Basebenzisa ulwazi lwezolimo, ezemvelo nomhlabathi ukusiza abalimi abasafufusa nabadayisi basemgwaqweni. USLINDILE KHANYILE uxoxe nomunye wabo
LANGA limbe esafunda isikole samabanga aphezulu eduze kwalapho ayefunda khona kwakwakhiwa inxanxathela yezitolo entsha eduze omfula.
AKUKAPHELI sikhathi esingakanani luzelwe “usana” lwakhe olusha kodwa selwaziwa emadolobheni amaningi eNingizimu Afrika kanti naye usaziwa njengo“Babes we-curry paste” ngenxa yokuthengwa ubuthaphuthaphu kwe-curry paste azihlanganisele yona.
ESAQASHIWE wayesebenzela isikhondlakhondla esikhiqiza izimpahla ezinhlobonhlobo ezisetshenziswa ngabathengi, i-Unilever. Kodwa nangaleso sikhathi wayazi ukuthi ngelinye ilanga uyophuma ayozimela ngoba uthando lokuzisebenza lwaqala esemncane.
UHULUMENI usuqoke iTakatso Consortium njengenkampani ezimele esizobambisana nawo ukuvuselela inkampani yamabhanoyi iSouth African Airways (iSAA). Lesi simemezelo sisho ukuthi u-51% weSAA usuphethwe yinkampani ezimele.
UQALE ukubhaka ngoba echitha isizungu emva kokungawutholi umsebenzi eseqede ukuqeqeshwa. Wayenzela umndeni nabangani bakhe nobekuthi uma bemncoma bavele bamkhuthaze ukuthi akawadayise amakhekhe ngoba ehla esiphundu.
SENIDLILE kodwa? Lona wumbuzo osudume iNingizimu Afrika yonke ngenxa kasomabhizinisi nompheki ongaconsi phansi kwabaningi.
KUNEZIMPAWU eziletha ithemba ngokuvuka komnotho eNingizimu Afrika kodwa ukuqhubeka kokucinywa kukagesi kuyalishabalalisa leli themba ngoba kubonakala ukucinywa kukagesi kuyinto esazoqhubeka.
UTHANDO lokusiza abantu ngolwazi lwaqala esemncane ngoba ebona ukushoda kolwazi emiphakathini yabantu abamnyama.
NGO-EPHRELI besigubha iminyaka ewu-27 sathola inkululeko neminyaka ewu-25 kwasayinwa umthethosisekelo wethu. Kodwa umsebenzi wokuguqula umnotho owawuqalwe njengengxenye yesivumelwano sezepolitiki ubonakala uhlehlela emuva.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yiziphi izinyathelo okufanele uzithathe uma wenza inhlolokhono yomuntu noma abantu ofisa ukubaqasha enkampanini yakho.
USALOKU emangale njalo uma eqhathanisa izinga asekulona emkhakheni wezolimo nempilo akhule ngaphansi kwayo eNingizimu Afrika osewumcwaningi emkhakheni wezolimo eSwiss Institute eSwitzerland.
KUKHUTHAZWA abalimi abayintsha ukuthi bangenele umncintiswano womlimi omncane ovelele i-Agri SA National Young Farmer of the Year.
KUSUKELA ngo-2006 kuze kube wu-2016 uvule futhi wawisa amabhizinisi amathathu. Emva kokuwa kwelesithathu, kwavaleka nenhlanhla yokuthola umsebenzi ebiyaye imtakule ngezinye izikhathi uma esewise ibhizinisi.
UMLOBI, umsunguli wephephandaba nesishabasheki sezilimi zomdabu sikholwa wukuthi nakuba ubandlululo lwaluyinto embi kodwa lwalunakho okubili okuthathu okuhle.
IZIBALO yisifundo abantu abaningi abangasithandi ngoba bathi kunzima ukusiphasa. Kodwa kunensizwa ethanda lesi sifundo kangangokuthi isisungule ibhizinisi lokwenza abantu ukuthi basithande.
