Zizokwehla izindleko zikagesi ezinkampanini ezincibilikisa insimbi ngemva kokuthi i-Eskom ibeke amanani kagesi azo ku-62c ngehora.

Ukunciphisa amanani okuncibilikisa insimbi kuzosindisa izigidi zemisebenzi

WUBONISWA MOHALE

IZINYUNYANA zezisebenzi zemboni encibilikisa insimbi zijabule ngemva kokuthi i-Eskom yehlise amanani akhokhwa yilezi zinkampani yawabeka ku-62 cents ngehora.

Lezi zinkampani okuyiGlencore-Merafe neSamancor bezikhala ngokuthi ziyasinda izindleko zamanani kagesi futhi loku kuzokwenza ukuthi zidilize izisebenzi.

Kuleli sonto umkhulumeli weCongress of South African Trade Unions uNks uZanele Sabela uthe bajabule ngemva kokuthi i-Eskom imemezele ngoLwesihlanu ukuthi lezi zinkampani sezizokhokha u-62c ngehora ngogesi eziwusebenzisayo esikhundleni sikaR1.36 ngehora.

“NgoDisemba i-Eskom yehlisa amanani kagesi ezinkampani ezincibilikisa insimbi asuka kuR1.36 aba wu-87c kodwa izinkampani zakhala zathi asephezulu kakhulu ngoba zidinga ugesi owu-60% njalo uma zisebenza. Bezisitshele ukuthi zizodiliza izisebenzi eziwu-4 000 kodwa njengoba sekunalesi sivumelwano ngeke kusenzeka loko,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: IKusile isiphehla ugesi owu-4 800 megawatts

Uthe lesi sivumelwano sisazosayinwa yiNational Energy Regulator South Africa kanti uNks uSabelo uthe balindele ukuthi siphase.

Inyunyana emele izisebenzi ezingamaBhunu iSolidarity ithe ukubakhona kwalesi sivumelwano kwehlise ingcindezi kwizisebenzi ebesezikhathazekile ngokuphela komsebenzi.

“Lesi sivumelwano asehlisi nje kuphela umthwalo emahlombe ezisebenzi ngoba nezwe lizoqhubeka nokubanezinkampani ezisebenza kahle ezinkulu ezincibilikisa insimbi kungene imali emnothweni. Besingafuni kwande isibalo sabantu abangasebenzi njengoba sivele siphezulu,” kusho iSolidarity.

Isikhulu esiphezulu se-Eskom uMnu uDan Marokane sithe bayakwazi ukuseka imboni encibilikisa insimbi ngenxa yokuthi sebekhiqiza ugesi omningi okwenza bakwazi ukucabanga kahle ngamanani.

Uthe bazoqinisekisa ukuthi nezinye izimboni ezibalulekile zomnotho ziyahlomula, wathi lesi sivumelwano sabo neSamncor neGlencore-Merafe kuzoba ngeseminyaka emihlanu.

Ungqongqoshe womNyango kaGesi uMnu uKgosientsho Ramokgopa uthe amanani amasha azoqinisekisa ukuthi izinkampani ezincibilikisa insimbi zisebenza kahle nebezingasasebenzi sezizovulwa.

“Lesi sivumelwano sivikela imisebenzi, sizoqinisekisa ukuthi izwe lihambisa insimbi kwamanye amazwe okuzongenisa uR76 billion esikhwameni sezwe noR18bn e-Eskom noR5.5bn wentela,” kusho yena.

I-Samancor neGlencore-Merafe bakhiphe izitatimende ezizwakalisa ukuthakasela lesi sinqumo ngoba sizovikela imboni, imisebenzi nomnotho wezwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page