Uletha ukudla kwasesilungwini elokishini
WUTHOBILE ZWANE
WAKHULA engakaze azibone ewumpheki njengoba wayefisa ukuba yi-civil drafter kodwa wathi ekhula waya ngokubuka kakhulu izinhlelo zokupheka kuthelevishini wathatheka kakhulu. Ngebhizinisi lakhe lokudla uzama ukulethela abantu baselokishini abaphuma baye “esilungwini” ukuyokudla.
UNksz uNomalanga Mdlalose waseMlaza, eningizimu yeTheku, owaziwa ngelika-“Chef Noma” nomnikazi weTasty Meals by Chef Noma uvule indawo edayisa ukudla okukhalwa ngako eMlaza kwa D Car Wash.
Wenza izinto abantu abangazilindele endaweni yokudla eselokishini njengama-prawn. Okunye ukudla okudayiswa eTasty Meals amaphiko enkukhu ahamba nama fried chips, ama-ribs, isidlo sasekuseni, i-smash burger, i-chicken steak roll, loaded fries, seafood platter, cajun chicken wrap, chicken alfredo, bunny chow, roasted chicken nokunye.
Lusuka kude uthando lwakhe lokupheka. Uthi: “Emabangeni aphezulu kwaqalwa kwakhethwa izifundo ngakhetha izifundo ze-Physics ngingazitsheli emqondweni ukuthi ngifuna ukuba wumpheki. Ngathi ngiqeda esikoleni kwakufanele ngisho ekhaya ukuthi ngifuna ukwenzani ngase ngabatshela ukuthi ngifuna ukubawumpheki , okuyinto eyabamangaza. Wangibuza uMa ukuthi kanjani ngoba akekho umuntu oseke wambona ephumelele ngokufundela ukupheka kodwa bagcina bevumile.”
Wenze i-diploma esikoleni sokufundela ukupheka lapho begxile khona ekufundiseni ikhono lokupheka eHospitality Training Group iminyaka emibili.
“Ngonyaka wesibili ngathi angishintshe ngifunde isikhashana, ngihlale izinyanga eziyisithupha esikoleni, kuthi lezi ezinye ngibengisebenza ngingaholi kodwa ngithole ulwazi lokusebenza. Ngaloyo nyaka ngangenela umncintiswano iSouth Africans Youth Chef Club, ngawina. Nasekhaya babona ukuthi ngizimisele kangakanani,” kusho uNksz uMdlalose.

Okunye ukudla abagabe ngakho eTasty Meals by Chef Noma yi-seafood platter
Ngalowo nyaka wabhalisela ukuyothwasela umsebenzi phesheya kanti wathola ithuba eWashington DC ehhotela iThe Greenbrier ngo-2017, lapho asebenze khona unyaka.
“Ngibuya phesheya ngazitshela ukuthi angifuni ukusebenza emahhotela kodwa ngifuna ukuqala ibhizinisi ngenxa yokuthi ngangifuna ukuthi ekhaya babone ukuthi ngiyayithanda le nto engiyenzayo,” kusho yena.
I-Tasty Meals by Chef Noma uyivule ngo-2018 ephekela imicimbi ehlukene, abantu basebeqala ukumazi.
Uthi: “Ibhizinisi ngaleso sikhathi lalingenzi kahle kodwa ukwakha ubudlelwano namakhasimende kwangisiza noma kwakungakhokhi kahle ngoba (abantu) babengangazi kahle. Into eyangenza ukuthi ngiphushe kakhulu wukuthi ngangenza into engiyithandayo.”
Uthi unokuthi uma elele aphuphe iresiphi, avuke ayizame ekuseni. “Ngoba imicimbi ayibikhona njalo ngathi angizame ukwenza into ezongingenisela imali insuku zonke ngoba abantu babehlale bekhala ngokuthi bayakuthanda ukudla kwami. Nganginenkinga yendawo kodwa ngagcina ngiyitholile ngazitshela ukuthi ngifuna ukwenza into ehlukile, nginike abantu lento abaphumela ukuyoyithenga eMhlanga kabani bani. Ngazitshela ukuthi ngifuna ukuyiletha elokishini, nathi sithuthuke,” kusho uNksz uMdlalose.
“Inselelo enginayo okwamanje ukungabinaso isithuthuthu sokuhambisa ukudla ukuze ngikwazi ukunakekela amakhasimende ngokwami ngoba abanye abantu bayathanda ukuthi babhekane nawe uma kuthiwa kubakhona inkinga ngokudla nangesikhathi,” kusho uNksz uMdlalose.
Uzibona enezindawo zokudlela ezinesitayela sakhe futhi enezindawo ezingama-franchise emalokishini aseKZN.
“Into engiyijabulela kakhulu ngokubanebhizinisi wukubona abantu bejabulile bencoma ukudla, omunye umbone esebuya ngoba ethi kwaze kwamnandi ukudla. Nokuphawula kwabantu bencoma, noma kungeke kubenjalo, nokuphawula ngokubi siyakuthatha. Kumnandi ukuxhumana namakhasimende,” kusho yena.
Uqashe abantu abane kodwa ufisa ukuba nendawo enkulu akwazi ukuqasha abanye abantu abasha abathanda ukuba abapheki.
“Ngiyazi ukuthi kunabantu abathanda ukufundela ukupheka kodwa abakhala ngokuthi kuyabiza. Ngelinye ilanga ngingathanda ukuvula isikole, ngifundise abantu besifazane abasebancane baselokishini ngala nabo bagcine sebevula amabhizinisi ngoba imisebenzi ayisekho eNingizimu Afrika ukuze bakwazi ukondla imindeni yabo,” kusho uNksz uMdlalose.
- Facebook : Sinegugu Chef Noma Mthiyane
- Instagram: @chef_nomah