Uzobayibamba lesikhulu esiphezulu seStandard Bank South Africa uMnu uSim Tshabalala njengoba le nkampani isabhunga ngokuthi izosivala kanjani isikhala sikaMnu uKenny Fihla, osanda kushiya. Isithombe: Sithunyelwe

UTshabalala uzoncelisa amawele eStandard Bank

YINTATHELI YOMBELE

ISIKHULU esiphezulu eStandard Bank Group uMnu uSim Tshabalala sizobayibamba lomphathi weStandard Bank South Africa futhi simele lezi zinkampani kuwona womabili amabhodi. 

Leli bhange, elenze lesi simemezelo izolo, lithe uTshabalala uzozibamba zombili lezi zikhundla kuze kwenziwe isinqumo ngokuthi sizovalwa kanjani isikhala esivuleke ngenxa yokushiya kukaMnu uKenny Fihla oseyoba yisikhulu esiphezulu e-Absa. 

UFihla, oshiye eStandard Bank ngenyanga edlule, ubenezinyanga eziyisikhombisa ethathe izintambo kuMnu uLungisa Fuzile

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/17/i-absa-ibifihle-induku-emqubeni-ngesikhulu-esisphezulu/

UFuzile, isikhulu esiphezulu seSouth and Central Region, uqokwe ukuthi abambe izintambo zokubayisikhulu esiphezulu esengamele umsebenzi kwamanye amazwe e-Afrika naphesheya. Uzobika kuTshabalala futhi uzobayingxenye yomkhandlu wobuholi bebhange iGroup Leadership Council. 

UFihla, obeseneminyaka ewu-18 esebenza eStandard Bank, uzothatha izintambo e-Absa ngoJuni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page