Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana unxuswa ukuthi asheshise ukukhetha ibhodi entsha ePublic Investment Corporation. Isithombe: Sithunyelwe

I-Cosatu ifuna kuphuthume ukuqoka ibhodi yePublic Investment Corporation

WUBONISWA MOHALE

UMFELANDAWONYE wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions (iCosatu) usucele ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ukuthi asheshise ukuqoka ibhodi entsha yenkampani kahulumeni etshala imali iPublic Investment Corporation (iPIC).

Ngesonto elidlule kusule usihlalo webhodi yePIC uDkt uDavid Masondo namanye amalungu ayisithupha kule bhodi enamalungu awu-11.

Umkhulumeli weCosatu uNksz uZanele Sabela uthe iPIC ibalulekile kakhulu ngoba iphethe imali yempesheni yabantu baseNingizimu Afrika neyezisebenzi, ikakhulu zikahulumeni.

“Siyabonga ukuthi ibhodi yePIC ephumayo ikwazile ukukhulisa imali yale nkampani ebiwuR1,8 trillion, yaba wuR3,6trn. Kubalulekile ukuthi isimo sibuyele kwesijwayelekile kule nkampani futhi kufanele uGodongwana asheshe aqoke ibhodi entsha,” kusho yena.

UNksz uSabela uthe bayasamukela nesinqumo sebhodi endala sokuthi izinkinga zePIC ziphenywe wuphiko lokushushisa iSpecial Investigating Unit.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/24/usihlalo-wepublic-investment-corporatioin-usule-isigubhukane/

NgoLwesihlanu uGodongwana uthe usaxoxa nekhabhinethi ngokuqoka ibhodi entsha ngoba kufanele ayiqoke elandela isigaba 6 (1)) somThetho wePIC.

Esitatimendeni, uGodongwana uthe uzoqinisekisa ukuthi isimo sibuyela kwesijwayelekile ePIC, wabonga uMasondo ngokwehla esikhundleni. Uthe yisinqumo esifanele futhi esihle ngenxa yezinselelo ezikwiPIC.

Izinkinga zePIC ziqale ngemva kombiko wokuthi kukhona okungahambanga kahle ngesikhathi iboleka inkampani enamasheya eLanseria Airport i-Acapulco Trade and Investment.

Ngemva kwaloko kumiswe isikhulu esiphezulu sePIC uMnu uPatrick Dlamini, kwalandela ukusula kwamalungu ayisithupha ebhodi. UDlamini uselufake enkantolo udaba lokumiswa kwakhe emsebenzini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page