Izibalo zeStatistics South Africa zikhombisa ukuthi ukudayisa ezitolo, okubalwa kuzona ukudla neziphuzo ezingenatshwala, kunyuke ngo-3.4% ngoJulayi. Isithombe: yiMagnific

Ukudayiswa kwezinto kukhule ngo-3.4% ngoJulayi – izibalo zeStats SA

YINTATHELI YOMBELE

UKUDAYISA izinto ezitolo kukhule ngo-3.4% ngoJulayi uma kuqhathaniswa nenyanga efanayo ngonyaka odlule. Loku kuvezwe yizibalo zeStatistics South Africa (iStats SA) ezikhishwe izolo.

Ukukhula kwangoJulayi kubengaphezu kokwangoJuni, lapho ukudayisa kunyuke ngo-1.1%, nangoMeyi, lapho kunyuke ngo-2.2%.

Izibalo zikhombisa ukuthi ukudayisa kukhule kakhulu ezitolo ezidayisa ezinye izinto ezinjengezincwadi, ubucwebe, amawashi, izimpahla zemidlalo, izimpahla zasendlini nezimpahla ezingamasekeni njengoba kunyuke ngo-6.8%.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/10/umnotho-wehle-ngo-02-ngekota-yesibili-istats-sa/

Ukudayisa ezitolo zokudla, iziphuzo nogwayi kunyuke ngo-4.8% kanti kwezidayisa ifenisha, izinto zikagesi nezinto zasendlini kunyuke ngo-6.6%. Ukudayisa izingubo, izicathulo nezimpahla zesikhumba kunyuke ngo-2.9% kanti ezitolo ezidayisa zonke izinto kunyuke ngo-3.2%, kusho umbiko weStats SA.

Uma kubhekwa izinyanga ezintathu eziphele ngoJulayi, ukudayisa ezitolo kunyuke ngo-2.2% uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo nangonyaka odlule.

Izibalo zikhombise ukuthi ukudayisa ezitolo kunyuke ngo-2.5% ngoJulayi uma kuqhathaniswa noJuni, uma kubhekwa izibalo ezibuyekeziwe. Lezi zibalo zikhombisa ukuthi ukudayisa ezitolo kuqhubekile nokukhula ngoJulayi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page