Kukhona okuhle okwenziwa yisikhulu esiphezulu eTransnet uNks uMichelle Phillips nethimba lakhe, nokho kunokutotoba ngezinye izinto, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Zithela izithelo izinguquko kwezokuthutha kodwa kufanele sibambe umgqigqo, kuloba uBusi Mavuso

IZINGUQUKO embonini yokuthutha izimpahla zimqoka empumelelweni yomnotho wethu. Asikwazi ukuncintisana ekudayiseni izimpahla kwamanye amazwe ngaphandle kwamachweba asebenzayo futhi okufinyeleleka kahle kuwona.

Amapulazi ethu, amafemu nezimayini zidinga ukukwazi ukuhambisa umkhiqizo wazo phesheya ngamanani akwazi ukuncintisana nabanye abakhiqizi. Kubalulekile loku ekukhuliseni umnotho nasekwakheni imisebenzi.

Kuyaphuthuma loku. Izibalo eziphume ngesonto elidlule zitshengise ukuthi sinyukile isibalo sabantu abangasebenzi ngekota yokuqala sabawu-32,7% sisuka ku-31,4% ngekota yesine yango-2025, okusho ukuthi bawu-8.1million abantu abangasebenzi.

FUNDA NALAPHA: Bawu-8.1 million abaswele imisebenzi eNingizimu Afrika

Kuphele imisebenzi ewu-345 000 emnothweni ngekota yokuqala. Ngiyavumelana neCosatu ukuthi lezi zibalo “zibuhlungu kakhulu”. Nokho ngithemba ukuthi zizokwenza sisukumele izinguquko esingazishintsha. Ukukhulisa umnotho wukuphela kwendlela esingakha ngayo le misebenzi esiyidinga kakhulu. Ukukhula komnotho kudinga imboni yokuthutha izimpahla ekwazi ukuncintisana futhi ezokwenza amabhizinisi adayisela amanye amazwe izimpahla avelele emazweni omhlaba.

Yingakho izinhlangano zamabhizinisi zigxile kangaka ezinguqukweni kule ngqalasizinda emqoka kangaka yomnotho. I-Business Leadership South Africa(iBLSA) Business Leadership South Africa: BLSA Business Leadership South Africa blsa.org ilekelele ngemali nangamakhono eKomitini eliBheke iNkinga yezokuThutha futhi iyaqhubeka nokuseka imizamo yeBefore for South Africa (iB4SA) yokusebenzisana nohulumeni ukushintsha indlela ezokuthutha ezisebenza ngayo.

Nakuba ikhona inqubekelaphambili kodwa iyatotoba kunebesikufisa. Izinhlelo ezihlanganiswe yikomiti zicacile. Sidinga kutshalwe imali kwezokuthutha. Loko kungenzeka ngokuthi imboni ezimele ibambe iqhaza elikhulu. Yinto osekuvunyelwene ngayo nasemgomweni lena kodwa uhlelo oluzokwenza imboni ezimele ibambe iqhaza emizileni yezitimela nasezingxenyeni zamachweba aluhambi kahle.

Njengoba usho umbiko okhishwe yiBLSA Reform Tracker ngenyanga edlule, imibandela ebekiwe yenza ukuthi ingozi enkulu ilengele embonini ezimele ekubeni iTransnet iqhubeka nokubeka le mibandela okufanele imboni ezimele isebenze ngayo.

Yize kunjalo, zikhona izimpawu zenqubekelaphambili. Imibiko ekhishwe ngesonto elidlule yezimpahla ezithuthwe emachwebeni aseNingizimu Afrika ngo-2025 zitshengise ukuthi izinto ziyaphucuka. Kufike imikhumbi ewu-8 630 emachwebeni ethu, into obesekuphele iminyaka ewu-15 ingenzeki.

Kumqoka loku ezimbonini ezidayisela amanye amazwe izimpahla okufaka ethutha okusa-orintshi, okuyiyona esihamba phambili emhlabeni ngemva kokuthi isuse iSpain esicongweni ngokudayisa umthamo omkhulu.

Lezi zibalo zizonyuka ngenxa yezinguquko esezihehe imboni ezimele ukuthi itshale imali. Inkampani yasePhilippines i-International Container Terminal Services iqalile ikusebenza echwebeni laseThekwini ngoJanuwari kanti izotshala uR11 billion ukukhulisa umsebenzi ngo-40%.

I-FFS Tank Terminals izosebenza eCape Town Liquid Bulk Terminal kanti izotshala imali ecela kuR200m ukuphucula ingqalasizinda nokukhulisa umsebenzi ngokuphindiwe.