YIZE umNyango wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya usubuyisele u-50% womhlaba kahulumeni ukuthi ulinywe kodwa ukwesekwa kwabalimi abasha nokudluliselwa komhlaba ngokupheleyo kusazoba yizinto ezisazomhlupha ungqongqoshe walo mnyango.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yiziphi ezinye zezingqinamba ezenza ukuthi abantu abaqala amabhizinisi bangakutholi ukuxhaswa abakufunayo.
UDABA lobunikazi bempahla lubuye libe yibhola lomnqakiswano losopolitiki eliqhatha abacebile nabantulayo. Ngenkathi siphikisana ngezinto kulula ukuthi sikhohlwe yiqhaza lamalungelo ukuthi izinto zisungulwa kanjani, hhayi ukuthi zabiwa kanjani.
WAQALA evubela ikhofi esebenzela enye yezinkampani ezihamba phambili ekukhiqizeni ikhofi kanti manje usenekhofi elithi yena. UMnu uSihle Magubane usizwe wukubekezela ngenkathi elinde izinto ukuthi zihlangane njengoba esenekhofi lakhe iSihle’s Brew, nokuyikhofi lokuqala lomuntu omnyama eNingizimu Afrika.
ULWAZI olunzulu, amacebo nakho konke okudingekayo ukuze ukwazi ukungena kwezolimo ngezinye zezinto ezihlabahlosile ezigqame esigcawini sokuqala sokucijana ngolwazi ngamathuba akhona kule ndima.
WAYEFISA ukufundela ukudweba amapulani ezindlu kodwa kwaba nezimo zempilo ezingavumanga nokwagcina ngokuthi abhalisele i-interior design ngoba ethi ufuna into ethi ayicishe isondelana naleli phupho lakhe.
UMHOLI ukwazi ukuzuza izinto ezinhle nezinkulu uma enobudlelwano obuhle nabambisene nabo ngoba akuyena ngqo owenza umsebenzi kodwa yilabo abasuke bengaphansi kwakhe. Ngakho kumqoka ukuba nobudlelwano obuhle nobaholayo, ukwazi abakulindele kuwena futhi ukuhloniphe kanti nezwi lakho ulisebenzise.
INTOMBAZANE yaseNewlands, eThekwini, KwaZulu-Natali, liyavuthwa ibhizinisi layo lokupheka nokubhaka.
EKHULA wayazi ukuthi unesifiso sokujimisa abantu noma ayengaqondi kahle ukuthi wumsebenzi owenziwa kanjani futhi ofundelwa kuphi. Kodwa wathi uma eyibika indaba kunina akangayizwa kahle wase ekhetha omunye umkhakha.
NGOJUNI wango-2017 umhlangano weKomiti lasePhalamende eliqondene nokuBambisana nobuHoli beNdabuko lezwa ukuthi ikhomishini eqokwe ukuxazulula imibango ethinta ubuholi bendabuko isithole amacala awu-1 224.
EMVA kokugajwa wuthando lomdlalo wegalofu, uNksz u-Innocentia Motau unqume ukwengeza izimpahla zokugqoka ezizohambisana nalo mdlalo, okhonzwe ngabantu abadla izambane likapondo.
NAMUHLA akesibheke indaba yokuthembela emthonjeni owodwa uma singosomabhizinisi. Ngiye ngiphatheke kabi ukubona inqwaba yabantu bakithi enamabhizinisi ahamba kahle, izinto ziwavuma kodwa uthole ukuthi abanalwazi lokuthi bangayitshala kuphi imali yabo ukuze izale.
SIYIZINHLANGANO ezimele osomabhizinisi sihlale siphikisana ngokuthi kumele kube nezinguquko ezinqala ukuze umnotho waseNingizimu Afrika ukhule. Loko kusho ukuguqula izinto kusetshenziswa imigomo ekhona.
UMLIMI waseLimpopo ukhathazekile ngokuthi ukukhula kwebhizinisi lakhe kuzonqindwa wukungabi nobuchwepheshe besimanje. Uthi loku kusalela emuva kudalwa wukuntula imali yokuthuthukisa ubuchwepheshe abusebenzisayo.
INDABA yaqala ngemva kokuthi abafana bandawonye beyoshaywa wumoya. Kulelo holidi labo ngo-2016 ithuba lokuqala ibhizinisi laziveza. Namuhla ibhizinisi selihlangene wena owabona sekuhlangana amalahle omlilo.
