UNksz u-Aviwe Mtolo, umsunguli weYemihla Beauty Spa yaseThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Babhucabhucha abantu lapho bekhona Mihla yonke

WUTHOBILE ZWANE


INTOKAZI yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yaqala ibhizinisi lokubhucabhuca abantu ngoba inothando lokubona abantu abasebenza kanzima bejabulile, bekhululekile futhi benethazekile.

Umsunguli weYemihla Beauty Spa uNksz u-Aviwe Mtolo, oneminyaka ewu-22, uthi ngesikhathi eqala ibhizinisi lokubhucabhuca umzimba ngonyaka odlule wayengacabanganga ukuthi esinye sezifundo esikhulu ayezozifunda ngebhizinisi sasiyovela ngabantu abathemba kakhulu.

Uthi wayelindele ukuthi amakhasimende akhe amakhulu kuzoba ngabangani nomndeni. Akuthathanga sikhathi washeshe wabona ukuthi akusibona bonke ababethakasela impumelelo yakhe.

Ithi igama lebhizinisi lisuka esiXhoseni ekutheni “Yonk’ imihla yemihla”, okusho ukuthi “zonke izinsuku”, ukubonisa ukuxhumana okujulile kwakhe noNkulunkulu nokhokho bakhe ukumkhumbuza ukuthi isinyathelo ngasinye salolu hambo siqondiswa okukhulu kunaye. Kumayelana nenhloso, ukuphulukisa nokushiya okuhle okuzohlala njalo.

UNksz uMtolo, owenza izifundo ze-Beauty and Thereapy eKZN Beauty Training Institute, uthi eYemihla ababhucabhuci umzimba kuphela kodwa benza ne-facial, i-body scrub, imicimbi yezingane nama-picnic.

Uthi abanye abangani babemngabaza, abanye bayishaya indiva imizamo yakhe. Ngesikhathi engasekwa ngabantu abaziyo kwavele kwanda amakhasimende angabantu angabazi.

“Kusukela lapho ngangazi ukuthi impumelelo yami izokwakhiwa phezu kokuxhumana kwangempela nabantu nangomsebenzi wami osezingeni eliphezulu nenkolelo engapheli kimi. Uthando lwami lobuhle nempilo lwaluhlale lukhona,” kukhumbula yena.

Amakhasimende ebhucabhucwa eYemihla Beauty Spa

UNksz uMtolo uthi ukuqala ibhizinisi akubangalula kanti inselelo enkulu kwaba wukuthola usizo lokuqala ibhizinisi nezinsiza. Wayenekhono, umbono nogqozi kodwa engenamali, isifiso sakhe sacishe sashabalala.

Ngenhlanhla uthi nina wamsiza. Uthi unina owayekholelwa kuyena akamyekanga waphosa ithawula. Wamnika usizo lwemali, okwamnika umfutho ayewudinga ukuqala.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/18/udle-ngebhizinisi-elingandile-kubantu-neligxile-kodado/

Uthi eqala wayazi ukuthi akafuni ukuphoxa unina, waqinisekisa ukuthi kufanele aphumelele.

Embonini egcwele ama-salon nama-spa, uthi bona okwenza i-spa yakhe ihluke wukuthi baya kumakhasimende. Esikhundleni sokuthi amakhasimende enze isikhathi ezinhlelweni zawo ezimatasa ukuze aye e-spa, yena nethimba lakhe bafika amakhasimende ekhona. Ngale ndlela benza impilo ibelula kubantu.

“Umsebenzi wethu (awugcini ngokufinyelela kubantu kalula) kodwa umayelana nezinga eliphezulu esibanika lona. Isikhathi nesikhathi esinikwa ikhasimende siqinisekisa ukuthi lizizwa likhethekile ngemikhiqizo esezingeni eliphezulu esetshenziswayo, amasu okuzinakekela avela kongoti nolwazi oluthinta impilo, olungagcini nje ngokugxila kwezobuhle,” kusho uNksz uMtolo.

Uthi umvuzo omkhulu akukona nje ukwenza inzuzo kodwa wukubona umphumela omuhle womsebenzi wakhe.

“Ukusiza umakoti aphumule ngaphambi kosuku olukhulu kunazo zonke empilweni yakhe, ukunika umama osebenza kanzima umzuzu ongavamile wokuthula nokuzinakekela, ukuletha ukukhululeka kwingcindezi (kumuntu osebenzayo) ongasitholi isikhathi sokuphumula (yinto enkulu),” kuchaza yena.

Njengoba ibhizinisi likhula nezidingo ziyakhula. UNksz uMtolo usenezisebenzi ezintathu athi zinekhono elifanele lalo msebenzi nongoti onolwazi oludingekayo.

Eluleka abafisa ukungena ebhizinisini uthi: “Gxila kofuna ukukufeza. Sebenza kanzima futhi ungayeki ukuzethemba. Izinselelo zizofika kodwa ukuphikelela kumqoka. Akuwona wonke umuntu ozokweseka. Amakhasimende akho azoba ngabagqugquzeli bakho abakhulu. Yenza izinqumo ezimqoka, funda emaphutheni, uqhubeke nokuphokophela phambili,” kucebisa uNksz uMtolo.

Facebook: Yemihla Beauty Spa

Instagram: Yemihla Beauty Spa

TikTok: Yemihla Beauty Spa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page