Izikhwama zempesheni zingalekelela intuthuko – uButhelezi
WUSLINDILE KHANYILE
AWUKHO umnotho ophumelelayo uma omasipala bengasebenzi ngendlela efanele kanti uma kubhekwa izinto ezenzeka komasipala abakhulu, kuyabonakala ukuthi iNingizimu Afrika isaqhubeka nokubanezinselelo.
Usho kanje ungqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natali uMfu uThulasizwe Buthelezi ngesikhathi engqungqutheleni ebibheka ukuthi ingasetshenziswa kanjani imali yezikhwama zempesheni ukukhulisa umnotho iKwaZulu-Natal Investment Forum.
UButhelezi uthe: “Abatshalimali bafaka imali uma ingqalasizinda isebenza kahle futhi izokwazi ukuseka ukukhula komnotho nokwakha imisebenzi. Akuyona nje into okufanele kubewuhulumeni kuphela ozihlupha ngayo. Ngake ngayimeya kanti kwasithatha isikhathi ukuthi senze isikhwama sempesheni sikamasipala sitshale imali kwingqalasizinda.”
Kule ngqungquthela, obekungeyokuqala, kudingidwe ngamathuba akhona emnothweni nokuthi iyiphi indlela izikhwama zempesheni ezingawuseka ngayo lo msebenzi futhi yabheka nezinselelo abafisa ukutshala imali abhekana nazo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/20/sekuthela-izithelo-ukugodla-imali-yomasipala-ugodongwana/
“Abatshalimali badinga isiqiniseko sokuthi izinto zisebenza kahle. Enye yezingqinamba ngamanani kagesi aphezulu, kungabe ukhuluma ngezidingo zeRichards Bay IDZ noma iToyota. Yilelo igebe elingavalwa yizikhwama zempesheni ukubheka ukuthi singenza kanjani ukuthi kubenogesi oshibhile.
“Kunemali engaphezu kwangoR10 billion eza esifundazweni ngemboni yezimoto kanti leyo ngqalasizinda okuzotshalwa kuyo imali iyohlale ikhona,” kusho uButhulezi.
Ukhuluma kanjena uButhelezi, amehlo athe njo komasipala njengoba kuzobanokhetho labo ngoNovemba. Ngenyanga edlule umcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke ushicilele umbiko obutshengisa indlela omasipala abasebenzise ngayo imali ngonyaka wezimali u-2024/25 kanti ukhale kakhulu njengoba kuvele ukuthi awukho nowodwa komasipala abakhulu othole umbiko omuhle.
UNks uMaluleke uveze ukuthi isaqhubeka imisebenzi yomasipala ukuthatha isikhathi eside kunokusuke kuhleliwe nokunyussa isabelomali salezi zinhlelo kanti omasipala basathembele kakhulu kongoti abazimele kodwa futhi ayibonakali into abayikhokhelayo.
UmNyango weziMali uke wagodla uR13,5bn womasipala abawu-69 ngoba uthi kunezinto okufanele bazilungise ngendlela abaphatha ngayo imali.
Kafushane ngokhetho lomasipala:
- Omasipala abakhulu banezinhlobo ezimbili zokhetho, olokukhetha ikhansela lewadi nolokukhetha i-proportional representation (i-PR);
- Bonke abanye omasipala banezinhlobo ezintathu zokhetho, olwekhansela, i-PR nePR kwinhlanganisela yemikhandlu;
- Abangenela ukhetho bezimele bona bangangenela olokubayikhansela yewadi noma ikhansela lomkhandlu;
- Izinhlangano zepolitiki ezibhalisiwe zingangenela elokubayikhansela lewadi; elomkhandlu iPR emkhandlwini omkhulu noma iPR emkhandlwini omncane noma kwinhlanganisela yemikhandlu.
Lolu lwazi lucashunwe kwi-IEC – www.elections.org.za


