Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi ithimba ebelimele iNingizimu Afrika libenezingxoxo ezinhle nabatshalimali kwiWorld Economic Forum. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ihambe kahle kwiWorld Economic Forum, yabuya nomhlangano omkhulu 

YINTATHELI YOMBELE 

ININGIZIMU Afrika izokwenza umhlangano okhethekile weWorld Economic Forum (iWEF) i-Spring Summit ngo-Ephreli wangonyaka ozayo.

Lezi zindaba zidalulwe wungqongqoshe womNyango weziNdaba zangaPhandle uMnu uRonald Lamola ngoLwesihlanu, ngemva kwemihlangano yeWEF ebiseDavos, eSwitzerland. 

“Lo mhlangano ubalulekile ukuqinisekisa ukuthi sixoxa ngokwenzeka kwipolitiki yomhlaba wonke nakwezomnotho. Ngo-Ephreli wonyaka ozayo kuzobe kuhlangene abaholi bamabhizinisi nabepolitiki eNingizimu Afrika bezokhuluma ngezindaba zokusebenzisana kwabantu bamabhizinisi nabepolitiki ukusimamisa umnotho e-Afrika nasemhlabeni wonke,” kusho ungqongqoshe. 

Uthe iNingizimu Afrika njengoba inomnotho osimeme uma iqhathaniswa namanye amazwe ase-Afrika izwi layo libalulekile kakhulu.

Unxuse abantu baseNingizimu Afrika, izinhlangano ezisiza umphakathi, imboni ezimele nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuthi ziphathe kahle abazobe beze emhlanganweni weWEF ngonyaka ozayo njengoba zenzile ngesikhathi seG20. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/21/iningizimu-afrika-kufanele-iyeke-ukwanda-ngomlomo-ngezindaba-zomhla-kodwa-iqale-ngokuqinisa-izikhwepha-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Khonamanjalo, ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana, obehola ithimba laseNingizimu Afrika emihlanganweni yeWEF, ephele ngesonto elidlule, uthe uhambo lwabo lubeyimpumelelo ngoba bakwazile ukuhlangana nabatshalimali nabanye abantu abangasebenzisana nabo kwezamabhizinisi. 

Kuleli thimba ebeliholwa wuGodongwana, njengoba ebengekho umengameli uMnu uCyril Ramaphosa, bekukhona uLamola, ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau, ungqongqoshe womNyango wamaBhizinisi amaNcane uNks uStella Ndabeni, ungqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa nongqongqoshe womNyango wezokuVakasha uNkk uPatricia de Lille.

“Sifike sabachazela okuhle esesikwenzile njengoba ngonyaka odlule sasinenselelo yokucima kukagesi kodwa kulo nyaka sifike sabatshela abatshalimali ukuthi ugesi awusacimi. Sifike nobufakazi obushiwo wosozimboni abasebenza eNingizimu Afrika,” kusho yena. 

Uthe bachazile nokuthi izinguquko zikahulumeni ngezinhlelo ze-Operation Vulindlela zihamba kahle njengoba ugesi ungasacimi futhi namachweba esebenza ngendlela. 

Ubalule ukuthi babachazelile abatshalimali nangokusuka kweNingizimu Afrika ohlwini lweFinancial Action Task Force lwamazwe angenayo imithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali esebenza ukuxhasa ubushokobezi. 

Uphethe ngokuthembisa abatshalimali ukuthi bazoqhubeka nokwehlisa isikweletu sezwe, baphathe kahle izimali baqinisekise ukuthi ingqalasizinda isebenza kahle, esindala izovuselelwa ngokwezinhlelo zeVulindlela futhi imithetho elawula izwe abatshalimali bangaqiniseka ukuthi ayiguquki noma kanjani. 

Uthembise ukuthi bazoqhubeka nokukhuluma ngezinhlelo zokwehlisa izikweletu, ikakhulu ezamazwe aneminotho esasimama, izinkinga zokuguquguquka kwesimo sezulu nokuxhasa ukwakha ingqalasizinda ezomelana naso ziyaqhubeka nokudingidwa nezinguquko abafuna ukuzibona zenzeka ngemithetho yentela emhlabeni jikelele nasezikhungweni ezibolekisa ngemali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page