Izindiza ezisuka eKing Shaka International Airport KwaZulu-Natal ziphazamisekile ngenxa yempi ephakathi kweMelika ne-Iran. Isithombe: Sithunyelwe

Impi eseMiddle East iphazamise ukundiza kwamabhanoyi

YINTATHELI YOMBELE

IMPI equbuke phakathi kweMelika ne-Iran isidale isiphithiphithi esiholelele ekutheni abagibeli abagibela izindiza ezisuka eNingizimu Afrika ziye emazweni aseMiddle East ngqo basale dengwane futhi bedidekile ngemva kokumiswa kwezindiza. 

Ngaphezu kokuphazamiseka kwezindiza eziya eMiddle East ngqo, izingqapheli zithi loku kungaphazamisa nabantu abangebona abagibeli bezindiza ngokuthi kunyuke amanani okudla nezinye izidingongqangi ngenxa yokunyuka kwamanani kaphethroli. 

Ngokusho kwe-travel consultant uNks uGillian Saunders embikweni we-Moneyweb, le nyakanyaka eseMiddle East ivalele izinkulungwane zabantu eDoha, eQatar naseDubai – lapho kunesikhumulo sezindiza esimatasa ukuzidlula zonke emhlabeni. Izinkampani zamabhanoyi, i-Emirates, i-Etihad neQatar Airways, zithutha abagibeli abawu-90 000 ngosuku. 

Isikhulu esiphezulu se-Association of Southern African Travel Agents uMnu u- Otto de Vries sithe awu-14 amabhanoyi njalo ngosuku eQatar, i-Emirates ne-Etihad asuka eGoli, eCape Town naseThekwini. Labo abagibeli abalinganiselwa ku-4 200 ngosuku.

Enye yezinkampani  zamabhanoyi ezithintekile i-Emirates imemezele ukuthi isamise izindiza eziya neziphuma eDubai. Esitatimendeni esikhiphile, ithe: “Ngenxa yokuvalwa kwezindawo eziningi zezindiza, i-Emirates isamise ukuya nokubuya eDubai okwesikhashana.”

Inxuse amakhasimende ayo ukuthi aqale abheke isimo ngaphambi kokuya esikhumulweni sezindiza ngoba isimo siqhubeka nokushintsha.

“I-Emirates inxusa amakhasimende ukuthi abheke ukuhamba kwezindiza zawo ku-emirates.com ukwazi ukuhamba kwendiza gaphambi kokuya esikhumulweni sezindiza. Sisiqaphe ngeso elibanzi isimo futhi sixoxisana neziphathimandla ezifanele,” kusho i-Emirates

FUNDA NALAPHA:https://www.umbele.co.za/2025/10/06/i-emirates-izonciphisa-isibalo-sabangasebenzi-eningizimu-afrika/ 

I-Emirates ixolisile kubagibeli abathintekile ngenxa yaloku kuphazamiseka. “Siyaxolisa kumakhasimende aphazamisekile nganoma yiluphi uhlobo futhi siyawasiza ngokubekisa kabusha, ukubuyisa imali noma ngezinye izinhlelo zokugibela. Ukuphepha nokuvikeleka kwabagibeli bethu nezisebenzi yinto ebalulekile kithina.”

UDkt uNtokozo Nzimande, ofundisa ezoMnotho e-University of Johannesburg, uthe le mpi ingase ibenomthelela omubi kwezomnotho waseNingizimu Afrika.

Uthe kungase kuphoqe uhulumeni ukuthi umise izinhlelo zokwehlisa intela bese unyusa izindleko zokuthutha nokudla. Uqhube wathi uthuthuva olunje luvame ukuholela ekunyukeni kwentengo kaphethroli nokuphazamiseka kokuthenga izimpahla phesheya, okugcina kuthinta izindleko zansuku zonke.

Umbele uthumele i-Airports Company South Africa, elawula izikhumulo zezindiza ezweni, nomNyango wokuThuthukisa umNotho nezokuVakasha KwaZulu-Natali imibuzo ngokuthi kuzobayini umphumela waloku kuphazamiseka emnothweni wesifundazwe.

Umkhulumeli we-Airports Company South Africa (i-Acsa) uMnu u-Ofentse Dijoe ukuqinisekile ukuthi ukuphazamiseka kwezindiza kuzobanomphumela omubi emnothweni wokuvakasha. Uthe le nkampani isiqaphile ngeso lokhozi lesi simo.Wengeze ngokuthi bazokhipha isitatimende esiya kwabezindaba maduze. 

Umkhulumeli womyango uNks uSinenhlanhla Mthembu uthembise ukubuyela kuMbele uma eseqede emhlanganweni. 

Okhulumela umNyango woBudlelwano naManye aMazwe uMnu uClayson Monyela unxuse abantu baseNingizimu Afrika abakwa-Israel ukuthi babeke ukuphepha kwabo phambili njengoba isimo sezokuphepha siqhubeka nokubasibi.

“Bheka ukuphepha kwakho ngokushesha nesimo sokuphepha ngokushesha okukhulu. Uma uzizwa ungaphephile noma ungenaso isiqiniseko, siluleka ukuthi unyakaze. Ukuphepha kwakho kusemqoka,” kusho yena.

Unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagweme ukuya eMiddle East uma kungenasidingo noma kungaphuthumi. Uthe:  “Abantu baseNingizimu Afrika abafisa ukuhamba akumele badembesele ukusebenzisa izindlela ezingase zibe khona. Abagibeli ibona abazobhekana nezinhlelo zabo zokugibela. Iziphathimandla ziphinde zaqinisekisa ukuthi isikhumulo amabhanoyi iBen Gurion International sisavaliwe isikhumulo samabhanoyi samabhanoyi e-Israel sivaliwe, okuholele ekutheni zonke izindiza zimiswe. 

“Nokho ukuwela umngcele uya eJordan kuvuliwe futhi kuphakanyiswa ukuthi kungayindlela engase kuphunywe ngayo,” kusho uMonyela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page