UNksz uThandi Dlamini, umnikazi weThandi's Fresh Produce yaseClairwood, eThekwini, KwaZulu-Natali, edayisa amaveji nezithelo kwekhethelo. Izithombe: Zithunyelwe

Onothando lwebhizinisi unemakethe yakhe engqangqayo

WUTHOBILE ZWANE

USEBENZISE ulwazi nothando analo ngezithelo namaveji ukuzivulela ibhizinisi elidayisela abadayisa emigwaqweni yaseThekwini nezitolo zokudlela nezidayisa igrosa.

UNksz uThandi Dlamini wasungula iThandi’s Fresh Produce ayisungula ngo-2017. Leli bhizinisi liseClairwood, eThekwini, KwaZulu-Natali, kanti lihlinzeka izinhlobonhlobo zemikhiqizo yamaveji nezithelo. 

“Sithola imikhiqizo yethu kubalimi bendawo nezinye izinhlaka ukuqinisekisa ukuthi umkhiqizo uhlala usezingeni eliphezulu,” kusho yena.

Amaveji akhangayo eThandi’s Fresh Produce

UNksz uDlamini uthi ukuqala nokukhulisa ibhizinisi lakhe kubeyinto eyinselelo kodwa enomvuzo. 

“Ekuqaleni ngabhekana nezinselelo ezifana nezinsizakusebenza, ukuncintisana okukhulu nemithetho elawula imboni. Nokho ngokusebenza kanzima, ukuzimisela nokufunda ngakwazi ukunqoba lezi zinselelo,” kusho yena.

Manje izinselelo asebhekene nazo ezinkulu wukuphazamiseka kwezokuthutha, izinkinga ezibhekana nabantu abathutha izimpahla, ukushintsha kwezinto emakethe nokuthola okuthandwa ngabathengi kakhulu.

U-lettuce wekhethelo weThandi’s Fresh Produce

“Sinamakhasimende kuyo yonke indawo okubalwa abahwebi basemgwaqweni, izindawo zokudla, izitolo zegrosa nabantu abasuke bezithengela nje amaveji nezithelo,” kusho yena.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/18/umlimi-osemncane-ushintsha-ukulima-kwelakubo/

Okwenza iThandi’s Fresh Produce ihluke kwamanye amabhizinisi encintisana nawo uthi wukuzibophezela ekugcineni isivuno esezingeni eliphezulu, esihlale sibukeka kahle nokuthi uthanda ukusimama. Uthi babeka phambili ubudlelwano babo nabantu abathenga imikhiqizo kubona ukuze bakwazi ukubahlinzeka ngomkhiqizo wekhethelo.

“Engikuthanda ngebhizinisi lami wukuthi lingivumela ukuthi ngenze okuhle emphakathini wami futhi ngifake isandla ukusimamisa umnotho wendawo. Ngijabulela nenselelo yokuqhubeka nokukhulisa futhi ngilungise ibhizinisi lami ukuze lifeze izidingo eziguqukayo zamakhasimende ami,” kusho yena.

Uqashe ithimba lezisebenzi eziyisithupha njalo uma ibhizinisi livulile bese eba neziyishumi eziyitoho eziza uma kunesidingo. Uthi izisebenzi zakhe zizinikele ukuqinisekisa ukuthi amakhasimende athola imikhiqizo esesimweni esihle ngaso sonke isikhathi. 

Iseluleko sakhe kumuntu ofisa ukuqala ibhizinisi wukuthi azilungiselele ukusebenza kanzima, athathe amathuba ngobuhlakani futhi aqhubeke nokufunda nokubhekana nezimo ezimficayo kulowo mkhakha angene kuwo. Kubalulekile futhi ukwakha ubudlelwano nabanye abantu ukuze umuntu athole ukusekwa okufanele, njengokuthola kubeluleki, abantu asebenzisana nabonomndeni.

UNksz uDlamini ufisa ukuthi iThandi’s Fresh Produce yandise umkhiqizo wayo, itholakale ezinkundleni eziningi zokuxhumana futhi ibenezimakethe ezintsha. 

“Into engijabulisayo wukukhula kwebhizinisi lami. (Izindaba) ezintsha wukuthi ngithole amahekthare awu-21 omhlaba wokulima, okuzosenza sikwazi ukunika amakhasimende ethu umkhiqizo esizitshalele wona. Sizodala namanye amathuba omsebenzi emphakathini,” kusho yena. 

Facebook: Thandi’s Fresh Produce

X: Thandi’s Fresh Produce

Instagram: @thandi_s_freshproduce

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page