalo, uMnu uHamilton Luthando Mkatshana akasesona isikhulu esiphezulu se-ARM Platinum njengoba lesi sikhundla sesiphethwe wuMnu uJohan Christian Jansen obambile kuze kuqokwe isikhulu esiphezulu esisha.
Le nkampani kaMnu uPatrice Motsepe ithe uMkatshana useyisikhulu esiphezulu se-ARM Technical Services.