INingizimu Afrika kufanele iyeke ukwanda ngomlomo ngezindaba zomhla kodwa iqale ngokuqinisa izikhwepha, kuloba uJabulani Sikhakhane
IQUKETHE isifundo esikhulu kwiNingizimu Afrika inkulumo kandunankulu waseCanada uMnu uMark Carney, ayithule ngoLwesithathu kwiWorld Economic Forum, umhlangano waminyaka wonke obaseDavos, eSwitzerland.
Le nkulumo ishayelwe ihlombe emazweni amaningi ngoba yeneka obala, ngamazwi aqondile, ushintsho kwezokuphatha emhlabeni wonke nobudlelwano phakathi kwamamazwe. Lolu shintsho lungene kwelinye izinga emva kokuthatha izintambo zombuso eMelika kukaMnu uDonald Trump.
Izinyathelo zikaTrump sezibeke amazwe amaningi, okukhona phakathi kwawo neNingizimu Afrika, endaweni lapho ezongqubuzana neMelika khona.
U-Carney ukubeke kwacaca ukuthi okwenzeka emhlabeni kulezi zinsuku akulona uguquko olungathathwa njengohambo lokusuka esimweni esijwayelekile kuyiwa kwesinye. Uthe ukugqabuka kwegoda.
Uqhubeke wathi amazwe aphakathi nendawo ngobukhulu bomnotho nezempi kufanele angathuli nje ngalesi simo futhi kufanele abambisane ukuze asimame.
Isifundo esikhulu kwiNingizimu Afrika kule nkulumo kaCarney wumlayezo wakhe ngezinyathelo ezithathwa yiCanada ukuzilungiselela ukumelana nalolu guquko. Ugcizelele ukuthi iCanada ayimile nje kuphela kwizimiselo zayo kodwa futhi incike emandleni ayo.
Ubalulekile lo mlayezo kuleli zwe (eNingizimu Afrika), eselidume ngokwanda ngomlomo ezindabeni zomhlaba kodwa libelintenga kakhulu kwezomnotho nakwezempi.
U-Carney wathatha izintambo zombuso eCanada ngoMashi wonyaka odlule emva kweminyaka eminingi ewumphathi weBhange lezwe eNgilandi (iBank of England). Ngaphambi kokuphatha ibhange laseNgilandi wayephethe iBank of Canada.
Uthe seloku ethathe izintambo zombuso uhulumeni wakhe usuwehlise inani lentela elikhokhwa yizakhamuzi, intela kwinzuzo eyenziwa abantu namabhizinisi emalini abayifaka emabhinizinisini noma abathenga ngayo amasheya ezimakethe zezimali.
Uthe iCanada isiphasisa ngokushesha ukutshala imali okulinganiselwa kuma-trillion kwezamandla, kwezobuchwepheshe obusamuntu, imigudu emisha yohwebo nokumbiwayo ezithathwa njengezimqoka ezinhlelweni zamazwe omhlaba zokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu.
I-Canada isemkhankasweni wokuphinda kabili imali eyisebenzisele ezokuvikela kwezwe ngo-2030. Izokwenza loku ngendlela efukula izimboni zezwe.
Ugcizelele ukuthi ukwakha umnotho onamandla wezwe kwehlisa amathuba okuphoqwa izwe eliyisikhondlakhondla ukuthi kwenziwe intando yalo. Ukwakha umnotho onamandla kufanele kubeyinjongo eseqhulwini labo bonke ohulumeni.
Ubalulekile lo mlayezo ngomnotho njengoba iNingizimu isiyande ngomlomo ezindabeni zomhlaba wonke. Isukumele udaba lwasePalestine, yamangalela i-Israel enkantolo yomhlaba ithi i-Israel ibhubhisa abantu basePalestine.
Lesi sinyathelo senza leli zwe labanyamanambana kubangani be-Israel, ikakhulu iMelika, kangangokuthi kusalindeleke ukuthi uTrump alithathele izinyathelo.
U-Carney uthe amazwe afuna ukumela imigomo yobuqotho kufanele anciphise amathuba okuhlukunyezwa ngamazwe angavumelani nawo.
Sekuyiminyaka umnotho weNingizimu Afrika ukhula ngezinga eliphansi, elingenele izidingo zalo. Sikhuluma nje, iNingizimu Afrika ingenye yamazwe aphamabili emhlabeni ngesibalo sabantu abantula umsebenzi. Ngokwemibiko yeWorld Bank, umnotho waleli zwe wakhula ngezinga elingaphansi ngokuphindwe kane kunelamazwe asezingeni elilingana nelayo ngokomnotho phakathi kwango-2014 no-2024.
Nohulumeni awunayo imali eyanele ukumelana nezidingo zokuvuselela nokwakha ingqalasizinda entsha. Izibhedlela, imitholampilo nezikhungo zemfundo (izikole namanyuvesi) akukho esimweni sokumelana nezidingo zezwe.
U-Carney uthe phakathi kwezinto iCanada enazo ezidingwa wumhlaba abantu abafundile. Uthe abantu baseCanada bangabanye babantu abafunde kakhulu emhlabeni jikelele. Izikhwama zempesheni eCanada zingezinye zezinkulu emhlabeni wonke futhi zingabatshali abakhulu ezimakethe zezimali emhlabeni.
Uchaze iCanada njengezwe elinamandla kwezezimali, amakhono kanti nohulumeni unamandla kwezezimali ukuthatha izinyathelo ezimqoka.
Ayinako konke loku iNingizimu Afrika. Uhulumeni – emikhakhe yomithathu (omasipala, abezifundazwe nowezwe lonke) – uyantenga kwezamakhono ezisebenzi nakwezezimali.
Asisakhulumi ngezempi. INingizimu Afrika ingeke ikwazi ukuzivikela ngoba ingxenye enkulu yamabhanoyi ayo ezempi aseneminyaka engekho esimweni esilungele ukwenza umsebenzi.
Kubikwa nokuthi abashayeli bamabhanoyi abanikwa isikhathi esanele sokuzicija. Emabhanoyi empi, abashayeli kufanele bathole amahora athile ngenyanga besemoyeni ukuzicija amakhono abo. Akusenzeki loku kuleli zwe ngoba umnyango wezempi awunamali eyanele ukuthenga uphethroli wamabhanoyi neyokuwakhanda nokuwandisa noma ukuthenga amasha.
Ngakho-ke okubalulekile ngenkulumo kaCarney wumlayezo wakhe othi izwe elifuna ukumela imigomo yobuqotho kwezomhlaba ngokubhekana ngqo nezikhondlakhondla kufanele libenamandla kwezomnotho. Imizamo yeNingizimu Afrika ifiphele kuloku – yande ngomlomo nje kuphela.


