UMnu Hloniphani Langa, odume ngelika-El Shaddai Magician, waseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, ufisa ukugcina esenza umlingo phesheya. Izithombe: Zithunyelwe

Upholisa amakhanda abantu ngemigilingwane yomlingo

WUTHOBILE ZWANE


INSIZWA yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, yabona ikhono layo lokwenza umlingo ngesikhathi sokubheduka kwe-COVID-19 kanti isiziphilisa ngakho. Izichaze njengomuntu othanda ukusebenzisa ikhono layo ukuletha injabulo kwabayibukelayo.

UMnu uHloniphani Langa, odume ngelika El Shaddai Magician, uthi wabona ithuba lokuveza isiphiwo sakhe esingandele bani sokwenza imilingo ngenkathi edlala nabangani bakhe.

“Ikhono lomlingo livele ngesikhathi se-lockdown ngo 2021, lapho khona ngangijwayele ukudlala nabangani bami amaphepha. Ngangikwazi ukubona amaphepha abo bewabhekise ngakubona ngaphambi kokuthi badlale. Abangani bami bethuswa yiloko, baze bathi nginomlingo. Yilapho ngaqala khona ukunaka ukuthi nginomlingo,” kusho yena.

“Ngenza kakhulu i- close-up magic ne-street magic. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi uma kuvuma iphakethe nginesifiso sokwenza imilingo esiteji ukuze ngizoduma futhi ngenze nemali. Inhloso yami wukuzibona ngiziphilisa, ngikwazi ukubeka isinkwa etafuleni futhi ngiqashe nabaswele emphakathini wami ngekhono lami. Isifiso sami wukuveza ikhono lami phesheya eLas Vegas, eMelika, lapho kunabomlingo abasezingeni eliphezulu emhlabeni jikelele,” kusho uLanga.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/11/11/iyanda-intsha-nabamnyama-abangena-embonini-ka-ice-cream-engenisa-izigidi-emhlabeni-usimangaliso-ntshangase-uyabika/

Uthi wenza imilingo ayifake ezinkundleni zokuxhumana, emicimbini ehlukene, emaphathini ezingane nasezikoleni ukujabulisa abantu nokupholisa amakhanda abo. 

“Ngike ngibone ikakhulukazi kweyezingane eziyintsha eziwuthokozela kakhulu umsebenzi wami ngoba yibona abacindezeleke kakhulu, uma ngenza imilingo bathola uthuba lokuhleka bese bekhohlwa kancane yizinkinga zabo ababhekene nazo emakubo. 

“Ngomlingo wami ngikwazi ukushintsha impilo yabantu, nakumina  kuyindlela yokuzilapha ukuthi nje ngibone abantu bejabula behleka,” kusho uLanga.

U-El Shaddai Magician enza into yakhe ngamaphepha

Uthi baningi abantu abamgqugquzelayo ukuba aqhubeke nekhono lakhe, okubalwa abangani namalunga omndeni.

Uthi umuntu abukela kuyena wuDavid Blaine, owenza imilingo waseMelika. “Omunye wabantu asebephumelele engibukela kuyena wuDavid Blaine, osephumelele kulo mkhakha. Ukwazi ukwenza izinto okuthiwa umuntu akasoze azenza. Ungikhuthaza ukuthi ngiqhamuke neyami imilingo ehlukile,” kusho uLanga.

Uthi ngomuso ufisa ukwenza imicimbi yemilingo ezodlalwa kwithelevishini ukuze ikhono lakhe libonwa yizigidi zabantu ezweni nasemhlabeni jikelele.

“Ngifuna ukuzibona izindawo okwenzelwa kuzona imicimbi zigcwele abantu abazobuka mina ngenza imilingo. Ngizovula isikhungo sokuqala eMlaza lapho ngizofundisa khona intsha ukwenza umlingo,” kusho uLanga.

  • Facebook: Elshaddai Magician rsa
  • Instagram: @elshaddai_magician

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page