Umphakathi uqale ibhikawozi ngemali yesibonelelo
WUTHOBILE ZWANE
NGEMVA kokuqaphela ukuthi abantu abaningi basebenzisa imali yesibonelelo sikahulumeni ezintweni ezinganamsebenzi, njengezidakamizwa notshwala, kwenza insizwa yase-Evaton, eGauteng, yabanomqondo wokukukhombisa ukuthi noma imali ingabancane kangakanani kodwda ingasetshenziswa ukuzakhela ikusasa elingcono.
Yanxusa umphakathi ukuthi uhlanganise oR370 ukusungula ibhikawozi ezobhaka into edingwa yilo mphakathi wakuMasipala weNdawo waseSedibeng kakhulu – isinkwa.
UMnu uSibusiso Ntsele wasungula Isinkwa Sethu Bakery ngoDisemba wango-2025 ngoba ebona abantu bendawo sebekhathele ukuhlala emakhaya dekle. Leli bhizinisi elaqala liyibhikawozi selikhule labayisitolo esidayisa izinto ezihlukene ezidingwa wumphakathi lengeza ibhusha nesitolo segrosa.
Namuhla i-Isinkwa Sethu isikhule yaqasha izisebenzi eziwu-40, okubalwa ezisebenza ebhikawozi, esitolo nabathutha izinkwa. Isinkwa sidayiswa uR11 ulofu kwabathenga eziningi, kuthi esisodwa sibewuR13.

Isinkwa esibhakwa yi-Isinkwa Sethu Bakery
“Abantu bangithemba ngezimali zabo ukuqala leli bhizinisi ngoba befisa kuvuleke amathuba omsebenzi emphakathini ngamava enginawo. Sasikholwa wukuthi uma siyenza le nto singakwazi ukwakha ibhizinisi elizophilisa abantu bakithi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/03/09/owayejika-nelanga-usenebhikawozi-elingqangqayo-endaweni/
“Sahlangana singabantu abawu-1 200 abathola isibonelelo, satshala imali, sadela izindleko zabo zanyanga zonke. Saqala ngokuthenga indawo eyayidinga ukulungiswa,” kulanda yena.
Uthi emva kwalokho kwaqoqwa enye imali yokuthenga izithako zokubhaka, ukupakisha izinkwa, ukufaka ama-barcode nokulungiselela ukuqala kokusebenza kwebhikawozi.
UNtsele uthi kwakungelula ekuqaleni ukuncenga abantu ukuthi banikele ngesibonelelo sabo kodwa bakholelwa embonweni wokuthi wokubayingxenye yaleli bhizinisi ukuze bezokwazi ukuziphilisa.
“Abantu abaningi badlala izitokfela ukuthenga igrosa noma ukongela imicimbi. Thina sifuna ukuveza ukuthi izistokfela zingasetshenziselwa ukusungula amabhizinisi, kuvuleke amathuba emisebenzi futhi kuthuthuke umnotho emphakathini,” kusho yena.

Isinkwa Sethu sesinemoto ediliva izinkwa e-Evaton namaphethelo
UNtsele uthi ngokomunye umbiko, abantu bakuMasipala weNdawo waseSedibeng basebenzisa imali elinganiselwa kuR210 million nyanga zonke ukuthenga isinkwa. Uthi inhloso yabo wukuthi ingxenye enkulu yaleyo mali ihlale emphakathini, kunokuthi iye emabhizinisini amakhulu.
Uthi besaqala wagxekwa, kwabanezingxabano, izinselelo zomthetho nabantu ababecabanga ukuthi lo mbono ngeke uphumelele kodwa waphokophela kunjalo.
Ululeke abantu abafisa ukusungula ibhizinisi ukuthi bangalindi ukuthola usizo lwemali kuhulumeni noma usizo olukhulu ngaphambi kokuqala. “Qalani ngaloko eninakho. Sebenzisanani, nithembane futhi ningesabi ukuqala kancane kancane. Uma umphakathi ubumbene, ningaqala amabhizinisi amaningi angashintsha izimpilo zabantu,” kucebisa yena.
Uthi bafisa ukudala amanye amathuba omsebenzi emphakathini babenama-franchise ezweni lonke.
Facebook: Isinkwa Sethu
TikTok: @isicholo

