Izozwela kuwo wonke umuntu impi yeMelika ne-Israel belwa ne-Iran – izingqapheli
WUBONISWA MOHALE
IZINGQAPHELI zomnotho zithi abantu baseNingizimu Afrika bangayibukeli kude impi eseMiddle East ngoba izoshaya kuzwele umnotho wawo wonke amazwe futhi ikhuphule namanani ezimpahla.
Isazi somnotho saseNyuvesi yaKwaZulu-Natali uDkt uSimiso Msomi sithe okwenzeka eMiddle East kuthinta umhlaba wonke ngenxa yokuthi uwoyela okhiqizwa khona usebenza ekukhiqizeni izimpahla eziningi.
“Yize impi iseMiddle East kodwa inomphumela omubi emnothweni. ENingizimu Afrika izophazamisa izinguquko ezinhle ebesezenziwe wuhulumeni ngoba ithenga ngaphandle uwoyela. Ukuvaleka komzila osebenza ukuthutha imiphongolo kawoyela ongahluziwe ewu-20 million ngosuku iStrait of Hormuz kusho ukuthi kunowoyela odingeka emazweni ahlukene ongeke utholakale nezinye izimpahla ezihamba kulowo mzila.
“Kuzonyusa intengo kawoyela odayisayo bese kunyuka amanani okudla nezinye izimpahla. Kuzophazamiseka nezinhlelo zabatshalimali ngoba ngeke banyakaze bengakaboni ukuthi imali yabo ithinteka kanjani kulesi simo. Osomabhizinisi abaya eDubai bazothinteka ngenxa yokuphazamiseka kokuhamba kwamabhanoyi ngoba uma kunempi kubuye kuphoqe ukuthi kume ukuhamba kwawo,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/03/05/impi-esemiddle-east-iphazamise-ukundiza-kwamabhanoyi/
UMsomi uthe ukunyuka kwamanani omphongolo kawoyela ongahluziwe okufinyelela ku$110 izolo (uR1 814), esuka kuR1 161 ezinyangeni ezidlule, kucacisa ukuthi isimo sisazoshuba. Wengeze ngokuth loku kuzophoqa iBhange lomBuso ukuthi linyuse imalimboleko ukulawula amandla emali.
Mayelana nokuthi kukhona yini uhulumeni waseNingizimu Afrika ongakwenza ukuvikela umnotho wezwe kwezinye izindleko, uthe uhulumeni kufanele ugqugquzele ukukhiqiza izimpahla ezihlukene ezweni ukugwema izindleko zokuthenga kwamanye amazwe, into enyusa amanani okuzithenga uma sekuqubuka izimpi.
Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithe ngebhadi iNingizimu Afrika namanye amazwe azophazamiseka ngenxa yamadoda amabili athanda ukuphaka impi, umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump nondunankulu wakwa-Israel uMnu uBenjamin Netanyahu.
Uxwayise ngokuthi isimo sisazoshuba ngoba uTrump benoNetanyahu bafuna ukuqopha umlando ngokuqala izimpi futhi abanandaba nomonakalo owenzeka ngenxa yokuziphatha kwabo.
UDumisa uthe abantu kufanele bazilungiselele ukuthi ngenyanga ezayo uphethroli nodizili kuzonyusa ngemali engaphezu kwangoR1 ngoba uwoyela ongahluziwe uloku unyuka.
Usomnotho Ozimele uMnu uJohn Loos Uthe ukunyuka kwezindleko ngenxa yale mpi kuzokwenza ukuthi abantu bathenge izidingongqangi kuphela, bangathengi ngezikweletu, bangayithengi ifenisha, izimoto nokunye abakwazi ukuphila ngaphandle kwakho.
Isimo sokunyuka kukawoyela ongahluziwe kakhulu uthe sagcina ukubonakala ngesikhathi kuqala impi yeRussia ne-Ukraine ngo-2022.
Esitatimendeni esikhishwe yiRoad Freight Association, isikhulu esiphezulu uMnu uGavin Kelly sinanele ukuthi amanani kawoyela ongahluziwe azoloku enyuka.
“Abantu kufanele bazi ukuthi amanani okuthutha izimpahla azonyuka ngoba nathi siphoqwa wukuthi amanani anyukile. Izitolo zizonyusa amanani ezimpahla ezidayisayo, nabalimi bazophoqeka ukunyusa amanani okudla abakukhiqizayo. Yimbi le mpi ngoba izokhuphula amanani ezimpahla kuwo wonke amazinga omnotho,” kuphetha yena.

