Izikhulu zikaMasipala waseThekwini, osomabhizinisi, izazi zomnotho nezinye izinhlaka behlangene esithangamini ebesibheka umnotho kamasipala. Isithombe: Sithunyelwe

ITheku belinesithangami esibheka okwenzeka emnothweni

YINTATHELI KAMASIPALA 

NGEMVA kweNkulumo eBhekiswe esiZweni kamengameli uMnu uCyril Ramaphosa neSabelomali, umNyango wokuSimamisa umNotho kuMasipala waseThekwini ubunesithangami esibheka umnotho waseNingizimu Afrika nemiphumela yawo kulo masipala ngeso elibanzi.

Lesi sithangami, ebesingoLwesibili eRiverside Hotel eThekwini, besihlanganisa abaholi bezimboni ezihlukene, abashaya umthetho nabatshalimali ngaphansi kwendikimba ethi: “From National Reform to Local Growth: Implications for eThekwini”, okusho ukuthi kusho ukuthini eThekwini ukusuka ezinguqukweni zezwe uya ekusimameni komnotho wendawo.   

Umasipala uthe sibalulekile isithangami esinjena ngoba ufuna ukubayidolobha eliqhuba kahle emnothweni futhi eliheha abatshalimali ngokuthi kungabinzima ukuqhuba ibhizinisi kulo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/14/umasipala-wasethekwini-uheha-abatshalimali-basechina/ 

Usomaqhinga wokutshala imali e-Old Mutual uMnu uCarel Odendaal uthe yize okwenzeka emhlabeni kungaletha izinselelo eminothweni yamazwe kodwa izinguquko esezenziwe ukulungisa ingqalasizinda nokuncintisana ezweni zibalulekile ukuheha abatshalimali. 

Umcwaningi womnotho ovakashe eWits University uMnu u-Azar Jammine ukhulume ngokubaluleka kokunciphisa isikweletu sezwe, ukufeza izithembiso zokulungisa ingqalasizinda nokubeka imithetho eqondile ngekusasa lomnotho lezwe. Uthe loku kuyabasiza omasipala emsebenzi wabo.

Imenenja yophiko olusha lokutshalimali kumasipala ngaphansi komNyango wokuThuthukisa uMnotho uMnu u-Afika Ndima ugqugquzele ukubambisana kukahulumeni, imboni ezimele, abacwaningi nezinye izinhlaka. 

Uthe: “Ukubakhona kwezinhlaka ezihlukene kulesi sithangami kubalulekile ngoba kusilekelela ukuthi senze izinhlelo ezinohlonze zangomuso. Uma izinhlelo zethu zokusimamisa umnotho zihambisana nezinguquko ezenziwa wuhulumeni wezwe siyakwazi ukuqinisekisa ukuthi umnotho uyakhula isikhathi eside, okusiza izakhamuzi zaseThekwini.”

Uthe lesi sithangami sisiza imboni ezimele ukuthola amathuba okusebenzisana nomasipala ukuze kusimame umnotho waseThekwini njengoba lo masipala uzimisele ukuheha abatshalimali bakuleli zwe nabaphesheya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page