U-Emmanuel Mothae, umsunguli weBots Bakery, ibhikawozi yaseBotshabelo, eFree State. Izithombe: Zithunyelwe

Owayejika nelanga usenebhikawozi elingqangqayo endaweni

WUTHOBILE ZWANE

NGEMVA ngemuva kokujika nelanga ngenxa yokungawutholi umsebenzi, insizwa yaseFree State yafikelwa wumqondo wokusungula ibhikawozi.

UMnu u-Emmanuel Mothae, waseBotshabelo, wasungula iBot Bakery ngemva kwezinyanga eziyisithupha engasebenzi eminyakeni emithathu edlule. Wayibhalisa ngo-2020, yaqala ukusebenza ngo-2022.

Leli bhikawozi eliselokishini elibhaka isinkwa, ama-roll, amabhanisi nama-cream bun aligcini nje ngokwenza umbhako oncindisa iminwe kodwa kodwa futhi lidala amathuba kubantu bendawo, ikakhulu intsha.

Le nsizwa eneminyaka ewu-35 ithi: “Ngangibheka nje into engingayenza ukuze kubenento engiyenzayo, kwafika leli bhizinisi emqondweni wami. Ngaqala ngenza ucwaningo ngamabhikawozi, umbhako nokuwenziwa nemishini edingekayo. Kwakunzima kakhulu ukuqala ibhizinisi ngoba ngangingasebenzi, futhi ngangingenemali,” kusho le nsizwa egabe nge-Bachelor of Arts in Theology zase-African Christian College yaseMalawi.

Isinkwa seBots Bakery

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/26/ophuma-phesheya-ubuyise-isinkwa-sombhako-esitayeleni/

Uthe wacabanga ukuthi akazame inhlanhla abhalisele usizo lwemali kuhulumeni. “Ngathola usizo kwiSmall Enterprise Finance Agency yangithengela amathuluzi, iNational Youth Development Agency yangithengela isitoko nezinto engangizosisebenzisa ukuxova.”

Ama-cream bun aconsisa amathe eBots Bakery

Namuhla iBot Bakery isikhule yaze yaqasha izisebenzi eziwu-11 ngokugcwele. UMothae uthi akhona amathuba okukhula, ikakhulu kosomabhizinisi abancane emalokishini. Wengeze ngokuthi Inkinga enkulu wuthi amabhizinisi amancane anomthamo omkhulu womsebenzi ngoba isidingo sihlale siphezulu kanti yiyona nselelo yabo enkulu.

Uthi ngenxa yokushoda kwemisebenzi, ukhuthaza intsha yaseNingizimu Afrika ukuthi izame izinhlelo zikahulumeni zosizo lwemali. “Impela ngikhuthaza abantu abasha ukuthi bafake izicelo. Ziningi izikhungo zikahulumeni, ngisho ezinkampanini ezizimele zikhona,” kusho yena.

UMothae ululeka abafisa ukuqala bhizinisi ukuthi: “Ungesabi ukuqala kancane. Ngihlale ngikhuthaza abantu abasha, ngisho nabasebenzayo, ukuthi esikhathini samanje babenamabhizinisi abawenza eceleni.

“Lesi yisikhathi sokuthi wonke umuntu ofuna imali angene ebhizinisini. Zama ukudayisa okuthile. Umuntu ocabanga ukuthi kufanele aqale ngokukhulu kodwa ungaqala ngokuncane kanti baningi abantu abaqale bebancane, ngakho qala kancane,” kusho yena.

Facebook: Bots Bakery

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

https://iono.fm/p/2014

Inqolobane

You cannot copy content of this page