Abanye onogada beMafoko Security Patrols bawuqale kabi unyaka njengoba bengakawutholi umholo wangoDisemba. Isithombe: Sithunyelwe

Isaqhubeka ‘nokuphula umthetho’ iMafoko Security Patrols

WUTHOBILE ZWANE 

UMFELANDAWONYE wezinyunyana iSouth African Federation of South African Trade Unions (iSaftu) ithi uhulumeni kufanele ujezise kanzima inkampani yonogada iMafoko Security Patrols, esiphinde yahluleka ukuholela izisebenzi ngoDisemba. 

Unobhala-jikelele weSaftu uMnu uZwelinzima Vavi uthi iMafoko ikujwayele ukungaholeli izisebenzi ngesikhathi ngoba nangonyaka odlule bezikhala esifanayo. 

“IMafoko Security Patrols iphula imithetho eminingi evikela izisebenzi ngoba ayifuni ukuziholela ngesikhathi, ayiyidluliseli esikhwameni sempesheni imali yempesheni, yize iyibamba emaholweni azo. Ayidluliseli nemali yomshwalense i-Unemployment Insurance Fund

“Sikhathele wukuthi uhulumeni uloku ukhala kanye nathi kodwa ube uqhubeka nokugixabeza le nkampani ngezinkontileka. Kufanele uyijezise kanzima ngoba phela yiwona oyinika izinkontileka zokugada ezibhedlela, ezikhumulweni zamabhanoyi, ezikhungweni zemfundo ephakeme naseSishayamthetho saseGauteng,” kusho yena.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule iMafoko iyalelwe wumxazululi wezindaba zempesheni nezinkantolo ukuthi ikhokhele izisebenzi imali yempesheni ebiyibamba kodwa ingayidluliseli esikhwameni sempesheni yonogada.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/08/aphelile-amahlathi-okucasha-ezinkampanini-zonogada-ezingayikhokhi-impesheni/

Uthi kufanele iMafoko iveze ubufakazi bokuthi iyayilandela imithetho evikela izisebenzi nobufakazi bokuthi imali eyidonsa emiholweni iya ezindaweni ezifanele. Uma iqhubeka nokuphula umthetho kufanele uhulumeni uyiphuce izinkontileka. 

UVavi namanye amaqembu epolitiki baphakamise ukuthi onogada kufanele baqashwe ngokugcwele wuhulumeni bangabi ngaphansi kwezinkampani ezithola amathenda ngoba ziyabaxhaphaza. 

Yize ezinye izinkampani zikahulumeni nezikhungo zawo zingashongo ukuthi ziyikhokhele yini iMafoko imali ngoDisemba kodwa unobhala weSishayamthetho saseGauteng u-Adv uMpho Maloka uthe bayikhokhela ngomhlaka-5 iMafoko imali yayo.  

Uthi bamangele uma sebethola ukuthi izisebenzi aziholanga ngoDisemba futhi kuze kwaqala unyaka omusha zingaholile.

Uthe bazothatha izinyathelo zomthetho uma lo mkhuba uqhubeka ngoba sebeke bayixwayisa iMafoko ngalesi senzo.

Bethintwa izolo abeMafoko Security Patrols ukuzwa uhlangothi lwabo, bathe ngeke bakwazi ukuphawula kodwa kungcono bashayelwe kusasa (ngoLwesithathu). 

Izisebenzi ezikhulume neSaftu zithe abaphathi benkampani bazitshele ukuthi wonke umholo uzobe usukhokhiwe ngomhlaka-15 wale nyanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page