Umlimi osemusha uhlakulela impumelelo
WUTHOBILE ZWANE
ESIGODINI esithulekile iMhlwazini, eBergville, KwaZulu-Natali, owesilisa osemncane uqala usuku ngokuhlola amasimu akhe agcwele isipinashi, amaklabishi, utamatisi namazambane.
UMnu uMxolisi Nzimande, oneminyaka ewu-30, useguqule uthando lwakhe lokulima lwaba yibhizinisi elibizwa ngeSbongsbonelo Veggie Produce Farming Projects, elaqala ngo-2018.
Ikhiqizela izikole, izitolo nehhotela eliseduze. Iqashe izisebenzi ezimbili ngokugcwele nezinhlanu zetoho.
“Ngikhulele ekhaya elitshalayo kodwa alikho kakhulu kwezemfuyo, sigxile kakhulu ekutshaleli,” kulanda yena.
Ekukhuleni kwakhe uNzimande wafunda ukulima kuyise, owayelima futhi evame ukuthi: “Ayikho impilo ngaphandle kokulima.” Egqugquzelwa yila mazwi wafisa ukusukumela ukulima.
“Ngemva kokufunda ezolimo eMajuba TVET College (i-Primary Agriculture NQF Level 4) kusukela ngo-2014 kuya ku-2016, ngasebenza emapulazini aseMpumalanga eQutoms Farm ukuyothwasa khona naseMtubatuba, eSt Lucia, eMaywood Nursey ngo-2020, ngazuza ulwazi olubalulekile,” kusho uNzimande.
ISbongasbonelo Veggie Produce Farming Projects igabe ngo-lettuce neklabishi okukhephuzela impilo
Uthi inhloso yakhe kwakuwukuyofunda ukubawusonhlalakahle noma iphoyisa kodwa isikhala akangasithola.
“Ngathi ngifika eTVET ngathola sekuvaliwe. Ngafika kuthiwa sekuthathwa emkhakheni wezolimo. Ngangena khona ngafunda, ngaphasa,” kusho yena.
Uthi wake wabhekana nengwadla iNational Student Financial Aid Scheme ithi izomxhasa ngemali yokufunda kuphela, hhayi eyendawo yokuhlala.
“Ngathi uma ngishayela ekhaya ucingo bathi abanayo imali, bathi angibuye. Ngathi kungcono ngihlale noma yikuphi, uma ngifeze iphupho lami nje,” kukhumbula yena.
Wasizwa wukukhuluma nomasitende owathi akakhululeke uzomhlalisa njengengane yakhe, athenge ukudla kuphileke.
Uthi: “Ngaqeda ukuthwasa sengibeke nemali. Ngathenga amaphampu amanzi, ngehla nayo sengiya ekhaya, ngoba inselelo esasihlangabezana nayo ngalesiya sikhathi kwakuyinkinga yokuchelela.
“Inkontileka yaphela ngo-2018 eMpumalanga. Ngaqala ngawo loyo nyaka emsebenzi ngaboleka insimu kubaba, ngasebenza. Ngithe sengisebenzile, ngafuna imakethe.”
UNzimande uthi ebona inganyuki imali emsebenzini wayeka ukuze ayogxila epulazini lakhe.
Inselelo anayo wukuthi izitolo zifuna azilethele umkhiqizo wakhe kanti akakabi nento yokuthutha.
UNzimande uthi ufisa njengoba kubhekwe kuDisemba ufuna ukutshala amaklabishi awu-1 000 kolunye uhlangothi ngoba eyihlukanisile indawo yakhe.
Uthi umkhiqizo wakhe wondla umphakathi futhi uletha imifino emisha esezingeni eliphezulu ezimakethe zendawo.
UNzimande ululeka abantu abasha abathanda ukulima ngokuthi: “Qala manje ukutshala isikhathi singakadluli. Ukulima akulula kodwa ngokuzimisela nangakuzinikela ungaphumelela.”
- Facebook: Sbongsbonelo Veggie Producer (PTY) Ltd