Ungqongqoshe eHhovisi likaMengameli obheke izindaba zaBantu beSifazane, iNtsha nabanokuKhubazeka uNkk uSindisiwe Chikunga uzovula iNyanga yaBantu beSifazane embukisweni wamabhizinisi i-EmpowerHer Market Trade Fair e-Olive Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali, kusasa. Isithombe: Sithunyelwe

Abesifazane bazohlonyiswa ngolwazi lwamabhizinisi kwi-EmpowerHer Market Trade Fair

YINTATHELI KAMASIPALA

INYANGA yabaNtu beSifazane izovulwa ngomfutho njengoba ungqongqoshe eHhovisi likaMengameli obheke izindaba zaBantu beSifazane, iNtsha nokukhubazeka uNkk uSindisiwe Chikunga ezobanika amathuba omnotho.

Loku kuzokwenzeka embukisweni i-EmpowerHer Market Trade Fair e-Olive Convention Centre, eThekwini, KwaZulu-Natali kusasa.

I-EmpowerHer Market Trade Fair wumbukiso owenziwa wuhulumeni ubambisene ne-Absa ukuqinisekisa ukuthi abantu besifazane bathola amathuba ebhizinisi, bakhangisa imikhiqizo nezinsiza zabo, bathola izimakethe futhi baxhumana nabatshalimali namakhasimende.

Indikimba yalo nyaka yeNyanga yaBantu beSifazane ithi: “Empowered Women Empower the Nation”, okusho ukuthi abesifazane abanolwazi bahlomisa isizwe.

Esitatimendeni, ihhovisi likaNkk uChikunga lithe ukuthula lo mbukiso ngeNyanga yaBantu beSifazane kukhombisa ukuthi namanje basabhekene nezinselelo ezihlukene.

Kulezo zinselelo kukhona eyokungalutholu usizo lwezimali, ukungatholi amathuba ebhizinisi, izimakethe, ezobuchwepheshe nokusekwa kwamabhizinisi abo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/04/24/izogaba-ngezikhulumi-ezinohlonze-idurban-business-fair-business-indaba/

Ihhovisil likaNkk uChikunga lithi lezi zinselelo yizona ezibhebhezela inhlupheko, ukuswela umsebenzi, ukungaholi imali efanayo ngomsebenzi ofanayo phakathi kwabantu besilisa nabesifazane, ukucwasa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

Embukisweni kuzobakhona osomabhizinisi besifazane, iminyango kahulumeni, izinkampani zikahulumeni, ezixhasa ngemali, imboni ezimele nezinhlangano ezisiza umphakathi ukuqinisekisa ukuthi abantu besifazane bayazimela futhi baneqhaza elibonakalayo emnothweni.

Osomabhizinisi bazothola ithuba lokukhangisa imikhiqizo yabo, ukuxoxisana nezinhlaka ezihlukene ngamathuba ebhizinisi nawosizo lwezimali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page