UMnu uNthakgwane Makuwa, umnikazi weMakuwa Latest, ipulazi lamaveji eliseDennilton, eLimpopo. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi omncane uhamba endimeni eyaklanywa wumsunguli wepulazi

WUTHOBILE ZWANE

EDOLOBHENI iDennilton, eLimpopo, kunepulazi elibhekane nezinselelo eziningi kodwa manje eselichuma njengoba likhula ngamandla unyaka nonyaka. IMakuwa JJ Farming, kodwa esibizwa ngeMakuwa Latest, yipulazi elingamahekthare awu-40 kanti liyifa elashiwa wumsunguli walo uMnu uJJ Makuwa ongasekho. 

Walisungulela ukuthi litshale ukudla futhi livule amathuba omsebenzi emphakathini. Manje seliphethwe yindodana yakhe uMnu uNthakgwane Makuwa, umnikazi weMakuwa Latest ebhaliswe ngo-2017. 

Uthi kuyise wafunda ukubaluleka kokusiza abaswele. Lo mlimi, oneminyaka ewu-34, uthi ngemva kokushona kukayise ipulazi lathwala kanzima futhi ikusasa lalo lalingacacile.

Uthi ekuqaleni ipulazi lalitshala ukolweni, i-barley nobhontshisi omhlophe kuphela kodwa yena wayenombono wokunye. 

UMakuwa, oneziqu i-Electromechanical, wathatha umsebenzi wasepulazini ngoba ezimisele ukuqhubeka nomsebenzi owaqalwa uyise.

Ngenxa yokuzikhandla kwakhe, uthi ipulazi selandise izitshalo zalo kubalwa ubhontshisi oluhlaza, iklabishi, i-okra, utamatisi nopelepele. 

Uthi namuhla, ipulazi lihlukaniswe izingxenye ezinhlanu, ukotini, amahekthare awu-7.5 kakolweni, i-barley, ubhontshisi omhlophe, amahekthare amabili yihubbard squash nehekthare elilodwa lesipinashi.

“Lesi sinqumo engasithatha, kwakuyindlela yokunqanda ukuthi ipulazi lingawi. Ibhizinisi ngalibhalisa kabusha ngegama elisha iMakuwa Latest ngaphansi kwenkampani kababa. Ukuthuthukisa ulwazi lwami lokulima ngisanda kuthola isitifiketi sokukhiqiza izitshalo ngohlelo lwe-Agriculture Research Council,” kusho yena.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/17/umlimi-wesifazane-wathekela-kumyeni-wakhe/

Ngo-2019, uMakuwa uthi wanqoba ubunzima obukhulu ngosizo lweNational Youth Development Agency, eyamxhasa ngoR49 000.

Esinye isitshalo esichumayo eMakuwa Latest yiklabishi elikhephuzelayo

“Ngashintsha amapayipi ensimbi, ngafaka awepulastiki. Ukuphatha ipulazi kwakungelula nhlobo, amaklabishi ayefa, i-barley yayishabalala ne-butternut, isipinashi no-betroot,” kukhumbula yena. 

Ngaphezu kwalobu bunzima, uthi ugqozi lwakhe aluzange luphele. “Ithuba lokwakha amathuba omsebenzi nokwenza umehluko omuhle empilweni yabantu yikona okungikhuthazayo,” kusho uMakuwa.  

Useqashe izisebenzi ezinhlanu ngokugcwele bese kuba eziwu-12 ezesikhashana ngesikhathi sokuvuna. 

Namuhla leli pulazi lihlinzeka ngezinhlelo zokuphakela izingane ezikoleni, iChoppies Supermarket, nezimakethe zamaveji eTshwane, eGauteng, naseWitbank, eMpumalanga. Isifiso sakhe wukwandisa umsebenzi wokuthuthukisa amakhono okulima.

  • Facebook: Makuwa JJ Farming
  • Instagram: agriculture_and_young

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page