UMnu uDimpho Xaba, umsunguli weThusanang Bakone yaseBrits, eNorth West. Izithombe: Zithunyelwe

Umfuyi osemncane utshala izindlela zesimanje embonini

WU-EXCEL FONGOMA 


UKUKHULELA edolobheni elincane iBrits, eNorth West, ezolimo zaziyingxenye ebalulekile yempilo yakhe yansuku zonke nokokhela inhlansi yokulima kuye.

Umnikazi weThusanang Bakone Group uMnu uDimpho Xaba uthi ngo-2009 wathatha isinyathelo sakhe sokuqala ekufezeni izinhlelo zakhe zokubawumlimi ophelele ngokuyokwenza iziqu zolimo. Wabhalisela i-Diploma in Agriculture eTshwane University of Technology (eTUT), ayiphothula ngo-2011.

Walandelisa nge-Bachelor of Technology ngo-2012 ne-Master of Technology ngo-2020 zonke lezi ziqu bezigxile kwezolimo. Ngokuhamba kwesikhathi wathola ulwazi olunzulu ngokusebenza epulazini lenyuvesi leTUT, okwamnika amava kwezolimo.

Uthi ukusungula inkampani kwabawukungena ngokusemthethweni kwakhe ebhizinisini lezolimo. Igama lenkampani elithi Thusanang Bakone Group lisho ukuthi sizanani Bakone, kanti inhloso yebhizinisi wukwenza ezolimo zihambisane nesikhathi samanje. 

Ukusebenza ngokuzikhandla kumsizile ngoba ngo-2022 wathatha isinyathelo sokukhula nokuphumelela embonini wathola ipulazi lakhe.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/28/umlimi-omncane-uhamba-endimeni-eyaklanywa-wumsunguli/
“Ukubawumlimi wokuqala emndenini akulula ngoba usuke ungenamali oyibekile, ungazi muntu embonini yolimo nabanye abangakulekelela. Loku kubayinselelo enzima. Abalimi nezinye izinhlaka ezikule mboni bebengingabaza, bevame ukungithatha njengomuntu osemncane noma ongenawo amava,” kusho yena.

Useqashe abantu abane abanamakhono adingekayo ukusiza ukukhulisa ibhizinisi futhi basekane kule njongo. 

UXaba uthi ubuchwepheshe buletha ushintsho olufanele kwezolimo

“Inhloso yethu icacile. Wukwenza ezolimo zihambisane nesikhathi samanje, zikhange kakhulu entsheni futhi ziguqule imboni,” kusho yena.

Ngokuvamile, imboni yezolimo yaziwa njengemboni yokugugela, kwazise abantu abavame ukulima ngabadala noma asebethathe umhlalaphansi. Manje abalimi abasha sebeyawushintsha lowo mqondo. Abantu abasha basebenza ngezindlela ezihlukene ezihlanganisa ubuchwepheshe nolimo. Beza nezindlela ezintsha zokusebenzisa izitshalo njengoba bengagcini nje ngokuzidayisa zinjalo kodwa benza okunye ngazo i-agro-processing nobuchwepheshe obuzenza samuntu.

Ezolimo zidala u-19.26% wemisebenzi eNingizimu Afrika futhi ziyaqhubeka nokukhula ngaphezu kwezinselelo ezisemnotho wezwe. Ngokohlelo i-Youth Agriculture and Rural Development, uXaba nethimba lakhe bazinikele ukukhuthaza ukulima entsheni. 

Uthi basebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhombisa ubuhle bezolimo, begqamisa ubuhle bokusebenzisa ubuchwepheshe namandla abo okuguqula imboni.

Uthi imihlangano yokucobelelana ngolwazi nemicimbi yokuxoxisana nabantu ababambe iqhaza isiza ukwabelana ngamathuba kulo mkhakha, ikhuthaza abantu abasha ukuthi bathakasele imisebenzi yokulima.

Ingxenye ebalulekile yesu labo ihlanganisa ukucija abantu abasha ngamakhono afanele. Kusukela ngo-2017 bebekhipha imali esiza abafundi nezitshudeni okufanele zithole iziqu. Bebesizwa ukuqhubeka nezifundo futhi bathole ulwazi lomsebenzi olubalulekile. 

Ngokusiza abafundi ngemali yokuqhuba izifundo zabo, uXaba ukholwa wukuthi uzokwakha izisebenzi ezinamandla nekhono lokubhekana nezinselelo zezolimo ngomuso. 

“Intsha eningi esiyisekayo isithole imisebenzi ezinkampanini ezinkulu zezolimo noma yaphumelela ukusungula amabhizinisi ayo ezolimo,” kusho yena.

Umkhakha wezolimo ubhekene nezinselelo ezifana nokuguquguquka kwesimo sezulu, izindleko eziphezulu nokucwaswa kodwa uyaguquka ngohlelo lwe-agro-processing. Lolu hlelo lwezolimo olusafufusa lunika abalimi abasebasha amathuba okwenza imikhiqizo engenisa imali eningi njengezithelo, uju nesoya. 

“Uma sibheka phambili, inhloso wuqinisekisa ukuthi kunokuzinza embonini futhi kwandiswe ukukhiqiza imbewu nokusanhlamvu kusetshenziswa ubuchwepheshe obufana nama-drone nogandaganda abazishayela bona.”

Facebook: Ndlela Xaba 

Instagram: @dimpho_xaba 

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page