Umsunguli weLivestock Wealth uMnu uNtuthuko Shezi nenkampani yakhe bahlawuliswe yiFinancial Sector Conduct Authority ebiphenya umsebenzi wabo. Isithombe: Sithunyelwe

Luphothuliwe uphenyo ngeLivestock Wealth

WUBONISWA MOHALE

UMLAWULI wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) uluphothulile uphenyo ngeLivestock Wealth, inkampani esiza abantu ukuthi batshale imali kwimfuyo kodwa bengenamapulazi. 

I-FSCA yaxwayisa abantu ukuthi baqaphele uma besebenzisana neLivestock Wealth ngo-2024. Izolo ikhiphe isitatimende sokuthi isiluqedile uphenyo ebilwenza ngale nkampani, yayishaya ngoswazi oluncane.

I-Livestock Wealth yasungulwa ngo-2015 kanti iphethe umnotho wezolimo owuR100 million ohlanganisa izinkomo, izihlahla ze-macadamia nama-orintshi. Idayisa amabhokisi awu-75 000 ama-orintshi ngonyaka, ayingenisela uR15m kanti isidale imisebenzi ewu-200. 

I-FSCA ithe ibiphenya iLivestock Wealth neLivestock Wealth Financial Services njengoba yayibona ukuthi lezi zinkampani zisiza abantu ngokutshala imali.

“Sithole ukuthi iLivestock Wealth ibisebenzisa i-financial service provider number (iFSP) yeLivestock Wealth Financial Services. Sithole ukuthi amabhizinisi asemthethweni futhi iLivestock Wealth nomsunguli wayo uMnu uNtuthuko Shezi bebekhangisa futhi bekhuthaza abantu ukuthi batshale imali emikhiqizweni yezolimo. Ayidingeki imvume ukwenza loku,” kusho umlawuli wemboni yezimali. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/10/20/uhlanganise-uthando-lwemfuyo-nobuchwepheshe-ogila-izimanga-kwezolimo-njengoba-namhlanje-elawula-imfuyo-nezivuno-zenani-likar100-million-ulandisa-uslindile-khanyile-ngomsebenzi-wakhe/

Nokho ithe  izohlawulisa uShezi neLivestock Wealth uR50 000 ngamunye ngokufaka i-FSP number yeLivestock Financial Services kwi-website yayo. Loku ngokweFSCA kwakha isithombe sokuthi yinamba yeLivestock Wealth lena, okuthathwa njengokukhohlisa. 

Ngenxa yalesi sizathu kutholakale ukuthi iLivestock Wealth noShezi baphule isigaba 111(4) somthetho i-Financial Sector Regulation no-9 wango-2017 ofundwa uhambisana nesigaba 8(9)(b) se-Financial Advisory and Intermediary Services Act no-37 wango-2002 noRegulation 3(b) we-Financial Advisory and Intermediary Services Regulations wango-2003. 

I-FSCA ithi imvume yeLivestock Wealth Financial Services iphelelwe yisikhathi ngenxa yokuthi ike yangasebenza isikhathi. Ithe ngesikhathi ithatha isinqumo zonke izinhlaka ezithintekayo bezisebenzisana nayo ngesikhathi sophenyo. 

Esitatimendeni seLivestock Wealth, ithe ikuthakasele ukuphela kophenyo lweFSCA emva kweminyaka emibili. 

Ithe isixwayiso seFSCA sango-2024 sayenza yabanyamana mbana futhi yadala nokukhathazeka kubatshalimali bayo, abalimi esebenzisana nabo nasezisebenzini zayo. 

Umphathi wezokuxhumana eLivestock Wealth uNks uSibongile Shezi uthe: “Sisebenzisane neFSCA ngesikhathi sophenyo, saphendula yonke imibuzo futhi sayinika igunya lokubheka wonke amabhuku ethu nokungena kwemali kithina. 

“Siyakuthakasela ukuthi emva kophenyo olunzulu nokuhlaziya kabanzi umsebenzi wethu, kuhlalukile ukuthi awukho umthetho wokusebenza ngemali esiwuphulile owawubhalwe esitatimendeni sango-2024,” kusho yena. 

Uthe okwashiwo ngo-2024 kwabenza babukeka sengathi bayibhanoyi kodwa manje sekucacile ukuthi konke abakwenzayo kusemthethweni futhi imali yabatshalimali isebenza ngendlela efanele. 

Uthe babuthumela nobufakazi bokuthi ukusebenzisa kwabo inombolo yeFSP yeLivestock Financial Services kuhambisana nezinhlelo zabo zebhizinisi ezaphasiswa yiFSCA ngo-2021. 

Yize kunjalo uthi iLivestock Wealth ihlawuliswe uR50 000 nomsunguli wayo oyisikhulu esiphezulu uShezi futhi noma bazi ukuthi bebesebenza ngokwezinhlelo zabo zebhizinisi ezaphasiswa yiFSCA kodwa bayikhokhile inhlawulo futhi abasidlulisanga isinqumo. 

“Kunaloko sesiqalile ukusebenza njengoba sifuna ukubuyisa ithemba (kumakhasimende), sizibonakalise emakethe esisebenza kuyona futhi senze umehluko kuzo zonke izinhlaka esisebenza nazo. 

“Lezi zinyanga eziwu-24 bezinzima kithina kodwa siqhubekile nokusebenza yize besibukwa ngabantu. Sithanda ukubonga amabhange asebenzisana nathi, abatshalimali, abafuyi nabalimi, abalingani nezisebenzi ngokubekezela nokusithemba kwabo ngalesi sikhathi,” kusho yena. 

Uthe bazongena esigabeni esisha ngamandla amasha njengoba beqhubeka bedlondlobala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page