Izinselelo zendlela yokusebenza kweSABC zidinga ukusukunyelwa, kuloba uJabulani Sikhakhane
ISINQUMO seSABC sokuvala uhlelo lwethelevishini i-Face the Nation siyisikhumbuzo sodaba lweminyaka lokuthi le nkampani kahulumeni esakazela umphakathi kufanele ixhaswe kanjani.
Imali engeniswa yiSABC ixubile. Kukhona eyithola ngokudayisela abakhangisi phakathi kwezinhlelo zethelevishini nezomsakazo bese kubakhona eyithola ngemali yamalayisense ekhokhwa njalo ngonyaka. Bese kubakhona eyithola kuhulumeni.
Inkinga wukuthi konke ukusebenza kweSABC kuncike kakhulu emalini eyithola kubakhangisi. Yinkinga enkulu lena ngoba kusho ukuthi izinhlelo zeSABC kufanele zibenemiphumela egculisa abakhangisi. Loku kuyinto eya ngokubanzima kakhulu njengoba kunezinguquko ezinkulu ezidalwa yisivinini esikhulu kubuchwepheshe, ikakhulu ubuchwepheshe obuphathelene nokusebenza kwemboni yezindaba.
Asibeke eceleni amampunge okuthi ukuvala i-Face the Nation kudalwe wukuthi lolu hlelo, obeluphethwe wuClement Manyathela, beluxina abantu bepolitiki. Kuloku iSABC ithe isizathu sokuvala lolu hlelo wukuthi luhlulekile ukuthola ukusekwa okudingekayo. Ngamanye amazwi sisho ukusekwa okudingeka ukwenelisa abathengisi ukuze lungenise imali ezodlula izindleko zalo.
Ukusekwa lapha kukabili. Okokuqala, uhlelo lwethelevishini (noma lomsakazo) ludinga ukubanababukeli noma abalaleli. Nalapha nohlobo lwababukeli (ngokwesimo sezimali) lubalulekile. Uhlelo olunababukeli abangebaningi kodwa kubengabenezimali, luyathandeka kubakhangisi. Okwesibili, wukusekwa kwabakhangisi, okuyizinkampani ezifuna ukuthola abathengi.
Loku kusekwa okudingwa yizinhlelo zethelevishini nomsakazi yiwona msuka wezinkinga, ikakhulu ezinhlelweni okuhloswe ngazo ukuthi kunikwe ulwazi kwizakhamuzi zezwe. Izakhamuzi azihlukaniswa ngamandla azo ezimali, ngamanye amazwi amandla azo okuthenga. Nokho abakhangisi bakuthatha njengokumosa imali yabo ukukhangisa kubo bonke abantu nabangenamali.
FUNDA NALAPHA: Kuqokwe isikhulu esiphezulu esisha eSABC
Yingakho kwamanye amazwe ohulumeni bengenelela ukuseka ukusakaza ulwazi, izindaba nezokuzijabulisa kuzo zonke izakhamuzi. EBrithani, iBBC ingenisa imali ngendlela efanayo neSABC. Umehluko wukuthi ingxenye enkulu yemali engeniswa yiBBC iphuma kweyamalayisense, ekhokhwa yizakhamuzi.
Ngonyaka wezimali u-2024/25 iBBC yangenisa u£3.8 billion (uR86.3bn) ngamalayisense akhokhelwa yizakhamuzi ngonyaka. Emakhaya awu-28.6 million, iwu-23.8m (u-83%) ekhokhela enamalayisense. I-BBC yangenisa u£2.2bn (R49.9bn) ngokudayisa, okubalwa kukona ukukhangisa. Emalini yokudayisa iBBC yenza inzuzo ewu£161m (uR3.65bn) eyaxhasa izinhlelo zomphakathi ngayo.
Ngo-2024/25 iSABC yathola uR758m ngamalayisense. Ayikho imininingwane yokuthi emakhaya aseNingizimu Afrika awu-19.5m mangaki anamalayisense ewakhokhelayo. Nokho imininingwane ekhishwe yiSABC ikhomba ukuthi le nkampani yathumela izitatimende zokukhokhela amalayisense ezafinyelela kuR4.9bn ngo-2024. Kwangena uR758m kuphela. Loku kuyinkomba yokuthi ingxenye enkulu yemindeni ayifuni ukukhokhela amalayisensi (uR265 ngonyaka).
Imininingwane yeSABC ikhomba ukuthi le nkampani ilinganisa ukuthi iwu-18.6m imindeni yaseNingizimu Afrika enamalayisense kodwa iwu-2.86m kuphela ekhokhela amalayisense. Uma isibalo semindeni ekhokhela amalayisense linganyuka lifinyelele ku-80% wemindeni enamathelevishini, iSABC ingangenisa uR3.9bn ngonyaka, okuyisamba esingenza umehluko omkhulu ekusebenzeni kwayo.
Ngokudayisa isikhathi phakathi kwezinhlelo zayo, iSABC yangenisa uR2.8bn ngo-2024/25. Yangenisa ezinye izimali ezingaphezudlwana kukaR1.1bn ngokuhweba. Usizo lukahulumeni lwabawuR297m.
Yilesi simo esenza izinhlelo zeSABC zibesengcupheni enkulu yokuvalwa ngoba ukusebenza kwale nhlangano kuncike kakhulu ekudayiseni isikhathi ezinhlelweni zayo zethelevishini nomsakazo.
Yingakho umphathi weSABC uNksz uNomsa Chabeli ethi indlela yebhizinisi yeSABC ludlulelwe yisikhathi. Lena yidlela inkampani ehlela ukungenisa imali ngayo, amakhasimende ewafunayo nokuthi iwathola kanjani nokuthi ikuseka kanjani ukusebenza kwayo.
“Indlela yokusebenza kweSABC yasungulelwa isimo esasikhona eminyakeni ewu-50 edlule,” kwasho uNksz Chabeli esitatimendeni sakhe embikweni wonyaka wango-2024/25 weSABC.
Uthi le ndlela yokusebenza incike ekutheni iSABC yenze imali ngokudayisa isikhathi ezinhlelweni zayo bese ithatha inzuzo eyenza ngaloku ixhase izinhlelo zomphakathi.
Ziningi izinguquko esezenzekile, nezisaqhubeka namanje, ezenza le ndlela yebhizinisi zingabinamphumela. Phakathi kwazo kukhona ukwanda kweziteshi ezincintisana neSABC nesivinini sokushintsha kobuchwepheshe osekuvule amathuba okuthi abakhangisi baxhumane namakhasimende.
Zonke lezi zinguquko zikhomba ukuthi izinguquko endleleni yokusebenza kweSABC seziphelelwe yisikhathi. Nokho akunankomba yokuthi uhulumeni uyalusukumela lolu daba. Nezakhamuzi aziyishayi indiva indaba yesimo seSABC, zande ngomlomo nje kuphela, njengoba kwenzeke ngodaba lokuvala i-Face the Nation.
Udaba lweSABC kufanele lusukunyelwe njengoba iziteshi zayo – ezethelevishini nezomsakazo, ziwumthombo wezindaba nolwazi emindenini eminingi ezweni, ikakhulu emindenini ehola kancane.


