I-Sars iqoqe intela ewuR2.3 trillion – umbiko
YINTATHELI YOMBELE
UMBIKO womGcinimafa nomqoqintela iSouth African Revenue Service (iSars) uveza ukuthi intela eqoqiwe kunyaka wezimali wango-2024/25 inyuke ngo-6,9%, yabawuR2.3 trillion.
Embikweni walo nyaka wentela iSars ibibheka intela ebingena kusukela ngonyaka wezimali wango-2020/21 kuze kubemanje.
Umbiko uthi ngokwakha isisekelo esifanele sokuqoqa intela iSars iyakwazi ukusiza uhulumeni ukuthi ufeze izidingo zawo. Kuvela ukuthi intela iloku inyuka minyaka yonke njengoba ngonyaka wezimali wango-1994/95 yayinyuke ngoR113.8 billion, kwathi ngonyaka wezimali wango-2024/25 yafinyelela kuR1 855.3bn, okusho ukuthi njalo ngonyaka inyuka ngo-9,8%.
Onyakeni wezimali wango-2024/25 iSars ikhokhele abakhokhintela uR447.3bn, okuyimali enyuke ngoR33.4bn noma u-8,1% uma kuqhathaniswa neyangonyaka odlule. Intela eqoqwe emabhizinisini ibewuR1.9trn, yanyuka ngoR114.4bn kweyangonyaka odlule.
Ukunyuka kwentela eqoqwe kwizisebenzi i-personal income tax kuwumphumela wokunyuka kwezindleko zomshwalense, ezezindawo zokuhlala, izinsiza zebhizinisi nezinhlaka ezisiza umphakathi ezikhokhisa intela ngemali umuntu asuke eyisebenzisile.
Intela eqoqwe kwizinkampani i-company income tax inyukile kodwa intela eqoqwe embonini yezimayini yehlile ngenxa yokwehla kwamanani okumbiwayo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/21/i-sars-ibuyisele-abakhokhintela-izigidigidi/
I-Sars ithi nezinhlelo zayo zokugqugquzela ukulandela imithetho yentela zisizile ukunyusa intela eqoqiwe. Uhlelo lwayo olukhuthaza abantu ukuthi bakhokhe intela lungenise uR304.0bn kulo nyaka wezimali uma kuqhathaniswa noR260.5bn owawungene ngonyaka wezimali wango-2023/24, okusho ukuthi lolu hlelo luyinyuse ngo-16,7% intela engenayo.
Okunye okutholakale kulo mbiko:
Okuqala, umbiko ukhombisa ukuthi intela eqwoqwe kubantu abasebenzayo ingenise u-39,5% wayo yonke intela engenile kulo nyaka. Kunyuse imali engene emnothweni ngo-25,1% ngonyaka wezimali wango-2024/25, isuka ku-22,3% ngonyaka wezimali wango-2020/21.
Okwesibili wukuthi uma kuphela uMashi wangonyaka odlule intela yezisebenzi inyuke ngo-4,3%, okusho ukuthi sebewu-27.1 million abantu abakulesi sigaba sabakhokhintela. Kulindeleke ukuthi ngonyaka wezimali wango-2024 babe wu-7.7m abathumela imininingwane yabo yentela.
Okwesithathu wukuthi iminingwane yentela yezinkampani iveze ukuthi ezinkampanini eziwu-1 228 437 ezithumele imininingwane yazo yentela ngomhlaka-31 wango-Agasti wango-2023, eziwu-21.7% zingenise imali enhle eyenze ukuthi umqoqintela akwazi ukuthatha intela, kwathi eziwu-54% kwabayizinkampani ezingakwazi ukukhokha intela, eziwu-24.3% kwabeyizinkampani ezilahlekelwa yimali.
Okwesine kuvela ukuthi ziwu-900 285 izinkampani ezibhalisele ukuthi zikhokhisa intela yezimpahla i-value added tax (i-VAT). Eziwu-496 858 noma eziwu-55,2% yizinkampani ezisebenzayo. Eziwu-82,5% yizinkampani ezinkulu nama-close corporation.
Okwesihlanu wukuthi intela engena ngenxa yezimpahla zakwamanye amazwe ezidayisa kuleli zwe iwu-14.1%, kuthi engena ngenxa yezimpahla zakwamanye amazwe ezithengwa ngabantu baseNingizimu Afrika ibewu-4,1%.
Okwesithupha yintela yokudayisa izimpahla ezithile njengama-bond, ama-stock i-capital gains tax, i-transfer duty, ama-mineral and Petroleum Resources Royalty (iMPRR), iSouthern African Customs Union (iSacu) nekadizili.
Intela yeMPRR yehle ngoR5.3bn noma u-33,4%, isuka kuR16.0bn yabawuR10.6bn ngonyaka wezimali wango-2024/25.
Mayelana nentela yeSacu, iNingizimu Afrika ingenise u-97.1% onyakeni wezimali wango-2024/25 uma kuqhathaniswa no-97.5% owawungene ngo-2023/24. I-customs revenue Pool yonyaka wezimali wango-2024/25 ibe wuR143.3bn inyuke ngoR11.9bn noma u-9.1% uma iqhathaniswa neyango-2023/24.
Imininingwane yalo mbiko itholakala kwi-website yomGcinimafa ethi www.treasury.gov.za neyeSars ethi www.sars.gov.za. Umphakathi ungaphawula ngokuthumela i-email ku-taxstatistics@sars.gov.za.

