Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSbo Mdunge, umsakazi weNanda FM wohlelo i-Rise and Rock Breakfast Show, olungena ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu ngo-6 kuya ku-9 ekuseni. Wethula izinkulumo ezakhayo futhi aphathe imicimbi
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, kodwa eyokuphatha esikoleni kuphela.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ngo-2009, ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngafunda ukuthi imali ayihlale ikhona njalo, ngakho kusemqoka ukuhlela ukuthi uzoyisebenzisa kanjani.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngibamba amatoho ngisafunda u-Grade 11 ngo-2006, ngihola uR123.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngazijabulisa ngokuthenga ukudla nezinto ezimnandi.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuthwala izindleko zami zokufunda kanti ngiziqhenya kakhulu ngakho.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuwake walenza?
Wukwenza isikweletu sikaR5 000 ebhange ngingenahlelo oluqondile lokuthi ngizoyenzani. Ngabona isimoshekile ukuthi angenzanga lutho (olusile) ngayo.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Esokuthi ungafuni okungaphezu kwamandla akho ngoba loko kuyokwenza uhlale ungenamali.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakhela umama umuzi, kuthi esalayo nginikele ngayo ekhaya labantu abadala nasemindenini eswele ngasekhaya.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngokuthi abangangeni kulo mkhakha ukuzofuna imali ngoba awusikona loku iningi elizitshela ukuthi uyikona.
- WuSimangaliso Ntshangase