Ibhungu laqala oKuhle ukubalekela ukujika nelanga
WUTHOBILE ZWANE
NGEMVA kokungalutholi usizo lwemali yokufunda esikhwameni esisiza izitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme iNational Student Financial Aid Scheme (iNSFAS), insizwa eyayisanda kuphasa uMatikuletsheni ayizange ihlale ekhaya kodwa yafikelwa umbono wokuqala ibhizinisi lokhwakha amakhabethe abizwa ngama-pedestal.
Kunokubhuquza ekhaya, uMnu uKuhle Nongwe, oneminyaka ewu-22, waseKapa, eNtshonalanga Kapa, usungule iGuga Cabinets eyenza amakhabethe asekhishini nasemakamelweni.
“Ngaqala ibhizinisi njengendlela yokuziphilisa emva kokuthi iNSFAS ingangixhasanga. Nganginqena ukuhlala ekhaya ngingenzi lutho, ngase ngibuka omunye umlisa waseCongo owenza lo msebenzi. Uyena owangifundisa ukuthi wenziwa kanjani, ngafunda,” kulanda yena.
Uthi njengoba ibhizinisi likhula, ziningi izinselelo ahlangabezana nazo kodwa uyakwazi ukubhekana nazo.
“Kuleli bhizinisi kubalulekile ukubanothando lomsebenzi, wazi ukuthi impumelelo akuyona eyebhizinisi kuphela kodwa ngeyomphakathi wonke. Ngesikhathi ngiqala ibhizinisi bengifuna ukukhombisa uthando nokuletha ithemba, ikakhulu ezinganeni. Ngibakhombisa uthando abantu abangisekayo ngokubuyisela emphakathini,” kusho uNongwe.

Umsebenzi wobungcweti weGuga Cabinets usuphelile
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/26/owazifundisa-ubungcweti-kuyoutube-ufeza-iphupho-elidala/
Uthe minyaka yonke unikela ngezincwadi zesikole kubafundi abaswele. Kuye imfundo iyisisekelo sekusasa elingcono. Uthi akukho ngane okufanele isale ngoba ishoda ngezinto eziyisisisekelo.
“Ngiyazi ukuthi kunjani ukuzizwa ubambekile, ukuba namaphupho abonakala engafezeki. Uma ngingasiza noma yingane eyodwa ukuthi ihlale esikoleni, ibenethemba ngekusasa layo, ngiyazi ukuthi kukhona umehluko engizowenza,” kusho uNongwe.
Uthi amakhasimende akhe ngabantu ikakhulu baseKhayelitsha, eNyanga, iKapa yonke kanti uyakwazi ukuthuthelana izimpahla uma uhlala kude.
Amakhabethe asekamelweni aqala kuR1 800 kuya kuR3 400 kanti yiwona athengwa ubuthaphuthaphu. Uthi uhlale ematasa ngazo zonke izinsuku.
Okwamanje akanazo izisebenzi kodwa usalekelelwa wumfowabo kodwa maduzane uhlela ukuqasha izisebenzi ezimbalwa uma esethole indawo enkulu yokusebenzela.
Ucebisa abafisa ukuqala ibhizinisi ngokuthi uma befisa ukuqala okuthile baqale, bazimisele ukuthi kuzobayimpumelelo, nakanjani bazophumelela.
Ngezinhlelo zangomuso, uzimisele ukudala amathuba omsebenzi futhi aqhubeke abuyisele emphakathi wangakubo.
Facebook: Guga Cabinets
Instagram: Kuhle Nongwe