‘Imali iwumoya. Yiphathe kahle, nayo izokunakekela’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noKhanyo Makhathini, odume ngelika‘Queen Rejoice’. Uwumsakazi weNanda FM othula uhlelo lwasekuseni lwempelasonto i-The Morning ShakeUp, ne-Asilungiseni Sundays kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini. Unamava eminyaka ewu-16 esakaza kulesi siteshi. Useke wahlabana ngezindondo i-Best Magazine Show kumaMTN Radio Awards ne-Best Content Producer kwiNtandoyesizwe Awards
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha, ngangiyithola ngokudayisa izitik’swidi namagwinya esikoleni.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngemva kwaMatikuletsheni. Ngangineminyaka ewu-18, ngayivula eFirst National Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi imali iyasetshenzelwa, ayivele iqhamuke nje. Kufanele uyisebenzele, ayizi mahhala.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngazithengela ucingo (ehleka), kanti empeleni ngangivele ngingenalo ucingo ngaleso sikhathi.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukusiza umuntu engimbona ukuthi uswele.
Yiliphi iphutha lithinta imali osuke walenza?
Ukujola ngemali.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo, ngiwadlalile impela amabhanoyi.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ungaxhamazeli uma kuza ngasemalini. Kukhona isikhathi lapho ubona sengathi imali iningi, uhlanye bese iyaphela. Uma ungayisebenzisi ngendlela efanele, iyaphela ungakholwa nokuthi iphelile.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathenga imoto entsha. Kodwa angiyifuni imoto ezongifaka ezindlekweni, ngidinga imoto engangisusa la, ingibeke laphaya, engabizi kakhulu kuphethroli. Enye ngingayitshala emabhizinisini ami.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ungavumi ukuhlanyiswa imali, ungawuvumeli lowo muzwa. Imali iwumoya, yiphathe kahle, uyithande ngendlela ongathanda ngayo omunye umuntu, nayo izokuthanda. Yithande ngokuyinakekela, nayo izokunakekela.