KUHLE ukuqala into uyiqede, kungakhathaleki ukuthi kukuthatha isikhathi esingakanani. Lena ngenye yezinto akholelwa kuzo oyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa (i-BLSA).
UVUKE wazithatha phezu kokucikiza kwebhizinisi ngenxa yobhubhane iCovid-19 umsiki wengqephu waseThekwini onesitayela esihlukile.
INGOMA yomculi wekwaito osashona uMandoza eyashisa izikhotha ngama-’90s yayithi “Uzoyithola kanjani uhlel’ ekhoneni”. Yize le ngoma yayidle nangesigubhu esisukumisa ngisho nesinedolo, umyalezo wayo wawucace bha futhi unesifundo.
NAKUBA ewumuntu onesipiliyoni sokudayisa nokukhangisa kodwa naye uke wabhekana nezingqinamba ezijwayelekile kosomabhizinisi abasafufusa eNingizimu Afrika, kangangokuthi uke wangabi nakhaya kabili ezama ukuhlenga ibhizinisi.
MANINGI amathuba akhona kwezolimo zemikhiqizo yezinkukhu futhi lesi yisikhathi sokuthi intsha iwasebenzise. Loku kuvele ngesikhathi kunePoultry Sector Masterclass muva nje.
KUYASIKHATHAZA sonke ukuthi kungenzeka kube nesiqubu sesithathu sokuhlasela kweCOVID-19. Ngesonto eledlule iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ihlabe ikhwelo lokuthi izinqumo ezenziwayo ngaloku kumele zisuselwe ebufakazini futhi sizimisele ukusiza.
NGESONTO elidlule sizwe kuthiwa iSouth African Post Office ibuyele enkantolo ukuyomisa zonke izinkampani ezihambisa ngesivinini izimpahla ezinesisindo esingaphansi kuka-1kg ebantweni ezweni lonke.
UQALE ukudayisa izithelo ngoba ezifunela amasentshana okondla kubo kodwa sekuvele kwaphenduka umsebenzi awuthandayo kanti usenamaphupho amakhulu ngawo.
“ISHASHALAZI alimnyama noma mhlophe. Ishashalazi limnandi noma limbi. Akunandaba ukuthi lenziwe wubani. Okumqoka wukuthi lenziwe kanjani.”
INTO ayiqale esikoleni kwaGrade 8 ukuchitha isizungu, useziphilisa ngayo. Kanti uza kabi. Usethungela abantu imisiko abafika nayo, ayidwebile kanti umsebenzi ususimeme kangangokuthi usethunga imifaniswano yesikole.
OHLELWENI oluyingqophamlando ezweni lokuthi kube nendawo yokuphucula indawo yokusebenzela yabahwebi abancane akade benamatafula ludle imali ewu-R22 million, kuyaqhutshekwa nokusimamisa umnotho wasemalokishini, njengoba kuvulwe indawo yabo eZimbuzini, eMlaza, eThekwini.
WASHODA ngephuzu ukuthi athathwe ukwenza izifundo zobudokotela enyuvesi. Loku kwenza waqoma ukwenza iBSc, nokwamvumela ukuthi axube izifundo ezinhlobonhlobo zalo mkhakha.
SINYUKILE isibalo sabantu baseNingizimu Afrika abacwile ezikweletini ngekota yokuqala ka-2021.
NGESONTO eledlule ngibhale ngokubaluleka kokuthi kube nogesi owanele ukuze kuvuseleleke umnotho. Cishe lena yiyona nto ethinta umgomo womnotho ebaluleke kunazo zonke kokumele sikulungise singezwe kanti siyiBusiness Leadership South Africa, sizimisele ukweseka uhulumeni.
ENGOSINI edlule sibheke izinto ezinomphumela ongemuhle nezingagcina seziyingozi ekuphathweni kwebhizinisi ngendlela efanele.