EThekwini, iTransnet isayine isivumelwano seminyaka ewu-20 neFPT ezosebenzisana nayo kwiDurban Fresh Produce Terminal. E-Richards Bay Dry Bulk Terminal neNgqura Manganese Export Corridor nakhona maduze kukhona izinkampani ezizimele abazosebenzisana nazo.

Nemali etshalwe yiTransnet nayo ilekelelile ukukhulisa umsebenzi okubalwa ukuphucula uphiko lwama-container eThekwini naseCape Town futhi kunezinhlelo zokuqhubeka nokukhulisa umsebenzi.

Nokho ukuze umnotho ukhule kahle, kudingeka kuncintiswane ngempela kanti iTransnet kuzofanele igade inganqindi imboni ezimele. Lezi zinto ezinhle ezenzeka emachwebeni zitshengisa ukuthi yini engenzeka uma uhulumeni udedela imboni ezimele ukuthi itshale imali kunokuyinqinda. Lena yiyona ndlela okufanele izinto zenzeke ngayo.

Okunye okuhle okwenzekile ngesonto elidlule wukuphothula izinkontileka zezinkampani eziwu-11 ezizokwengamela eminye imizila yezitimela neTransnet Freight Rail Infrastructure emva kobunzima bezingxoxo ukuqinisekisa ukuthi zingakwazi ukuxhaswa ngemali.

Lezi zinkampani kulindeleke ukuthi zengeze amathani awu-24 million amalahle, i-manganese, ama-container, imikhiqizo kaphethroli nezinye izimpahla. Ezinye kulindeleke ukuthi ziqale ngaphambi kokuphela konyaka yize abaningi bezoqala ngonyaka ozayo.

Ukuqinisekisa ukuthi imizila yezitimela iyaqhubeka nokusebenza ngendlela efanele njengokusho komgomo, ukukhulisa umthamo wezimpahla nokuphucula indlela okusetshenzwa ngayo, sidinga kusheshiswe i-Network Statement yesine, iTransnet Rail Logistics ethi isizophothulwa. Ukubambezeleka kusho ukuthi siphuthelwa yithuba lokuncintisana. Ikhona inqubekelaphambili kodwa sisekude kakhulu nalapho kufanele sibe khona.

Ungqongqoshe wezokuThutha uNks uBarbara Creecy nesikhulu esiphezulu seTransnet uNks uMichelle Phillips (nethimba lakhe) kufanele banconywe ngendima esikhathuliwe.

Ubuholi bukangqongqoshe abupheleli ezitimeleni nasemachwebeni. Ngesonto elidlule, umemezele uhlaka olusha lomthetho ozokwengamela isikhwama esisiza abantu abalimala ezingozini zomgwaqo nemindeni yabafayo iRoad Accident Fund (iRAF), osekuneminyaka sinenkinga yokungaphathwa ngendlela efanele nezimali ezingaphathwa kahle.

Ngonyaka odlule, ungqongqoshe uhlakaze ibhodi yeRAF kanti uhlela ukushintsha indlela esixhaswa ngayo lesi sikhwama nge-Road Accident Benefit Scheme Bill ezothulwa ePhalamende kulo nyaka.

Lezi zinto ezinhle ezenzeka embonini yezokuthutha zitshengisa ukuthi kwenzekani uma kunobuholi obuthatha izinqumo. Izinguquko zithela izithelo, isibalo semikhumbi siyakhuphuka, kunezigidi ezitshalwa yimboni ezimele futhi kunezixazululo ezinkingeni obesekunesikhathi zikhona.

Yiyona ndlela yokwenza izinkampani ezidayisela amanye amazwe izimpahla zikwazi ukuncintisana, kukhule amabhizinisi futhi kwakheke imisebenzi. Njengoba kunabantu abawu-8.1m abangasebenzi eNingizimu Afrika, asikwazi ukugcina icala uma senza izinto.

Kufanele siwubambe umgqigqo. Sidinga i-Network Statement ukuthi iphothulwe. Sidinga kuphothulwe izinkontileka zokusebenzisana nemboni ezimele kwamanye amachweba. Sidinga imibandela ekhuthaza imboni ezimele kunokuvikela ukuthi iTransnet kuqhubeke kubeyiyona eshaya amaphiko.

Lilonke, amabhizinisi aseNingizimu Afrika adinga ukukwazi ukukhetha angasebenzisana naye amachwebeni, ngenxa yendlela asebenza ngayo nangenxa yamanani. Yilapho sibheke khona, lapho umnotho uzokhula khona futhi sizokwakha nemisebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page