Inqubekelaphambili ngezinguquko ezavela kwikhomishini kaZondo iveza okuhle nokuxegayo, kuloba uBusi Mavuso
LONKE ushintsho olugcina luphumelele lutholakala kanzima. Kuqale kubewumzukuzuku luhlanganiswa, okufaka izinhlaka ezihlukene ngaphambi kokubawumthetho umphakathi obeka uvo ngawo, ngaphambi kokuphasiswa ePhalamende. Emva kwaloko, kuqala inselelo yokuthi usetshenziswe.
Yiloku kanye okwenzekile ngemithetho emithathu ebalulekile emva kweziphakamiso zeJaji uMnu uRaymond Zondo okusanda kuba nenqubekelaphambili ebonakalayo ngazo, cishe ngemva kweminyaka emine ashicilela umbiko wakhe wokugcina ngokugwamanda amandla ombuso ngoJuni wango-2022.
I-Public Service Amendment Act, eshaywe ngo-Ephreli wangomhlaka-1, iqonde ukulwa nokuqoka abantu ngobubhululu bezinhlangano zepolitiki ukuze lamandla abengawezikhulu zikahulumeni, hhayi osopolitiki.
Lo mthetho awuwodwa kodwa uhambisana ne-Public Administration Management Amendment Act eqinisa izimiso okufanele kusetshenzelwe phezu kwazo kuhulumeni nendlela abantu okufanele baphendule ngayo ngendlela abenza umsebenzi ngayo.
Yomibili le mithetho ilwa nakho ngqo lokhu iKhomishini kaZondo eyathi yikona okuyimbangela yokugwamanda umbuso, ukusondelana kakhulu kwehhovisi losopolitiki nalelo likahulumeni kugcine kungasabonakali umehluko.
Umthetho wesithathu yi-Protected Disclosures Bill esesigabeni sokuthi umphakathi uphawule ngayo kanti ukuphawula kuzovalwa ngoMeyi wangomhlaka-14. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ikholwa wukuthi kubalulekile ukuthi abaholi bamabhizinisi basebenzise leli thuba ukufaka isandla endleleni ozogcina uyiyona.
Yonke le mithetho izokwenza umsebenzi omkhulu ukuqinisa impi yokulwa nenkohlakalo kodwa awukho ohamba indawo ende ngokwanele.
I-Public Service Amendment Act isusa amandla okuqasha, ukuxosha nakho konke okuthinta umsebenzi wansuku zonke kongqongqoshe iwanike izinhloko zeminyango. Okokuqala ngqa kusukela ngo-1994, amandla okuqasha izikhulu eziphezulu nokuphatha iminyango asezoba sezandleni zabantu abafundele umsebenzi, kunasezandleni zosopolitiki.
Lo mthetho uvimba izinhloko zeminyango nabantu ababika kubona ngqo ukuthi babenezikhundla emaqenjini epolitiki. Ngokusebenzisana ne-Public Administration Management Amendment Act, okuqinisa imithetho elawula izisebenzi zikahulumeni ezinamabhizinisi ahlinzeke uhulumeni ngomsebenzi futhi kuqinise nemithetho ethinta okufanele zikwenze ukudalula imininingwane ngezimali.
Lezi zinguquko zizoxazulula imibandela eyenza kwalula ukugwamanda Amandla ombuso. Yomibili le mithetho izolekelela ukuphucula ukusebenza kukahulumeni yize usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe.
FUNDA NALAPHA: Ukugwetshwa komuntu wokuqala ngokugwamanda amandla ombuso kubuyisa ithemba, kuloba uBusi Mavuso
Nokho, kusekhona okuhluphayo. Ukuqokwa kwezinhloko zomnyango, zona kanye lezi zikhulu esezinamandla athe xaxa, kusazobasezandleni zikamengameli nondunankulu. Loku kusho ukuthi osopolitiki basengabanesandla kokwenzekayo kusukela phezulu kuze kufike phansi.
Abawugxekayo bathe i-Public Service Amendment Act ishoda ngendlela ezimele nephathekayo yokwenza abantu baphendule ngabakwenzayo. Akukacaci ukuthi zona izinhloko zeminyango zizophendula kanjani noma zizoxoshwa kanjani uma zihlulwa wumsebenzi noma zingaziphathi ngendlela.
Umthetho uyisinyathelo esidingekayo kodwa uzothela izithelo kuphela uma uhambisana nokuphucuka kwendlela uhulumeni osebenza ngayo nezinhlaka ezizoqapha ngeso lokhozi ezingakabi khona.