BADLE umhlanganiso bebhincisela nxanye amaqembu abalimi abasafufusa awu-69 emazweni awu-23. OMnu uNgwako Sekhula noMokgalakgathe Tladi bahlomule ngoR15 000 kanti bazocijwa kulo mkhakha ngaphansi kohlelo i-Entrepreneurs Futures Network.
SEKUFANA nephupho ukuthi uke wapatanisa ezama ukwenelisa izivakashi usomabhizinisi osenezindawo zokulala ezindaweni ezintathu eMalahleni, eMpumalanga.
IBHIZINISI lemfashini lingelinye elibhekene nezingqinamba ngenxa yezinga eliphezulu lokuncintisana nokungasekwa kwabasikingqephu baNingizimu Afrika.
UFISA ukuba nebhikawozi yakhe owesifazane osezakhele igama ezinkundleni zokuxhumana ngokucobelelana ngolwazi lokupheka nokubhaka.
IKhomishini yezokuNcintisana isanda kukhipha umbiko wayo wokugcina ngomphumela weCOVID-19. Lo mbiko unaba ngezinto ezitholwe yiKhomishini ngomphumela weCOVID-19 Block Exemptions nomsebenzi weKhomishini ngenkathi kubhoke ubhubhane.
KULELI sonto ngifisa sibheke izinkinga ongahlangabezana nazo uwusomabhizinisi noma ebhizinisini okulona ngezigaba zalo.
SEKUPHELE cishe iminyaka ewu-15 siphila nokushodelwa wugesi. Kunzima ukusho ukuthi sekuwudle kangakanani umnotho. Izibalo zisivezela ingxenye yesithombe njengokuthi imboni yokukhiqiza ilahlekelwe yimisebenzi ewu-400 000 kanti nenzuzo embonini ezimele isiyacikizela seloku kwaqala ukucishwa kukagesi ngo-2007.
UQALE uhambo lwakhe ngengadi kwakhe eHazyview, eMpumalanga, edayisela abantu bendawo. Kodwa ukuhlangana kwakhe nelungu lehhovisi lenxusa lakwa-Israel kuguqule impilo yakhe njengoba namhlanje esedayisela izitolo zaseShoprite nakwaCheckers.
UKUTHI ibhizinisi lizinze elokishini akusho ukuthi umkhiqizo walo awukho ezingeni, akusho ukuthi kumele umkhiqizo walo ushibhe futhi akusho ukuthi lizohluleka ukwenza umsebenzi.
UFUNA ukubuyisa isithunzi konogada usomabhizinisi naye owaqala kulo msebenzi abanye abawuthathe njengophansi.
KUNINGI osekushintshile ngenxa yokuthuthuka kobuchwepheshe emhlabeni. Enye yazo yindlela umphakathi othuthwa ngayo njengoba sekwaba khona izimoto umuntu azibiza “ngokugingqa isithupha” kwi-internet bese ifika qathatha lapho ekhona izomlanda, phelecezi ama-e-hailer.
EMVA kokuphothula iziqu zokuba yi-psychologist enyuvesi, akathathangwa efisa ukuqhubeka enze i-Honours kanti imizamo yokuthola umsebenzi kulo mkhakha awufundele ayiphumelelanga.
NGAPHAMBI kwamaphakathi no-2020, igama elithi DJ Kgaogelo Moagi, odume ngelikaMaster KG, belingasho lutho olutheni kwabaningi futhi akulona abantu abaningi abebengasheshe balikhumbule. Kodwa manje sekuyigama elihambisana nempumelelo emhlabeni jikelele futhi nelaziwa yizigidi ngezigidi zabantu kanjalo nomnikazi walo.
IMPELASONTO ende esiphuma kuyona inginike ithuba lokubukela iKhomishini ephenya ngokugwamandwa koMbuso nokujula ngenselelo esibhekene nayo sonke yokuvuselela uhulumeni emva komonakalo weminyaka.
NGESONTO elidlule sithinte udaba olumayelana nokukhetha uphathina okahle ebhizinisini. Cishe lesi sihloko sikwenze wabukisisa ubudlelwano bakho onabo kabusha nophathina wakho.
