Kulindeleke izivakashi ezingaphezu ku-1.3 million eThekwini ngaleli hlobo
WUNONDUDUZO NGCONGO
ZIYABUYA eThekwini ngaleli hlobo. Ukwenza iTheku ukuthi libeyindawo yokuvakashelwa evelele, iMeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba usanda kwethula umkhankaso wasehlobo “i-Endless waves of tranquility”, okusho ukuthi amagagasi angapheli okuthula.
Umkhankaso wethulwe eCoastal Beach Resort ebheke ibhishi laseMgababa, engenye yezindawo zokuvakasha ezingamagugu anganakekile aseThekwini.
Ekhuluma nabantu abacoshela izindaba nezinhlaka ezisemkhakheni wezokuvakasha, uXaba uthe imikhankaso enjena imqoka ekukhangiseni iTheku. Uthe ukwethula umkhankaso kuqala uxhaxha lweminye yokukhangisa ezinkundleni zokuxhumana ngobuchwepheshe nasemithonjeni yezindaba ukuqinisekisa ukuthi umyalezo ufinyelela kwizinkumbi zabantu.
“Lo mkhankaso uhlose ukwazisa ngezinhlelo zangamaholidi asehlobo okubalwa kuwona imititilizo yamaholidi nezindlela zokuphepha ezizosebenza. Sikhuthaza izivakashi ukuthi ziqale zibekisele amaholidi asehlobo. Ngalo mkhankaso sifuna ukuqinisekisa ukuthi kwanda isibalo sezivakashi ezilindeleke ukuvakashela eThekwini,” kusho imeya.
UXaba uthe izibalo zikhombisa ukuthi ngalo mkhankaso eThekwini kuzotheleka izivakashi eziwu-1.3 million wamaholidi asehlobo ango-2024 kuya ekuqaleni kwango-2025.
“Kulinganiswa ukuthi izindawo zokuhlala zizogcwala ngaphezu kwango-65 percent. Imali ezosetshenziswa yizivakashi ilinganiselwa kukaR2.5m ezofaka uR6.3m, okuzodala amathuba omsebenzi awu-11 423. Ezokuvakasha wumkhakha onomphumela ophindiwe emnothweni. Lesi ngesinye sezizathu ezenza ukuthi seseke ezokuvakasha ngokuphelele,” kwengeza yena.
UXaba uthe yiloku okwenza iTheku liqhubeke nokweseka ukudalwa kwamathuba omsebenzi emkhakheni wezokuvakasha. Wenze isibonelo ngeCoastal Beach Resort, athe yaqala iyishisanyama ngo-2015, kwathi ngo-2021 yase iyindawo yokuvakasha ephelele enamagumbi okulala awu-25, indawo yokudla, indawo yokuphumula, indawo yokubhukuda nendawo yokwenza imicimbi eqashwayo. Uthe le ndawo isiyakhe imisebenzi ewu-11.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/22/izinhlelo-zetheku-zokuthuthukisa-umnotho/
Kulo mcimbi kwethulwe nezinhlelo zeDurban Tourism. Kuzona kubalwa izingxoxo ngohambo lwaseZambia naseZimbabwe oluyoba mhlaka-12 mhlaka-16 wangoSepthemba, uhambo oluya eYurophu mhlaka-16 kuya mhlaka-20 wangoSepthemba, nemicimbi yokukhangisa iTheku eGauteng mhlaka-19 kuya mhlaka-22 Septhemba.
Kwethulwe futhi nesonto lomnotho wasemanzi iBlue Economy Week, eqala mhlaka-24 kuya mhlaka-28 wangoSepthemba.
Uhlelo oluphelele lweBlue Economy Week, eqala mhlaka-24 kuya mhlaka-28 wangoSepthemba
Leli sonto liqhakambisa izinto ezitholakala olwandle neziphosa esivivaneni ukusimamisa umnotho.
Kudingidwe izinhlelo zokuphepha ukuqinisekisa ukuthi ukuphepha kwezivakashi nezakhamuzi kuseqhulwini emsebenzini kaMasipala waseThekwini. UXaba ubalule ukuthi uhlelo lokuqapha ngokuhlakanipha seluhambe lwafika kuphi, wachaza ukuthi iTheku lizosebenzisa ubuchwepheshe kanjani ukunqanda ubugebengu bungakenzeki.
Kulo mcimbi abantu akade bekhona bathole ithuba lokuzitika ngezinye izinto ezitholakala eCoastal Beach Resort njengokutetemuka ngamahhashi ngasolwandle.
Kugatshiswe nangezinye izinto ezitholakala olwandle njengokutshuza noshaka, iSplash Waterworld, ukudoba emajukujukwini amanzi, i-African Watersports Aliwal nokunye.