Igolide elidayisa kahle lisize ukunyusa izibalo zokumbiwa ezimayini zaseNingizimu Afrika. Isithombe: Sithunyelwe

Amandla emali azonyuka ngo-3.1% – izinkomba

YINTATHELI YOMBELE

KULELI sonto eNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi amandla emali anyuke ngo-3.1% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoMashi, esuka ku-3% ngoFebhuwari. Kulindeleke ukuthi akhuphuke kakhulu ngo-Ephreli uma amanani kaphethroli esenyuka ekuqaleni kwenyanga.

Amanani okuthenga izimpahla angoFebhuwari akhombisa ukuthi abantu basathenga. Nokho lezi zibalo ngeke ziqhubeke ngale kwekota yokuqala. Amanani aphezulu kaphethroli nezimo zomnotho ezizompintsha abantu zizonciphisa imali yabantu yokuthenga ezinyangeni ezizayo.

Ukukhiqiza kwezimayini kunyukile kusuka ku-9.7% unyaka nonyaka ngoFebhuwari kulandela ukukhula ngo-0.4 percentage points kuya ku-5% ngoJanuwari. Loku kwenziwa wukuthi le mboni iwuqale kahle unyaka uma kuqhathanisa nokuqala kabi ngodlule.

FUNDA NALAPHA: Ukukhiqiza kuhambe kancane ngekota yesine yonyaka

Umkhiqizo wokumbiwayo okune-platinum ama-Platinum Group Metals (iPMG) anyuke ngo-52.3%, i-chromium ore inyuke ngo-26.9%, i-manganese ore yanyuke ngo-18.8%, igolide lanyuka ngo-12.8%. Kolunye uhlangothi i-iron ore yehle ngo-12.4%, amalahle ehla ngo-6.7%.

Ukukhiqiza ezimayini uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga kunyuke ngo-3.7% ngoJanuwari nango-2.3% ngoFebhuwari. Umkhiqizo wegolide unyuke ngo-9.3%, okunye okuyinsimbi kunyuke ngo-14.1%, kwathi amaPMG anyuka ngo-8.8%, ukumba i-copper kwehle ngo-37.3%.

Imboni yezimayini kulindeleke ukuthi iqhubeke nokungenisa imali emnothweni ngekota yokuqala.

Ukudayisa kokumbiwayo kunyuke kakhulu kwafika ku-58.3% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoFebhuwari, kwayinyanga yesithathu yokukhula ngamandla okuhambisana namanani aphezulu.

NgoFebhuwari ukudayisa kwemikhiqizo embiwayo kunyuse ukudayisa kwegolide kakhulu okufinyelele ku-397.6%, ukudayisa kwamaPMG kwanyuka ngo-132.1% kanti i-chromium ore idayise ngo-53.8%.– Lolu lwazi lutholakale ku-Bureau for Economic Research

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page