LE MITHOMBO ingaba yisiqalo sokuzama ukuthola ulwazi olusezingeni eliphezulu. Nakuba kunjalo nokho kumele uhlale ubeke emqondweni ukuthi awukwazi ukuvele uthathe noma iyiphi inkulumo nje bese uzitshela ukuthi inolwazi okuyilona ngesihloko esithile.
ULETHE ubukhazikhazi nobumnandi endaweni edelelekile yasemakhaya usomabhizinisi waseMpumalanga ozimisele ukuthuthukisa indawo yangakubo.
UKHULE edlala nabafana ngezimoto ezakhiwe ngamapulangwe nezingcingo usomabhizinisi ongomunye wabambalwa besifazane abamnyama abanamagaraji kaphethroli.
IQINISO elingenakuphikwa wukuthi izinkundla zokuxhumana zikhuthaza ukusabalaliseka kwezithombe nama-video, nokuthi-ke isithombe esifakwe ezinkundleni zokuxhumana yisona esisethubeni lokusabalala kakhulu ukwedlula umbhalo omude.
INTSHISEKELO yokuthi njengentatheli kube nguwena oba ngomunye wabokuqala abazisa umphakathi ngodaba oluthile ivame ukudala ixhala nokukhathazeka. Kodwa-ke leyo ntshisekelo yokusheshisa udaba isho ukuthi kufanele uhlolisise ukuthi lokho ofuna ukukusabalalisa kuyiqiniso kangakanani.
IMBONI yezolimo ithwale umnotho waseNingizimu Afrika emahlombe ngo-2020, yaphunyula ekukhahlanyazweni wubhubhane iCOVID-19, ngaphandle kwemikhakha embalwa njengokagwayi nowewayini.
UKUFEYILA umatikuletsheni kathathu akuyivimbanga ukuthi iqale ibhizinisi insizwa yaseGoli esidume ngeSandwich King.
AKUYONA yonke inkulumo ongakwazi ukubheka uthole ubuqiniso bayo. Umbuzo wokuqala okumele uzibuze wona ngaphambi kokuzama ukubheka ubuqiniso ngothi: ingabe le nkulumo ingahloleka yini noma cha?
KUSUKELA ngo-1994 imboni yokukhiqiza isinciphile njengoba nasemnothweni ifaka u-13.3%, isuka ku-21.5%. Enye imbangela yaloku wukulungisa indlela izinto ezazenzeka ngayo ngesikhathi sobandlululo, njengoba kwakukhiqizwa impahla ngendlela engahlelekile ngenxa yonswinyo.
NAMHLANJE ngifisa sibheke ukuthi umkhetha kanjani uphathina ebhizinisini lakho. Ngifisa futhi sibheke amaphutha abaningi abawenzayo uma bekhetha ophathini.
ISASASA lokutshala emakhaya ngenkathi kuvalwe izwe ngenxa yokubheduka kweCOVID-19 lisize intsha ekhuthazeke ukugqamisa umfelandawonye odlondlobalayo wabalimi.
UKUZULAZULA imigwaqo yenkaba yedolobha uhambe udayisa noma ukubeka itafula lokudayisa cishe akusiyona into ongayilindela kwisitshudeni sasenyuvesi. Ayisaphathwa-ke eyokudayisa erenki yamatekisi.
ENONYAKA ethathe izintambo zokuba wumphathi eHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali uNkk uFuthi Mhlongo waphoqeleka ukuthi ahoxise ithimba labacwaningimabhuku ababecwaninga uMasipala waseThekwini ngoba esabela ukuphepha kwalo emva kokuthi lisatshisiwe.
INHLANGANO yamatekisi ezweni iSouth African National Taxi Council (iSANTACO) ithi imipumela yocwaningo obelwenziwa yiKhomishini yokuNcintisana ngemboni yokuthutha umphakathi ifakazela into esineminyaka ikhala ngayo futhi ithemba ukuthi kuloku uhulumeni uzolalela bese uthatha izinyathelo ezifanele.
UMSIKI wengqephu osemncane ulandela ezinyathelweni zikanina ngokusebenza ngewuli. Nokho emisikweni yakhe yena usengeze ukukhrosha nokunitha izimpahla ezineNkosi phakathi.
