UKhanyisela umphakathi nesizukulwane esizayo
WUTHOBILE ZWANE
ENKABENI yeNanda, eThekwini, KwaZulu-Natali, kunentokazi esizimele futhi enebhizinisi elivelele. Useyisibonelo esihle kontanga bakhe ngokuzimisela nokushintsha izinselelo zibe ngamathuba.
UNksz uNontobeko Msomi, oneminyaka ewu-31, uthi ngo-2020 ngesikhathi se-COVID-19, wabona ithuba waqala ibhizinisi lokudla, iSiyakhanya Food and Lifestyle. Okwaqala ngokudla kwesintu, okunjengomgxabhiso nedombolo, manje sekukhule kwayibhizinisi eliphumelelayo nelihlinzeka emicimbini emikhulu.
“Igama elithi Siyakhanya lichaza ukukhanya engikwakhayo nezingane zami, okuyizona ezingikhuthazayo ukuthi ngiqhubekele phambili futhi nginethemba lokuthi zizoqhubeka naleli fa ngelinye ilanga,” kusho yena.
ISiyakhanya Food and Lifestyle iqashe izisebenzi ezimbili ezisebenza ngokugcwele kanti kukhona eziyishumi eziyitoho asebenza nazo ngemicimbi emikhulu.
UNksz uMsomi uneziqu i-National Diploma kwi-Health Care & Technology. Uyaqhubeka nezifundo njengoba enza i-Community Psychology e-University of South Africa.
Ngaphandle kothando lokupheka, uthi unothando ngezempilo yengqondo.
Minyaka yonke uhlela umcimbi “iHike, Eat & Vent”, lapho abantu behlangana khona ukujabulela ukudla abaphekele kona, bakhulume ngezinkinga zabo zempilo futhi banikane ithemba.
“Ngikholwa wukuthi njengoba sinakekela imizimba yethu kubalulekile nokuthi sinakekele nezingqondo zethu, ngoba ingqondo yiyona esenza siqhubekele phambili nempilo,” kusho yena.

Ukudla kwesintu kweSiyakhanya Food and Lifestyle
UNksz uMsomi uthi ukuqala ibhizinisi bekungelula, kudingeke ukuthi abe nesineke futhi asebenze kanzima ukuze afike lapha ekhona namuhla. Uthi yize engakaze athole usizo ngokukhulisa ibhizinisi lakhe kodwa uqhubeka nokuthenga izinsizakusebenza ngenzuzo ayitholayo.
Ukhuthaze abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi baqinise kwabakuthandayo, bazimisele ukusebenzela ukufeza izifiso zabo.
Isifiso sakhe wukukhulisa ibhizinisi ukuze andise izindawo zokudla kwesintu nenkampani yemicimbi ezoqasha intsha endaweni.
- Tiktok: @YourComfortFood10
- Facebook: Your_Comfort_Food_By_Ntobe
- Instagram: @Your_Comfort_Food_By_Ntobe