Umasipala usukumela ubuhixihixi bokukhokhela somabhizinisi
YINTATHELI YOMBELE
EMVA kokwanda kwamahlebezi okuthi osomabhizinisi abasebenzisana noMasipala waseThekwini ukulungisa ingqalasizinda yamanzi bazovalela izakhamuzi zalo masipala amanzi ngoba bengakhokhelwe, imeya uMnu uCyril Xaba ibize isithangami sabezindaba ukucacisa ngokukhokhelwa kwabo. Lesi sithangami besiseCity Hall, enkabeni yaseThekwini, KwaZulu-Natali, izolo.
Osomabhizinisi bathe abayitholile imali yize bethumele amaphepha afanele enkundleni kamasipala yokukhokhela osomabhizinisi e-online.
UXaba uthe: “Sizwile ukuthi osomabhizinisi bakhathazekile ngenkundla entsha yokubakhokhela kodwa sithembisa ukuthi siyabakhokhela. Kusukela kuqale u-Ephreli sithole ama-invoice angaphezu kwango-6 000 kaR800 million sesiwakhokhele. Kukhona awu-1 837 azokhokhelwa maduze namanye angaphezu kwango-5 000 asezigabeni ezihlukene zokukhokhelwa.”
FUNDA NALAPHA: Kuphelile ukulinda imali amalombo kosomabhizinisi baseThekwini
Uthe umasipala usungule inkundla yokukhokha e-online ukuze ahambisane nomthetho wokuphatha izimali komasipala nokuqinisekisa ukuthi konke okwenzekayo kuqoshiwe futhi kuhlelekile kusetshenziswa ubuchwepheshe, phecelezi i-Municipal Standard Chart of Accounts (imSCOA).
“UMasipala waseThekwini usebenzisa uhlelo imSCOA ukulandela umthetho wokuphatha izimali komasipala. Njengoba kwenzeka nakwabanye omasipala ukushintshela enkundleni entsha kuhambisana neziguquko.
“Size nalolu hlelo ngemva kokuthi umcwaningimabhuku-jikelele ezwakalise ukukhathazeka ngokuphatheka kwemininingwane ethile, okubalwa kuyona neyokukhokhela amabhizinisi esisebenzisana nawo ngesikhathi esisibekile. Sizisukumele lezi zinto seza nale nkundla,” kusho uXaba.
Uthe uphiko lokuthenga izimpahla nokukhipha umsebenzi lusungule inkundla e-online ezoqinisekisa ukuthi osomabhizinisi bathumela ama-invoice uma sebeqedile ukusebenza. Le nkundla ibasiza ukubona ukuthi bazoyithola nini imali yabo nezigaba ezihlukene okudlulwa kuzona ngaphambi kokukhokhelwa.
Mayelana nezinselelo ezikhona, uthe osomabhizinisi bayaqeqeshwa ngokusebenzisa le nkundla entsha futhi ukuqeqeshwa kwabo kuyaqhubeka njengoba belekelelwa abanezinselelo.
Ugcizelele ukuthi bafuna ukuqinisekisa ukuthi wonke ama-invoice ayakhokhelwa kungakadluli izinsuku eziwu-30.
Unxuse amabhizinisi ukuthi athumele ama-invoice ahambisana nako konke okudingekayo ukuze basheshe bakhokhelwe.
Imeya ithe abanezinselelo noma abangenamakhompyutha lukhona usizo eminyangweni efanele.
Kusukela ngomhlaka-4 wangoMeyi osomabhizinisi bangaya koSizakala ukuthumela ama-invoice. Umasipala uzoqhubeka nezinhlelo zokuqeqesha osomabhizinisi futhi banxuswa ukuthi baye kuzona.
Kukhona nama-video kuYouTube akhombisa osomabhizinisi ukuthi bawathumela kanjani ama-invoice kamasipala. Abadinga ukuqeqeshwa bangafaka isicelo ngokuthumela i-email ku-Accountspay.ewfqueries@durban.gov.za.

