Uqweqwe lomholi wamabhizinisi akasekho

  • ELINYE lamaphini omphathi weBhange loMbuso uMnu uKuben Naidoo lisulile kulesi sikhundla. Imibiko yabezindaba iveze ukuthi uNaidoo wazise uMengameli uCyril Ramaphosa ngesinqumo sakhe, yize umengameli ubengakasho ukuthi uyayamukela yini incwadi yokusula. Inkontileka kaNaidoo ibizophela ngo-2025. Sekuqubuke amahlebezi athi kungenzeka abe yisikhulu esiphezulu esisha saseNedbank. Ngokomthetho, abaphathi beBhange loMbuso kufanele bahlabe ikhefu eliyizinyanga eziyisithupha ngaphambi kokusebenza kwenye indawo.  
  • UHULUMENI waKwaZulu-Natali awusezukuyixhasa imiklomelo yomculo amaSouth African Music Awards (amaSama). Abahlela bomcimbi iRecording Industry of South Africa (iRISA)bathi badumele ngalesi sinqumo abangakaqondi ukuthi sibangwe yini. AmaSama abezoxhaswa ngoR28 million iminyaka emithathu kodwa kusukela kuvele lezi zindaba kube nomsindo kwaze kwangenelela uMengameli uCyril Ramaphosa ocele iKZN ukuthi ibuyekeze lesi sinqumo. I-RISA ithi kuningi obekuzozuzwa wumnotho waseKZN ngalo mcimbi.

  • AKASEKHO emhlabeni uNkk u-Ina Cronje, obewusihlalo webhodi leTrade and Investment KwaZulu-Natal (iTIKZN).  UNkk uCronje, ubegula, ushone ngoLwesibili kwakhe. Ngaphambi kokwengamela ibhodi yeTIKZN, uNkk uCronje ubewusopolitiki kanti uphathe iminyango ehlukene eKZN okubalwa nowezeziMali kuyo. – Intatheli yoMbele

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page