I-Cartrack ihlawuliswe uR5 million ngokuphula umthetho ovikela abathengi
YINTATHELI YOMBELE
INKAMPANI esebenzisa ubuchwepheshe ukuthola izimoto ezintshontshiwe iCartrack izohlawula uR5 million ngokungavikeli abathengi.
Le nhlawulo inqunywe yiNational Consumer Tribunal emva kokuthi ikhomishini yabathengi ezweni iNational Consumer Commission (iNCC) idlulisele icala leCartrack kuyona.
Ukhomishana obambile kwiNCC uMnu uHardin Ratshisusu uthe sekunesikhathi bethola izikhalo ngeCartrack. Sezizonke ziwu-210 izikhalo zabathengi abakhala ngokuthi iCartrack ayibasizi njengokuthembisa kwayo ukuthola izimoto zabo.
“I-NCC iphenye izikhalo zabathengi, yathola ukuthi imigomo nemibandela yezinkontileka abazisayinayo ayihambisani nomthetho wokuvikela abathengi ngokwesigaba 74 (1) se-Consumer Protection Act (iCPA).
“Ngemva kwemiphumela yophenyo iCartrack ivumile ukuthi izoxazulula izikhalo eziwu-167, uphenyo oluthole ukuthi aluhambisani neCPA. Loku ithe ikwenzela ukugwema ukuvuma ukuthi ludonse isikhathi eside enkantolo kodwa ibe ixazulula izinkinga zabathengi,” kusho uRatshisusu.
FUNDA NALAPHA: Ikhomishini yabathengi inexhala ngezimoto ezidinga ukuphindiselwa emagaraji
I-Cartrack ivumile ukuthi indlela ebhala ngayo imigomo nemibandela kwizinkontileka zayo ayicacile kahle.
URatshisusu uthe iCartrack ivumile ukukhokha inhlawulo ewuR5m, ukukhokhela bonke abathengi abathintekayo uR5.1m nokuhoxisa izinkontileka zabathengi abathintekayo ngaphandle kokubakhokhisa imali yokuzihoxisa futhi ilungise imigomo nemibandela yayo ukuze ihambisana neCPA.
“Lesi sivumelwano sivala uphenyo oluthathe isikhathi eside lwezikhalo ezithinta iCartrack. Abathengi abathintekile bazothola ubulungisa ngalesi sivumelwano. Sithakasela nokuthi iCartrack izibophezele ukulungisa imigomo yemibandela yayo ukuze ihambisane neCPA, sibonga nokuthi ibisebenzisana nathi kusukela siqale uphenyo size sifinyelele kwisivumelwano,” kuphetha yena.

