Abanye bosomabhizinisi akade besesithangamini sokucotshelelwa ngolwazi lwemithetho yokuhweba. Isithombe: Sithunyelwe

ITheku lilekelela osomabhizinisi abancane ukulandela umthetho

YINTATHELI YOMBELE

UKUZAMA ukuvuselela umnotho wezindawo ezihlukene eThekwini nokuseka amabhizinisi amancane, uphiko lwezimvume zokusebenza kwamabhizinisi kuMasipala waseThekwini belunenkundla yokucobelelana ngolwazi i-Business Empowerment Workshop kuWadi-92, eClermont, entshonalangana yaseThekwini.

Le nkundla yokucobelelana ngolwazi ihlomisa osomabhizinisi ngolwazi olubalulekile lokulandela umthetho noluzobasimamisa.

Osomabhizinisi bachazelwe ngemithetho okufanele bayilandele, izimvume zokusebenza ezihlukene, imithetho ehambisana nokwakheka kwedolobha, eyezempilo lapho umuntu esebenzela khona, elawula izakhiwo nabahwebi basemgwaqweni.

Bekukhona izisebenzi ezivela eminyangweni ehlukene kamasipala ebezisiza osomabhizinisi ukuqonda imithetho okufanele bayilandele ukuze basebenze kahle.

FUNDA NALAPHA: UMasipala waseThekwini ukhumbuza osomabhizinisi ukuvuselela izimvume 

Bebekhona nezithunywa zomNyango weziSebenzi ebezizochaza ngezinhlelo zokusimamisa amakhono abantu, okuqeqeshwa nawemisebenzi.

Inhloso yale nkundla yokucobelelana ngolwazi bekuwukubhekana nezinselelo zosomabhizinisi abancane nokubazisa ngamathuba azobasiza ukusimama.

Umhleli wezimvume omkhulu wophiko oluThuthukisa umNotho kumasipala uMnu uSiphiwe Zwane ukhulume ngokubaluleka kokuya kosomabhizinisi lapho bekhona, ikakhulu ababencishwe amathuba.

“Inhloso yale nkundla yokucobelelana ngolwazi wukuhlomisa umphakathi ngolwazi nezinsiza ezizowusiza ukuthola amathuba omnotho kodwa ebe elandela umthetho,” kusho yena.

Bekukhona osomabhizinisi baseClermont nomphakathi wonke. Kubenesikhathi sokubuza imibuzo. Abaholi bendawo, okubalwa kubona ikhansela nekomiti lalo, bakuthakasele ukubakhona kwale nkundla bathi izobanomphumela omuhle.

Umasipala uzibophezele ukwenza izinkundla zokucobelelana ngolwazi ezifana nalena nakwezinye izindawo ukuqinisekisa ukusimama komnotho wezindawo ezihlukene.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page