Le mithetho isishayiwe kodwa ithuba lokufaka isandla endleleni ehlanganiswe ngayo alisekho. Kodwa akunjalo nge-Protected Disclosures Bill futhi yingakho iBLSA inxusa abaholi bamabhizinisi ukuthi bayibheke ngaphambi kwangomhlaka-14 wangoMeyi.
Abantu abaqhumbuza ithumba bangezinye zezikhali ezibalulekile kunoma ngabe iyiphi impi yokulwa nenkohlakao emphakathini. Ikhomishini kaZondo yakucacisa loku. Okuningi esikwaziyo ngokugwamanda umbuso kwahlala obala ngoba kunabantu ababeka impilo yabo engcupheni, bathula ubufakazi ngokwakufihliwe.
Inkohlakalo yenziwa esithe. Iphumelela ngokuthi abantu bafele phakathi. Abaphumela obala bathwala kanzima. ENingizimu Afrika kunenqwaba yezigameko lapho abantu abaveza khona inkohlakalo bexoshwa, bathwale kanzima ngokwemali kanti ezimweni ezibucayi bayabulawa. Umthetho uhlulekile ukubavikela kahle.
I-Protected Disclosures Bill ihlose ukukushintsha loku. Lomthetho uletha izinto ezintsha zokuvikela okudalulwayo nokwenza kubeyicala ukudalula igama lomuntu oqhumbuza ithumba. Sekuzovikelwa nabantu abathula ubufakazi uma sebaziwa.
Umthetho uthi kufanele bonke abaqashi, ngabe wuhulumeni noma abazimele, babenezindlela zokumukela ulwazi oluyimfihlo. Unquma nesikhathi okufanele singapheli kungathathwanga izinyathelo uma sekukhona okudaluliwe. Kanti kukhona nemali engahlonyulwa uma lolo lwazi luholela ekutheni abantu bashushiswe ngempumelelo.
Kodwa lo mthethosivivinyo unezinto ezidinga ukulungiswa. Izimo ezingaholela ekutheni kuhoxiswe ukuvikela umuntu azicacile kahle, okungenza ofisa ukudalula izinto abemanqika. Nemihlomulo ethinta imali idinga ukucaciswa kahle. Abantu abazovikelwa okwamanje kubukeka kungabaqashiwe, okwenza abazisebenzayo basale dengwane.
Amabhizinisi adinga ukuthi loku kwenzeke ngendlela. I-BLSA kade yakweseka ukuthi abaqhumbuza ithumba ngenkohlakalo bavikelwe kangcono.Eminyakeni emibili edlule sixhase inhlangano engenzi inzuzo iWhistleblower House, okusize ofakazi abawu-255 ngemali nangezindleko zabameli.
Izinkampani ezinendlela egqugquzela ukuthi kubikwe ngezinto ezingalungile yizona ezikwazi ukumelana nobunzima, eziphethwe kangcono futhi ezingekho engozini yokuzithola zinezindleko zabameli nezidicilela phansi isithunzi.
Sigqugquzela amalungu eBLSA nosomabhiznisi bonke ukuthi babeke imibono ngaphambi komhlaka-14 Meyi ukuqinisekisa ukuthi umthetho uyashaywa futhi kuvikelwe ofakazi ngendlela efanele. Yize sekuthathe iminyaka emine, iBLSA iyawuncoma uhulumeni ngokulungisa lezo zinto ezaphakanyiswa yikhomishini kaZondo.
Kukhona ezinye iziphakamiso ezimbili ezibalulekile ezenziwa yikhomishini kaZondo ezibalulekile, okuwukusungula i-National Anti-Corruption Charter ne-Anti-State Capture and Corruption Commission okungekona okukahulumeni.
Awukho nhlobo umnyakazo osuwenziwe ngomqulu kodwa ikhona inqubekelaphambili ngokusungula ikhomishini. Ngo-Agasti ngonyaka odlule, iNational Anti-Corruption Advisory Council (iNACAC) ishicilele umbiko wayo wokugcina ophakamise ukuthi kusungulwe iPublic Integrity and Anti-Corruption (i-OPI) njengesinye sezikhungo eziyiChapter 9. I-OPI yiyona ezobhekela injongo, amandla nezinsizakusebenza zeSpecial Investigating Unit iqhubeke nomsebenzi wayo ngokuphelele.
Umbiko weNACAC uyacutshungulwa yiKhabhinethi kanti kwabanesigcawu sokucobelela ulwazi ngoDisemba ngonyaka odlule ukubheka imibono neziphakamiso. Lezi zinto ziyayikhuthaza iBLSA futhi izoloku izigadile ukuze ibeke uvo lwayo lapho kudingeka khona.
Uma sibheka indlela inkohlakalo edlange ngayo eNingizimu Afrika, noma yimiphi imithetho yokuyilwa ibalulekile.


