UMnu uSiyanda Myeni, umsunguli we-Emntwini Footwear yaseGoli, eGauteng, edayisa amateku. Izithombe: Zithunyelwe

Ukuduva kophaqa ebusika kwamshintshela ekwenzeni amateku ekhethelo

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUTHANDA imali nokufuna ukuba nezindlela eziningi zokwenza imali kwenze wangena ebhizinisini elidayisa ophaqa. Uthi kwamgqugquzela ukuthi ngenkathi eliqala kwakungekho muntu amaziyo onebhizinisi elinjalo.

Yize i-Emntwini Footwear yayihamba kahle kusukela ayiqala ngo-2019, uMnu uSiyanda Myeni wayeka ukudayisa ophaqa ngoba bengathengwa ebusika, wangena ekudayiseni amateku ngo-2022.

UMyeni, waKwaNdengezi, eThekwini, KwaZuli-Natali, kodwa osezinze eGoli, eGauteng, uthi indaba yakhe nezimpahla zokugqoka ezihlukile isuka kudala njengoba ekhule ekhonze ukugqoka izimpahla ezenziwa wosomabhizinisi abasafufusa.

“Leso ngesinye sezizathu ezenza ngafikelwa wumcabango wokuqala ibhizinisi elinje, ngoba ngibona ukuthi osomabhizinisi abaningi badayisa izimpahla zokugqoka, bambalwa abakhiqiza, badayise okwasezinyaweni,” kusho lo mdlali wamazinga aphansi wakudala kwiJomo Cosmos neBidvest Wits.

Le nsizwa, ene-Diploma in Information Technology yaseRosebank College nesineminyaka engaphezu kweyishumi iyi-software developer ezinkampanini ezihlukene, ithi iqala idwebe indlela efuna amateku ayo abukeke ngayo bese ithola abantu abayenzelayo.

“Ngiqale kanjalo ngo-Ephreli wango-2022 ngisebenzisa amakhasi ami ezinkundleni zokuxhumana ukucela abantu ukufaka ama-oda amateku, engakatholakali nokutholakala ngaleso sikhathi njengoba ngize ngaqala ukuwadayisa ngoNovemba, abantu bawathenga kakhulu,” kulanda yena.

Elinye lamateku e-Emntwini Footwear

Uthi kusukela aqala leli bhizinisi usedayise amateku acela ku-1 000. Iteku lakhe libiza kusuka kuR1 500 kuya phezulu. Okwamanje usasebenza yedwa ebhizinisini ngoba engakabi namandla okukhokhela izisebenzi.

“Okunye futhi okuhle kuthi sinesitolo esi-online, okwenza kube lula ukuwathenga noma ngabe ukuphi. Iteku ulithola (zingakapheli) izinsuku ezine,” kusho uMyeni.

Amakhasimende akhe amaningi aseNtshonalanga Kapa, eMpumalanga Kapa naseMpumalanga. Nakuba ibhizinisi lisahamba kahle kodwa ubuye abhekane nenkinga yamakhasimende angayethembi indaba yokuthenga online.

“Enye inselelo enkulu engibhekene nayo wukuswela abantu abazongixhasa ukufukula ibhizinisi lami nokuthi akulula ukubhekana nalo kwesinye isikhathi ngenxa yokuthi nginomndeni nomsebenzi wansuku zonke okungibhekile,” kusho yena. 

Olunye uhlobo lwamateku edlisa ngalo i-Emntwini Footwear

Mayelana nezinhlelo zengomuso, uthi ufisa ukuthi amateku akhe abe nezinhlobo ezenzelwe osaziwayo ukusiza ukuthi achume nokuhamba ezinyathelweni zamaqhawe akhe kule ndima oTheo Baloyi weBathu noLekau Sehoana weDrip. 

  • Facebook: Emntwini Footwear
  • Instagram: emntwinifootwear

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/02/08/uqale-ibhizinisi-lamateki-ezama-enye-into-engayidayisa-ngale-kwezimpahla-zokugqoka-abengakulindele-wukuthi-azoba-nesasasa-elingaka-uxoxe-noslindile-khanyile/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page