UNksz uSphesihle Mavimbela, umsunguli weSet Go yaseThekwini, KwaZulu-Natali, epheka ukudla okunempilo. Izithombe: Zithunyelwe

Baphekela abantu abanonile ukudla okunempilo

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

INTOKAZI yaKwaHlabisa, enyakatho yaKwaZulu-Natali, ikhule ihlala noninakhulu owayewunompilo ohambela imizi yabantu abagulayo, ukubafundisa nokubakhuthaza ukudla ngendlela enempilo ukuze baphile.

Lwakheka kanjalo uthando lokupheka ukudla okunempilo kuNksz uSphesihle Mavimbela, umnikazi weSet Go, inkampani eyenza izinhlobo ezihlukene zokudla okunempilo futhi ikudilive. 

Exoxa noMbele ngokusungula leli bhizinisi aliqale ngo-2020, uNksz uMavimbela uthe okunye okwenze wathanda ukudla okunempilo wukuthi kubo bekulinywa futhi kwaziswa ukudla okunempilo, loko kwenza wazihlupha ngolunye ulwazi, okwenze izinto zaba lula ngenkathi eseqala ibhizinisi. 

Ngemva kokuqeda uMatikuletsheni, wenza i-Bachelor of Commerce, Economics and Supply Chain Management e-University of KwaZulu-Natal (i-UKZN) ngo-2019, walandelisa nge-Bachelor of Commerce Honours ngo-2020.

“Sengenza i-Honours e-UKZN ngenze ucwaningo olubheka inkinga yabantu abakhuluphele ngokweqile, phecelezi i-obesity, lubheka izinto eziholela kuloko nokuthi kungagwenywa kanjani ukuze abantu baphile kahle. Loko kwenza ngafikelwa wumcabango wokuqala leli bhizinisi, ukuxazulula le nkinga ezweni,” kusho uNksz uMavimbela, osezinze eThekwini, eKZN ngebhizinisi. 

Ocwaningweni lwakhe wathola ukuthi abantu abaningi abakhuluphele ngabahlala emadolobheni, nokuthi loko kudalwa wukuthi abasitholi isikhathi sokupheka ukudla okunempilo bagcine bethenga kakhulu ukudla okusheshayo okuba nobungozi kubona, okubakhuluphalisa ngokweqile. 

Uthe: “Ngiyiqale kanjalo-ke iSet Go ukuxazulula leyo nkinga ngokwenza ukudla okunempilo, okusiza abantu abakhuluphele ngokweqile, nokulungele abanezifo eziyimbelesela ukusiza ukuthi imithi abayisebenzisayo isebenze kahle.”

Ukudla okunempilo kweSet Go

Eqala ibhizinisi ubenenkinga yokuswela amakhasimende cishe iminyaka emibili, kwaze kwaba uqashwa yinkampani yabapheki yaKwaMbonambi, eRichards Bay, ngo-2022, ukuyiphekela izinyanga eziyithuba, lachuma kanjalo ibhizinisi.

“Bawuthanda kakhulu umsebenzi wami, sase sakha isivumelwano sokusebenzisana izinyanga eziyisithupha, ngibaphekela ukudla kwabantu abawu-25 ngosuku, izinsuku ezinhlanu ngesonto,” kusho yena.

UNksz uMavimbela ngezinselelo zebhizinisini

Banezinhlobo ezine zokudla abakudayisayo, okungokulungele abanesifo sikashukela, abathanda ukudla okunempilo, abathanda amaveji nabangayidli inyama. “Sinohlelo lokudla kwesonto lonke nokwenyanga yonke, kuye ngesikhasimende ukuthi lidinga okungakanani futhi sikuhambisa kufike mathupha lapho likhona sisizwa yizinkampani esisebenzisana nazo ukudliva ukudla kwethu,” kusho uNksz uMavimbela.

Ukudla kwabo kuqala kuR1 180 kwabantu abayishumi kuya kuR3 270 abawu-30. I-Set Go inezisebenzi ezintathu okwamanje kanti amakhasimende ayo amaningi aseThekwini, eGoli naseKapa.

“Manje sibheke ukuthi siqhubeke nokusebenza kanzima ukuze sigcine sinesitolo okuzotholakala imikhiqizo yethu kusona bese sisebenzisana nezitolo ezinkulu ukusisiza sidayise ukudla esikwenzayo kuzona,” kuphetha uNksz uMavimbela. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/12/04/ukwesekwa-ngabangani-kumkhuthaze-ukuqala-ibhizinisi-osedayisa-ukudla-ezitolo-zesikhondlakhondla-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase/ 

  • Facebook: SetGo64
  • Instagram: setgo_

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page