Usemningi umsebenzi ekuphuculeni indlela omasipala abaphatha imali ngayo – umcwaningimabhuku-jikelele
YINTATHELI YOMBELE
NJENGOBA iNingizimu Afrika izobanokhetho lohulumeni basekhaya, umncwaningimabhuku-jikelele uthi simo sikahulumeni wasekhaya siyaqhubeka nokubasibi ekuletheni izidingo emphakathini.
Usho kanje uNksz uTsakani Maluleke ngenkathi eyisikhulumi emcimbini weFW de Klerk Foundation Annual Conference eThe Radisson Collection Hotel eCape Town ngoLwesibili.
Indikimba yenkulumo kaNksz uMaluleke ibibheka amathuba nezinselelo zomasipala ukwenza umsebenzi wabo ngokomthethosisekelo.
Uthe umbiko womcwaningimabhuku-jikelele wonyaka ulahlisa ithemba ngenxa yemiphumela emibi ngonyaka wezimali u-2023/24. Bawu-41 kuphela omasipala baseNingizimu Afrika kwabawu-257 abathole imibiko engakhombisi gcobho.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/20/ihhovisi-lomcwaningimabhuku-jikelele-likweletwa-ur13-billion/
Uthe omasipala abawu-13 abazilethanga ngesikhathi izitatimende zemali nemibiko yokusebenza kwabo kanti abayisikhombisa behluleke kaningi ukuziletha. Bonke labomasipala baphethe isabelomali esiwuR6.85 billion.
UNksz uMaluleke uthe omasipala abayishumi bathole imibono yocwaningomabhuku imibiko emubi kunayo yonke, okusho ukuthi abacwaningimabhuku abakwazanga ukuthola ubufakazi bemininingwane eminingi ezitatimendeni zabo zemali.
“Yize izinto ziphucukile ezinhlakeni zikahulumeni, njengoba omasipala abawu-17 bethole imibiko engekhombisi gcobho eminyakeni edlule, kodwa izinto zibuye emuva ngonyaka wezimali u-2023/24. Omasipala abathathu kuphela athuthukile, kanti abane bahlehla. Omasipala abayisikhombisa eMpumalanga, eKapa naseNorth West bathole imibono yocwaningomabhuku emibi iminyaka emithathu kuya kweyisishiyagalombili ilandelana,” kusho yena.
UNksz uMaluleke uzwakalise ukukhathazeka ngokuqhubeka komasipala ukuthembela kongoti abazime ukwenza umsebenzi wabo, walinganisa ngeLimpopo neNorth West. Omasipala basebenzise uR848,85 million kongoti ngo-2023/24, nokho omasipala abawu-101 basenamaphutha emibikweni ehlanganiswe wongoti abazimele.
Yonke imibiko yokucwaninga amabhuku ikhombisa imiphakathi enenkinga yokulethelwa amanzi, ingqalasizinda engasebenzi kahle nokungabibikho kwentuthuko. Ubalule uhlelo lokwakha izindlu eNanda, eThekwini, lapho sekuqedwe izindlu eziwu-29 kweziwu-343 ezazithenjisiwe ngonyaka odlule nakuba izindleko zikhuphuka, nengqalasizinda yokuthutha indle eSeshego, eLimpopo, eqala ukwakhiwa ngo-2018 kodwa kuzekube manje ayikaze iphele nakuba usonkontileka esekhokhelwe uR114,9m wesabelomali esasibekiwe esiwuR152.1m.
Uvumile ukuthi ohulumeni basekhaya basebenza ngaphansi kwesimo esinzima nomnotho, ukuntuleka kwemisebenzi okukhulu, ukungalingani, ingqalasizinda egugayo nokwanda kwezidingo kanti izakhamuzi ziphelelwa yisineke ngenxa yokungafezwa kwezithembiso ezenziwayo.
UNksz uMaluleke uthe lezi zinselelo zidinga abaholi bepolitiki abanekhono, izisebenzi zomasipala ezinekhono nezikwazi uphendulela ngomsebenzi. Ubale iqhaza lezimeya namakhansela ekuphatheni, waxwayisa ngokuthi uma leli qhaza lingaqondwa kahle noma lingabukelwa phansi, imiphakathi ingaba nemiphumela.
Uzwakalise ukukhathazeka ngomasipala abakhulu, ababephethe uR295.2bn ngonyaka wezimali u-2023/24 nabahlinzeka amakhaya awu-8.9m ngosizo kepha wathi kunzima ukuthi bahehe izisebenzi ezinamakhono.
UNksz uMaluleke uphethe ngokuthi ukuthuthukisa ohulumeni basekhaya kuncike ekukhetheni nasekuqasheni abantu abanekhono nabaqotho.

