Umfuyi osemncane uthuthukisa intsha ngamakhono
WUTHOBILE ZWANE
UMFUYI osemncane waseMpumalanga Kapa oyikazela iizindondo zolimo ucija abalimi bangomuso ukuqinisekisa ukuthi ayikho intsha engasebenzi.
UMnu uTshilidzi Matshidzula, oneminyaka ewu-35, usezuze inqwaba yezindondo zolimo kanti ufuna ukudlulisela ulwazi analo entsheni.
Lo mlimi, odabuka eThohoyandou, eLimpopo, kodwa osezinze eMpumalanga Kapa, Uthi nsuku zonke, ipulazi lakhe iLittle Barnet Farm elise-Alexandria, ngaseGqeberha, likhiqiza amalitha obisi angaphezu kuka-12 000 adayiswa ezitolo ezihlukene eNingizimu Afrika. Leli pulazi laqala ngezinkomo ezincane eziwu-47 nombono.
UMatshidzula uthi uhambo lwakhe lwaqala eseyithwasa lomsebenzi. Wayengenalutho ngaphandle kwe-Diploma in-Animal Production nentshisekelo. Uthi ngalesosikhathi ipulazi lalinezinkomo eziwu-47 kuphela futhi lalingasebenzi kahle.
“Ngaleso sikhathi ibhizinisi lalisaphenjwa, isimo singesihle kodwa ngabona ithuba. Ngabona ikusasa (eliqhakazile),” kukhumbula yena.
Ipulazi lakhe elingamahektha awu-342 manje selinezinkomo ezikhiqiza ubisi ezingaphezu kuka-1 600, ezikhiqiza amalitha angu-12 000 obisi nsuku zonke. Ubisi lweLittle Barnet ludayiselwa iFamous Brands, iCoastal View neShoprite.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/12/10/abalimi-abancane-baqhubeka-lapho-kwaqala-uyise-khona/
Uthi ukufuya kwakungeyona into akhule ezitshela ukuthi uzoziphilisa ngayo. “Uma ngikhuluma iqiniso, ukufuya kwakungewona umsebenzi wokuqala engiwukhethayo. Bengingathanda ukungena kwezinye izinto, njengobunjiniyela noma ubudokotela. Nokho, umngani wami esikhule naye ophumelele wangikhuthaza futhi wangiqinisekisa ukuthi empeleni ngingakwazi ukwakha ikusasa elihle ngezolimo futhi angizisoli ngaloko,” kusho uMatshidzula.
Ngo-2004, waphothula i-Diploma in Animal Production eTshwane University of Technology ePitoli. Ngemva kwaloko wenza i-BTech Degree in Agricultural Management e-University of South Africa.

Imfuyo yeLittle Barnet Farm ekhiqiza ubisi lwekhethelo
Kungakapheli unyaka wafika eLittle Barnet Farm. Wagcina ethenjwa ukuthi aphathe ibhizinisi. Waqhuba umsebenzi ngombono ocacile, walishintsha ibhizinisi.
Ngeminyaka emibili, uMatshidzula namalungu amabili baletha amanye amalungu ukuze bathole ubunikazi obugcwele bebhizinisi.
“Ngo-2011 ngathola ithuba lokuthenga amasheya ebhizinisini. Ngaleso sikhathi lalinamalungu awu-22. Sakwazi ukuthenga amasheya awu-20, kwasala amabili esisebenzisana nawo manje. Ipulazi lalidinga sibenombono ocacile futhi ngazitshela ukuthi ngizosebenza ngokuzikhandla ukuze siphumelele,” kulanda yena.
Lo mfuyi waqopha umlando ngokuba wumuntu omnyama wokuqala ukuklonyeliswa ngendondo i-Eastern Cape Young Farmer of the Year Award kabili.
Ipulazi manje seliqashe abantu abasha abaningi. Linezisebenzi eziqashwe ngokugcwele eziwu-16, kube nezetoho namathwasa. UMatshidzula usecije abafundi basenyuvesi abayisishiyagalombili abasuke bezoqeqeshelwa umsebenzi.
Phakathi kwezinselelo abhekana nazo, uthi wukuyala abantu abadala abakade bafika ebhizinisini njengoba abanye bengafuni ukutshelwa.
“Ukushintsha imiqondo yezisebenzi ezindala kunami ukuthi sekukhona izindlela ezintsha zokusebenza manje kubayinselelo nokubashintsha umqondo wokuthi yize umncane kodwa uwumholi futhi kufanele bakuthembe kuyinselelo enkulu,” kusho yena.
Ucebisa umuntu ofisa ukuqala ibhizinisi lokufuya ngokuthi angaqala uma enothando. “Noma wubani onentshisekelo ngezolimo, ozimisele ngokufunda, angangena futhi abewumlimi osezingeni eliphezulu ngokululekwa ngendlela efanele. Baningi abalimi abamnyama abenza kahle. Loku kuwubufakazi bokuthi noma wubani angabawumlimi,” kusho yena.
UMatshidzula uthi isifiso sakhe wukukhula kuleli bhizinisi kanti wenza isiqinisekiso sokuthi uyatshala kubantu nasebhizinisini.
Facebook: Tshilidzi Matshidzula