Umqoqintela unxusa abaphethe ama-trust ngomnqamulajuqu
YINTATHELI YOMBELE
I-SOUTH African Revenue Service (iSars) ikhumbuza abantu abaphethe izikhwama ezingamele izimpahla zabantu, phecelezi ama-trust, nabathola imali kwezinye izindawo ngaphandle komholo ukuthi bathumele imininingwane yabo ngokushesha.
Umqoqintela uthi kubalulekile ukuthi bathumele i-ITR2T neminye imininingwane edingeka kubantu abathola imali ngezinye izindlela kungakadluli umhlaka-19 kule nyanga.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, iSars ithe ukukhumbuza abantu ukuthi bathumelele imininingwane yabo yentela kuyingxenye yezinhlelo zayo eziqhubekayo zokukhuthaza abakhokhintela ukuthi balandele umthetho nokuvikela isikhwama sezwe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/23/abakhokhintela-basakholelwa-ekubambeni-ulayini-ukuze-basizwe-wumuntu-esars/
Ithe kubalulekile ukuthumela yonke imininingwane namaphepha adingekayo ukuze uhlelo lokuthumela okuthinta intela luqhubeke ngaphandle kwezihibe. Ithembise ukuthi inezinhlelo eziqinile ezivikela imininingwane yabantu futhi bayakwazi nokwenza izinguquko zemininingwane yabo yasebhange.
Abaphathi bama-trust abadinga ukushintsha imininingwane siqu sabo bangaya emagatsheni eSars aseduze nabo.
Ama-trust anamalungu angaphansi kwayishumi athembele kuwo futhi angabhalisile ohlelweni lokuthumela imininingwane yentela nge-internet, angathumela imininingwane yawo egatsheni leSars. Kufanele abekise isikhathi sokuya egatsheni leSars futhi alungise wonke amaphepha adingekayo uma eseya khona. I-Sars ikhumbuze ama-trust ukuthi kubalulekile ukulandela umthetho wokufaka imininingwane yentela ngoba ukungakwenzi loku kungaholela ekutheni ahlawuliswe.

