Uhlalisa abantu emnyango ntofontofo nangesitayela
WUTHOBILE ZWANE
INTOKAZI yaseGoli eyase ineminyaka eminingi ingasebenzi isinenkampani eyenza ifenisha yasemnyango etholakala ezitolo ezinkulu nasezinkundleni zokuthenga online.
Yize inokukhubazeka kusukela yazalwa, ayivumelanga izinselelo ziyivimbe ekufezeni isifiso sayo. Wazalwa ene-Erb’s palsy, isimo esenza ihlombe nengalo yesobunxele kungasebenzi kahle.
UNksz uSejeng Noge, oneminyaka ewu-37, waqala iSeated by Jenkie ngo-2022. Namuhla ifenisha yakhe isidayisa ezitolo ezinkulu oPick n Pay, iHyper, iBuilders Warehouse, i-Amazon, iTakealot neMakro Online.
Uthi wayiqala ngesikhathi engasebenzi ngemva kokubona isidingo samakhushini asetshenziswa abantu abathanda ukuhlala phandle ezindlini, emaflethini, ezindaweni zokungcebeleka nasezinkampanini.
Le ntokazi eneziqu i-BCom Honours in Logistics Management zase-University of Johannesburg, yayi-demand planner ngaphambi kokungasebenzi isikhathi eside.
UNksz uNoge uthi ngenkathi eqala wayecabanga ukuthi ibhizinisi lizomchithisa isizungu kuphela kodwa lakhula ngendlela ayengayilindele.

Izihlalo ezinamakhushini agqamile ezenziwa yiSeated by Jenkie
“Thina senza into edingwa yikhasimende futhi sihlala sinesitokwe esanele. Loko kusho ukuthi amakhasimende ethu akwazi ukuthola umkhiqizo wawo ngokushesha, osezingeni eliphezulu,” kusho yena.
UNksz uNoge uthi into ebalulekile wukwenza umkhiqizo osezingeni eliphezulu ngoba izinto zokuhlala ngaphandle zisebenza kakhulu futhi ziyashesha ukungcola. Uthi basebenzisa izinto ezisezingeni eliphezulu ukwenza amakhushini futhi banezisebenzi ezinekhono.

I-Seated by Jenkie yenza namakhushini ezihlalo anemibala ezothile
Kwezinye izinselelo asebeke babhekana nazo ubala ukuthola abantu abanamakhono abakwazi ukwenza umsebenzi osezingeni abalifunayo. Nokho, basebenzisana nezikhungo zemfundo ephakeme ukucija abafundi abasafundela lo mkhakha.
FUNDA NALAPHA: Umshayeli wetekisi usenza ifenisha enobuciko besiNtu
I-Seated by Jenkie isiqashe izisebenzi ezingaphezu kweshumi kanti ufisa ukuqasha ezinye izisebenzi njengoba ibhizinisi liqhubeka nokukhula.
UNksz uNoge ululeka abantu abafisa ukusungula ibhizinisi ukuthi bangalindi isikhathi esifanele noma izimo ngaphambi kokuqale. Uthi into ebalulekile wukuqala ngaloko umuntu anako, asebenze kanzima futhi agxile ekwenzeni umkhiqizo osezingeni eliphezulu.
UNksz uNoge uthe ufisa ukubona izimpahla zeSeated by Jenkie zidayiswa kwezinye izitolo ezinkulu nokusebenzisana nezinkampani ezinkulu ezifana ezinjengeSun International.
Facebook: Seated by Jenkie
Instagram: @seated_by_jenkie

