Uzilapha ngekhono lokukhrosha izikhwama ezidle ngokuhluka
WUTHOBILE ZWANE
OWESIFAZANE owayenezinkinga zomphefumulo nengqondo uguqule impilo yakhe wasebenzisa ikhono lakhe ukwenza izikhwama namacici okukhroshiwe.
Umsunguli weKune Kraft waseHillcrest, eNtshonalanga yeTheku, KwaZulu-Natali, uNkk uSilindile Mfeka uthi ibhizinisi lakhe lingaphezu kwebhizinisi. Uthi unothando lokwenza izikhwama kanti kuyena yindlela yokuzelapha nokuphumuza umqondo.
Uthi uhambo lweKune Kraft lwaqala emsebenzini owaqeda ukuzethemba kuyena. “Ngatshelwa ukuthi ngingabuzi lutho, ngangikhunjuzwa njalo enkampanini ukuthi ‘ngingaphansi kwezikhundla ezaziphezulu’. Lawo mazwi ajula futhi andisa ubuhlungu, ngazithola ngizenyeza kakhulu,” kukhumbula yena.
Ukumelana nale zinselelo zansuku zonke uNkk uMfeka wanquma ukuyofuna ukulashwa umphefumulo. Owayemelapha wameluleka ukuthi ahlale ematasa ngento ayithandayo (into ezomelapha). Uthi yilapho ukukhrosha kwafika khona empilweni yakhe kwamnika induduzo nendlela entsha yokuphila.
“Ukukhrosha yindlela yami yokuzilapha. Laqala kanjalo ibhizinisi lami, kwaba yisikhathi kimina esinomzwangedwa kodwa kwaba yinto okwakufanele yenzeke, kuba yinto okufanele ubhekane nayo uwedwa,” kusho uNkk uMfeka.
“Ukusekwa wumndeni wami yikona okwenza ukuthi ngingawakholwa lawo mazwi engangitshelwa wona kwangikhumbuza ukuthi ngifanelwe wokukhulu futhi kwangisiza ukuthi ngiqhubekele phambili,” kusho yena.
Ukuqala kwakhe ukukhrosha wafundiswa owayesiza kubo (enakekela ikhaya) owayekhonze ukukhrosha esebenzisa oplastiki ekhrosha omata.
“Ngayibuka le nto ngayithanda, nokuthi wayekhrosha esebenzisa oplastiki nokuyinto eyayingajwayelekile. Kwaba yinto engiyithandayo kanti nogogo wayenalo ikhono lokukhrosha kodwa loko ngakuthola ngemva kokuthi ngifundiswe wumsizi wasekhaya,” kulanda yena.
Ezinye zezikhwama zeKune Kraft
Izikhwama zakhe ziqala kuR200 kuya kuR500 kanti amanani ahluka ngokuthi ufisa ukufakelwa izinto ezengeziwe yini esikhwameni nokuthi singakanani nokuphi siyisiphi isitayela.
Okwamanje uNkk uMfeka usebenza yedwa. Uthi usasebenzela ukuthi aziwe nemikhiqizo yakhe kodwa usezinhlelweni zokuqasha umuntu azosebenza naye futhi amqeqeshe.
UNkk uMfeka uthi isikhwama sakhe sokuqala wasenza ngoplastiki efunda u-Grade 7 kodwa wagcina ngaleso sikhathi, wase eyayeka.
Wafaka isithombe sesikhwama sokuqala ezinkundleni zokuxhumana, kwaba khona abantu abancomayo, kwabakhona abathi akaqale ibhizinisi. Waqala ngokudayisa ubhaka okhroshiwe. Waqhubeka wenza nolunye uhlobo lwezikhwama ngoba esebona ukuthi kuyenzeka.
UNkk uMfeka uthi into eyenza ukuthi ibhizinisi lakhe lihluke wukuthi into ayenzayo uyenza ngothando futhi izikhwama zakhe zihluke ngemibala emihle egqamile adlala ngayo.
“Uthando luyaphumela entweni uma uyenza. Nomkhiqizo owukhiphayo uyabonakala ukuthi kunothando. Angigcini nje ngezikhwama kodwa sengenza namacici ngendlela efanayo,” kusho yena.
Uthi eminyakeni ezayo ufisa ukusebenzisa izinto ezazisitshenziswa wokhokho bakhe, ngoba kubo banamakhono ezandla kusukela kunina nakuyise.
“Umkhulu ozala ubaba (wayeluka) amavovo. Ngifisa (ukuthula) izinto ezinjengalezo njengelala emsebenzini engiwenzayo. Ngaloko ngikholwa wukuthi kuzongenza ngihluke kwabanye osomabhizinisi, okungangenza ngibesethubeni lokuthi ngizithole sengiphesheya kwezilwandle,” kusho uNkk uMfeka.
Ululeka intsha ehleli emakhaya ukuthi iqale ibhizinisi noma kuthiwa lincane kangakanani lingawenza umehluko, kunokuhlala dekle.
“Qala kancane ngisho nokwenza uR50 ngosuku kuyisiqalo. Abantu abasha ababeyingxenye yemifelandawonye yomphakathi ngoba yilapho kutholakala khona amathuba. Abatshale, badayise noma amakhekhe. Zikhona izindlela zokuqala ngisho ungenazo izinsizakusebenza,” kululeka uNkk uMfeka.
- Facebook: Kune_Kraft
- Instagram: @Kune_Kraft