Wenza impilo ibelula kumakhasimende onomahambanendlwana wobuhle
WUTHOBILE ZWANE
CABANGA uthi uzibekele isaka lakho lokugeza egunjini lokugeza kodwa uthi usufuna ukulisebenzisa ukugeza ulithole linuka iHandy Andy.
UNksz uReabetswe Mafisa wasePitoli, eGauteng, wabhekana nalesi simo ngemva kokuthi bekade benezivakashi kubo ezasebenzisa isaka lokugeza ukuwasha ubhavu. Le ntokazi oneminyaka ewu-37 yasungula i-Ease Mobile Spa neKgetsi Body Scrub, umahambanendlwana onakekela isikhumba sabantu futhi ibabhucabhuce.
“Umqondo wafika lapho wokuthi ukuze silungise indida yokungazi ukuthi isaka elilengiswe egunjini lokugeza ngelani. Ngafikelwa wukuthi ngiyishintshe le nto ibeyinto yokunakekela isikhumba,” kusho yena
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/31/babhucabhucha-abantu-lapho-bekhona-mihla-yonke/always
“Emva kokuphothula uMatikuletsheni ngenza ucwaningo, ngathola indawo yokuthi kufundelwa kuphi (ukucwala isikhumba) nolunye ulwazi,” kusho yena. Namuhla ugabe nge-Diploma in Beauty & Skin Care Therapy yaseCamelot International.

“Ibhizinisi lokubhucabhuca ngaliqala ngo-2014, kwathi ngo-2016 ngaqala iKgetsi Body Scrub, imikhiqizo owenziwe ngesaka lokugeza engilidayisa online,” kusho uNksz uMafisa.
Amanani aqala kuR55 kuya kuR65, kanti ama-combo aqala kuR90 kuya kuR110.
Njengoba i-Ease Mobile Spa iyibhizinisi eliwumahambanendlwana wabhekana nenselelo ekuqaleni. Wayengenamoto nezincwadi zokushayela, izinto ayezidinga ukufinyelela kumakhasimende akhe. Wayesizwa abakubo nabangani bakhe ukumhambisa kumakhasimende.

Kwake kwanzima ebhizinisini kwathi ngomunye unyaka waphoqeka ukudiliza izisebenzi eziyishumi. Manje usele nezisebenzi ezinhlanu eziqashwe ngokugcwele nezinye ezisebenza ngezikhathi ezithile.

Iseluleko sakhe kwabafisa ukuqala ibhizinisi sithi: “Ungawuyeki umsebenzi wakho uma ibhizinisi lingakwazi ukukhokhela izidingo zakho ngoba awufuni ukuzithola usesimweni lapho ungakwazi ukukhokhela izinto noma ukuzondla. Ngeke wenze isigidi ngokushesha ngenyanga yokuqala. Ukuqala kubalulekile nokukwazi ukuzikhangisa,” kusho yena.
UNksz uMafisa ufisa ukukhulisa ibhizinisi lakhe lize likwazi ukufinyelela nasemaphethelweni eGauteng kuthi imikhiqizo yeKgetsi Body Scrub ifinyelele nasezitolo ezinkulu.
Facebook: Kgetsi
Facebook: Ease Mobile Spa
Instagram: @kgesi4skin

