Izisebenzi ezisembonini yokwakha nasemafemini ezihola kancane kuthiwa akufanele zithole imali engaphansi kukaR28.79 ngehora. Isithombe: yiFreepik

Uyanyuka umholo wangehora omncane osemthethweni

WUBONISWA MOHALE 

KUZOQHILIKA izihlathi kwizisebenzi eziwu-6 million eziholelwa imali encane njengoba imali yazo isinyukile isuka kuR27.58, yaya kuR28.79 ngehora. 

Loku kusho ukuthi izisebenzi zasezindlini, ezasemaplazini nezinye eziholelwa umholo omncane sezizohola uR1 295.55.

Isibonelo unogada osebenza edolobheni ngokomthetho akufanele ahole ngaphansi kukaR28.79 ngehora. Njengamanje unogada osebenza edolobheni uhola uR31.59 ngehora, okusho ukuthi ngenyanga uzohola uR5 613.62. 

Izisebenzi ezihola kancane kubalwa ezihlanza izindlu, ezasemapulazini, ezisebenza efemini, ezinkontilakeni, ezitolo, ezindaweni zokuvakasha, ezithutha izimpahla nezinye.

Le mali ungqongqoshe womNyango wemiSebenzi uNks uNomakhosazana Meth uthi kufanele abasebenzi baholelwe yona kusukela ngomhlaka-1 wangoMashi 2025. 

Isikhulu esiphezulu senhlangano yabaqashi iNational Employers’ Association of South Africa (iNeasa) uMnu uGerhard Papenfus uthi ukubeka umholo omncane osemthethweni akufanele ukusebenza ezweni elinomnotho osakhula njengeNingizimu Afrika.

“Ukugxambukela kukahulumeni ezindabeni zebhizinisi kwenza izisebenzi zilindele amaholo athile angahambisani nokwenzeka emazingeni aphansi. Uhlelo lokubeka umholo omncane luzonyusa isibalo sabantu abangasebenzi, kuzoncipha namahora okusebenza kanti abanye abaqashi ngeke bawulandele lo mthetho wamaholo,” kusho uPapenfus esitatimendeni esithunyelwe abezindaba. 

Uthe iNeasa ihambisa nokuthi abasebenzi baholelwe ngokwamakhono abanawo, bancintisane ngemisebenzi ngoba loko kugqugquzela ukuthi bahlome ngamakhono amasha ukuze bezohola kahle.

Umfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions (iCosatu) ithi ukunquma umholo omncane  kuzokhipha izisebenzi enhluphekweni kuqinisekise ukuthi umholo awuhambi wonke.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/18/kudaleke-imisebenzi-ewu-130-000-ngekota-yokugcina/

Umkhulumeli weCosatu ezindabeni zasePhalamende uMnu uMatthew Parks utshele Umbele ukuthi ukubeka umholo omncane osemthethweni kwenza umehluko ngoba seloku kwabakhona ngo-2019 izisebenzi zithola imali engconywana.

Ukhale ngokuthi kudala izisebenzi zasemapulazini nasezindlini beziholelwa imali encane kakhulu, ezinye zinikwa ngisho uR6 ngehora kodwa manje nazo sezizohola uR28.79 ngehora.

Ugxeke abaqashi abawu-45% abangaholeli izisebenzi ngokomholo omncane obekiwe, wathi akwamukelekile loku abakwenzayo.

Uthe bayaqhubeka nokuxoxa nomengameli uMnu uCyril Ramaphosa, umNyango weziMali. owokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu nowemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda ukuthi kunyuswe imali yezisebenzi eziqashwe ngokohlelo i-Community and Expranded Works Programmes ukuze nazo zizohola kahle. Okwamanje lezi zisebenzi ziholelwa uR15.83 kanti ngeke unyuswe. 

U-Parks uthe ufuna kuqashwe nabaphenyi bomNyango wezeziSebenzi abawu-20 000 ukuqinisekisa ukuthi imithetho evikela izisebenzi iyasebenza ezinkampanini ezihlukene. 
Ugqugquzele ukuhulumeni ukuthi ufukule umnotho, ulungise ingqalasizinda ukuze osomabhizinisi abahleli phezu kwezindodla zemali batshale imali ezweni bese kudaleka imisebenzi ebuyisa isithunzi kubantu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page