Umasihlalisane obebangiswa wumndeni uthole ifa eliwu-45%
YINTATHELI YOMBELE
KUZOSA ngokunye kwizelamani ezizitshela ukuthi izingane zakubo ezifa zingashadile zizowashiyela umndeni amafa azo njengoba umasihlalisane enikwe ingxenye kaR8,3 million embangweni wempesheni yomufi.
Lolu daba oluhanjiswe kumXazululi weziNdaba zemPesheni uMnu uLebogang Mogashoa selukhombisile ukuthi umthetho awenzeleli kodwa wenza okufanele.
NgoMeyi wango-2024 kwashona owesilisa eyilungu leCorporate Selection Umbrella Retirement Fund enemali ewuR8 330 764,70. Umufi wayenomasihlalisane asethandane naye iminyaka engaphezu kwewu-20 futhi emondla.
Udadewabo kamufi ebengafuni ukuthi isikhwama sempesheni sicazele umasihlalisane ingxenye yempesheni ngoba ekhala ngokuthi bebengashadile, benganangane futhi bengena-akhawunti yasebhange ababeka imali ngokuhlanganyela kuyona.
Udadewabo kamufi nezingane zakhe (abashana bomufi) bebekhala ngokuthi umasihlalisane ebewumngani nje, hhayi ukuthi usengaze abalwe ebantwini akade bondliwa wumufi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/25/kuphele-amahlathi-okucasha-esikhwameni-sempesheni-ebesigweva-nemali-yesisebenzi-esashona/
Isikhwama sempesheni kamufi siveze ubufakazi obukhombisa umXazululi weziNdaba zemPesheni ukuthi umufi nomasihlalisane uM bebenobudlelwano beminyaka ewu-20. Bebevamise ukuhlala emzini kaM oseRivonia nasemzini kamufi oseSandton.
NgoJulayi wango-2023 banquma ukuyohlala kwamufi kwaze kwaba uyafa ngo-2024 futhi ofakazi bathi bebethandana. Kuvele ubufakazi bokuthi umufi ubefeza izidingo zendodana kaM ezenza uR15 000 nyanga zonke, enza igrosa, ekhokhela isisebenzi sasendlini, izindleko zikadokotela wezinja, iNetflix, i-internet namaholidi, esiza nonina kaM.

Abantu abahlala isikhathi eside bondlana bayahlomula uma kufa omunye
UmXazululi weziNdaba zemPesheni uthole ukuthi udadewabo kamufi ubethola uR12 000 ngenyanga kumfowabo futhi ethengela abashana izimoto, ebakhipha baye emaholidini.
Udadewabo kamufi uyindlalifa yezimpahla zonke zikamufi ezibiza uR5.8m, usehlomulile kwimishwalense yakhe nangokudayisa ikubo (bewumndeni).
Isikhwama sempesheni besicazele uM u-65% wemali kamufi kodwa ibuye yehla emva kokubheka zonke izinhlangothi. U-M uthe ubesethandane nomufi iminyaka ewu-25, besekana ngayo yonke indlela futhi behlelela nomhlalaphansi. Uthe ubenakekela izidingo zikamufi ngisho esethi akashintshe imisebenzi ukuze abeseduze naye ubekwenza loko futhi ufuna ukuthathwa njengomlingani wangunaphakade ngaphansi komthetho waseNingizimu Afrika i-Permanent Life Partner.
Ngemva kokubheka bonke abathintekayo nesigaba 37C somthetho wezimpesheni i-Pension Funds Act, umxazululi unqume ukuthi imali yomufi kufanele itholwe abantu akade ebondla esaphila, okusho ukuthi udadewabo uzothola u-45% wefa, umasihlalisane athole u-45% bese abashana, owomfana nowentombazane, bathole u-5% ngamunye.
Uthe ukuhlalisana akusho ukuthi usushadile ngoba kuyenzeka izithandani zingahlali ndawonye eNingizimu Afrika ngenxa yesimo somnotho, omunye asebenzele kude nekhaya. Ubheke kakhulu ukuthi izithandani besezithandane isikhathi esingakanani, ubufakazi obukhombisa ukuthi bezisekana ngokwezimali futhi zaziwa ukuthi ziyathandana.
Uthe isikhwama sithathe isinqumo esifanele, ngakho kufanele imali icazwe ngendlela ebesinqume ngayo. Udadewabo kamufi uchithiwe.