UHULUMENI unezisebenzi eziwu-2 million kanti unesabelomali sikaR1.8 trillion. Lokhu kumenza inkampani engelula futhi ezoba nalo lonke uhlobo lwezinkinga zokuphathwa.
EMASONTWENI amabili edlule kube nemibiko ethi emhlabeni jikelele kuhlaselwe noma ku‘shaywe’ izinkampani kusetshenziswa ama-server akwaMicrosoft. Loku kwenze ukuthi izinkampani zaseNingizimu Afrika, okubalwa namabhange kuzona, zaba sengcupheni. Udaba engilufundile ngale nto luthe iNingizimu Afrika ingenye yamazwe angaphephile emhlabeni ngenxa yokungazi ngezinto ezithinta ukuphepha kwi-internet, phecelezi i-cyber security. Yingakho-ke ngiphinda ngifisa ukudlula kuloku, ngigcizelele ubumqoka bokuhlala uqaphile kwezokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ubuciko bokubeka inkulumo ngebhizinisi. Siyazi ukuthi uma uzisebenza kufanele uhlale njalo uzilungiselele, ucuphe isisoka ngoba awazi ukuthi ithuba lokwenza lizovela nini.
KUGCWALISEKE isisho esithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye ezisebenzini ezadilizwa kwaRainbow Chicken eCato Ridge, entshonalanga yaseThekwini. Kwaqhuma isililo nxa zonke ngenkathi kudilizwa izisebenzi ezingaphezu kuka-100 kule nkampani, kwalala ikati eziko emindenini eminingi.
UFUKULWE wukubheduka kweCOVID-19 usomabhizinisi osemncane waseMalahleni, eMpumalanga, odayisa izifonyo zokuzivikela kuleli gciwane.
WAYISWA eNanda Seminary aziwa ukuthi uhlakaniphile kodwa wafika kwabheda uhlelo kulesi sikole agcine engawuphothulanga nomatikuletsheni kusona.
UNGOMUNYE wabesifazane abambalwa emkhakheni wokuvuba ikhofi. Ukukhonya kwesiqhoqho samadoda kulo mkhakha nokufisa ukushintsha le ndima kutshale uthando lokufisa ukushintsha loku ngokuqala ibhizinisi nokufundisa nabanye ngamathuba akhona kule mboni.
INGOZI enkulu, nengase igcine iqumbe phansi ezempilo eNingizimu Afrika, yizikhalo zokuboshwa kwemiNyango yezeMpilo isolwa ngobudedengu njengoba kumanje lezi zikhalo ziwuR105.8 billion.
KUMELE zithakaselwe izindaba ezimnandi ngomnotho. Isimemezelo sabaqoqintela ngesonto eledlule sokuthi baqoqe intela engaphezu kwalena ebilindelekile siyajabulisa. Imali engenile ingaphezulu ngoR38 billion emalini ebilindelekile ngokwesabelomali sango-2020/21.
NAMHLANJE ngifisa sibheke udaba olubalulekile lokuthi uwaphatha kanjani amakhasimende ebhizinisini. Lesi sihloko sivuswa wudaba engilubone ezinkundleni zokuxhumana omunye wabangani bami, umfokaNgqulunga, ekhala ngempatho engeyinhle ayithole kwesinye isitolo ngenkathi eyothenga ukudla kwakwakhe.
KUNESISHO sesiNtu esithi ukuzalelwa emqubeni, okusho ukuba nenhlanhla yokuzalelwa ebukhosini noma ebugwilini. Yingakho izingane zezigwili noma abantwana basebukhosini zidume ngokuthi izinto zazo zilula, okwazo nje wukulindela ukudlula kwabazali, zidle ifa bese zitamuza ubumnandi.
UMNYANGO wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya ne-Industrial Development Corporation (i-IDC) bethule isikhwama sikaR1 billion okuhloswe ngaso ukukhulisa abalimi abamnyama, i-Agri-Industrial Fund.
UMCWANINGIMABHUKU-jikelele waseNingizimu Afrika usexwayise ngokuthi uma ingasukunyelwa indaba yamabhizinisi kahulumeni “amancane” azogcina esewumthwalo kwisabelomali.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent