Ukubheduka kwamatele kuzophazamisa uhwebo – ingqapheli
WUBONISWA MOHALE
UMA kubheduka amatele ezweni loku kubikwa enhlanganweni eyengamele impilo yezilwane iWorld Organization for Animal Health (iWOAH). Ukubheduka kwawo kuzophazamisa uhwebo njengoba amazwe ahwebelana nezwe okusuke kubheduke amatele kulona angamisa inyama evela kulelo zwe elinalesi sifo.
UmNyango wezoLimo eNingizimu Afrika usubeke umthetho wokuthi izinkomo nenye imfuyo enezinyawo ezine evela ezifundeni ezinamatele eKwaZulu-Natali, eMpumalanga Kapa, eLimpopo naseMpumalanga zihlale lapho zikhona ukuze zingasabalalisi lesi sifo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/25/kunxuswa-abantu-ngokuthutha-izinkomo-kubheduka-amatele/
Sixoxa noMbele isazi somnotho wezoLimo eFNB uMnu uPaul Makube sithe ukubheduka kwamatele kuzophazamisa uhwebo ezifundeni ezinawo ngoba abalimi ngeke besakwazi ukuyodayisa izilwane endalini.
“Kubalulekile ukuthi abalimi balandele umthetho wokuthi izilwane ezithintekayo zingaphumi endaweni enamatele. Loku kuyasiza ukuthi amatele angabhebhetheki. Khumbula ukuthi uma kubheduke amatele kufanele kulandelwe umthetho i-Animal Diseases Act wango-1984, isigaba 35 salo mthetho esiphoqa ukuthi izilwane zesifunda esithintekayo zingaphumi kuso.
“Kubikelwa futhi neWOAH, okusho ukuthi namanye amazwe esihwebelana nawo asuke azi ngokwenzayo. Amanye angase avimbe imikhiqizo yethu kodwa kufanele siwulandele lo mthetho,” kusho yena.
UMakube uthe ukugoma izilwane ukunqanda namatele kubalulekile kodwa ukuze alawuleke kufanele kungabikhona izilwane zendawo enalesi sifo eziya kwezinye izindawo ngoba loku kuyasiza.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/11/umnyango-wezolimo-ekzn-uqinisa-umkhankaso-wokunqanda-amatele/
Ukhale ngokuthi uma umthetho wokuthi izilwane zingaphumi endaweni enesifo izitshwa kuzokwenza ukuthi siqubuke kwezinye izindawo.
Mayelana nokuthi lesi sifo singalawulwa kanjani ukugwema ukubheduka kwaso ngomuso, uthe kufanele kulandelwe umthetho wokuthi izilwane ezigulayo noma zendawo esinamatele zingayi kwezinye.
Uthi abalimi kufanele basukumele phezulu uma bebona izimpawu zamatele emfuyweni yabo. Lapha kubalwa amathe eqile esilwaneni, izilonda emlonyeni, ukuxhuga, izilonda emanqineni.
“Abalimi kufanele babikele udokotela wezilwane womNyango wezoLimo uma izilwane zabo zinezimpawu ezibaliwe. Akufanele zisuswe lapho zikhona, kufanele zinakekelwe. Uma bekusanda kufika izinkomo, iziklabhu noma izimbuzi kufanele zibekwe endaweni yazo zodwa zingahlangani nezilwane ebezivele zikhona, okungenani izinsuku eziwu-28,” kululeka uMakube.
Abalimi uthi kufanele bathenge izilwane ezindaweni ezingenamatele noma ezinencwadi esayinwe wudokotela wezilwane kahulumeni efakazela ukuthi aziguli.
Umkhulumeli wenhlangano yabafuyi nabalimi Ubumbano eyengamele abalimi kusuka entshonalanga yaseThekwini kuya eMpendle uNkk uLungi Mthembu uthe yize amatele engakafiki ngakubona kodwa lesi sifo siphazamisa impilo yabalimi.
“Uma indawo ike yagagulwa ngokuthi ihlaselwe ngamatele abalimi abakwazi ukudayisa imfuyo, okusho ukuthi iyancipha imali ebangenelayo. Bekungakuhle ukuthi uhulumeni uqinise ukusebenza kwamadiphu. Kufanele bahlole izinkomo njalo, bazidonse negazi ukuze ezinamatele zigonywe zingakaguli,” kusho yena.
Uthe manje uhulumeni ungena sesibhedukile isifo ekubeni kufanele imfuyo igonywe kuhle kwezingane ukuze kungabheduki amatele njalo.
Okungenziwa ukunqanda amatele:
Kufanele kuqashelwe amankonyane, anikwe umgomo ofanele futhi kubhekwe ukuthi aqinile yini ukumelana namatele.
Izilwane akufanele zihlangane ngamakhala noma zincikane noma ngabe zisepulazini elilodwa noma sezingaphandle;
Abafuyi kufanele baqinisekise ukuthi amapulazi abo noma izindawo ezihlala izilwane zivaleke kahle futhi akufanele kungene abantu abaningi nezimoto;
Qinisekisa ukuthi abasebenza ngezilwane noma epulazini abahlangani nezilwane zangaphandle;
Izinkomo kufanele ziyiswe njalo ediphini futhi zihlolwe ngesikhathi esinqunyiwe;
Abafuyi kufanele baqinisekise ukuthi balandela imithetho yokuvikela izilwane, bazigome njalo ukugwema ukuthi zitheleleke ngezifo;
Kufanele kuqashelwe amankonyane, anikwe umgomo ofanele futhi kubhekwe ukuthi aqinile yini ukumelana namatele.