Ibhange lamvula amehlo ngomhlaba nezindlu
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
USEBENZE iminyaka engaphezu kwewu-15 kwelinye lamabhange amakhulu ezweni exhumana nabantu ababeka nababoleka imali yokuthenga umhlaba nemizi.
Loku ngenye yezinto ezakhuthaza uNkk uNokulunga Mcunu ukungena ebhizinisini lezokwakha, wasungula iJama Property Company esiza abantu abafuna ukuthenga umhlaba noma imizi emadolobheni, ikakhulu eThekwini. Inamahhovisi eMhlanga.
UNkk uMcunu, waseMlaza, eningizimu yaseThekwini, washiya ebhange ukuqala inkampani yakhe ngo-2011.
“Okunye okwangikhuthaza ukugxila kuleli bhizinisi wukuthi kwathi ngisasebenza ebhange, ubaba wathenga ihhotela. Loko kwenza ngashisekela ukuqonda ukuthi yenzeka kanjani into enjalo. Ngabe ngizicija ngolwazi lwale mboni olwaluzongisiza ukuqala ibhizinisi lami sengisule emsebenzini,” kusho yena.
Eseqale inkampani wabona ukuthi akulula ukwenza yonke into futhi akuchumeki uma ungenalwazi olwanele.
Yilapho enza khona i-National Diploma in Real Estate eCape Peninsula University of Technology, i-Advanced Diploma in Real Estate e-University of Johannesburg ne-Property Investment Certificate e-University of Cape Town ne-Project Management Certificate e-University of KwaZulu-Natal.
“Ulwazi engaluthola kulezi zikhungo lwenza kwabalula ukuchumisa ibhizinisi lami, esengiqashe izisebenzi eziwu-25 kulona, kwanda amakhasimende ethu, banda nabantu nezinkampani abasithembayo ngomsebenzi esiwenzayo,” kulanda uNkk uMcunu, owusihlalo weKZN Black Property Sector Association.

UNkk uMcunu, owesithathu kusuka kwesobunxele, nethimba leJama Property
Manje banamakhasimende abantu angaphezu kuka250 KwaZulu-Natali, oningi lawo liseThekwini, kanti sebesize amakhasimende nezinkampani abasebenzisana nazo ukudayisa imizi nomhlaba abangaphezu kuka-180.
“Ebhizininisi lethu sithenga umhlaba bese siyawudayisa futhi sisiza abantu abafuna ukuthenga imizi nomhlaba wokwakha. Kumanje sinemizi nezakhiwo okuqashisayo eMusgrave naseThekwini, futhi sinezindlu ezihlala izitshudeni zaseDUT (iDurban University of Technology).”
Kungazwakala kulula konke. Nokho akunjalo. UNkk uMcunu uthe nakuba leli bhizinisi linamathuba amaningi kodwa akulula ukuchuma uma ungakaziwa. “Nokusebenza ngabantu kuhlale kunezinselelo futhi izinsuku azifani. Kunesikhathi lapho kubanendlala yamakhasimende, ube unezisebenzi ezibheke ukuthi uziholele njalo uma kuphela inyanga,” kusho yena.
UNkk uMcunu ushumayela ivangeli lokubaluleka kokuthi abantu abamnyama bangene emabhizinisini omhlaba. Muzwa echaza.
Ngezinhlelo zangomuso, uNkk uMcunu ufisa ukuthi inkampani yakhe igcine ibalwa nezivelele futhi yaziwe ezweni lonke ngomsebenzi ewenzayo.
- Instagram: jama_propertyco